2025
IVangeli likaJesu Kristu eliGxile eMndenini
NgoNovemba 2025


UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona ngoNovemba 2025

IVangeli likaJesu Kristu eliGxile eMndenini

Imfundiso yethu nenkolelo yethu emindenini yaphakade iyasiqinisa futhi iyasibopha.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyabonga ngokungikhulekela kwenu. Ngiyizwile.

I.

Imfundiso yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina igxile emndenini. Okubaluleke kakhulu emfundisweni yethu ngomndeni yithempeli. Izimiso ezitholakala lapho zisivumela ukuba sibuyele njengemindeni yaphakade lapho kukhona khona uBaba wethu oseZulwini.

Kusuka ngengqungquthela jikelele yenyanga ka-Ephreli 2025, uMongameli Russell M. Nelson wayazise ngokwakhiwa kwamathempeli amasha angamakhulu amabili. Ubekuthanda ukumemezela ngamathempeli amasha lapho sekuphela ingqungquthela jikelele ngayinye, futhi sonke besijabula naye. Kodwa-ke, njengoba kusekhona isibalo esikhulu samathempeli asasesigabeni esisha sokuhlelwa nokwakhiwa, kufanele ke sithi ukuma ngokwazisa ngamathempeli amasha. Ngakho-ke, ngokuvuma komGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, asizukwazisa ngamathempeli amasha kulengqungquthela. Manje sesizoqhubeka nokunika izimiso zethempeli kumalungu eBandla emhlabeni wonke, kubalwa nokuthi kunini nakuphi lapho sizokwazisa khona ngokwakhiwa kwamathempeli amasha.

Ingxenye yenkulumo yami engisanda kuyethula yabhalwa emva kokufa kukaMongameli wethu othandekayo uRussell M. Nelson. Okulandelayo manje kwabhalwa kwavunywa emasontweni ngaphambilini, kodwa kusamele izimfundiso zami, ezifunzelelwe yiNkosi.

II.

Isimemezelo ngomndeni, esaziswa eminyakeni engamashumi amathathu edlule, sikusho nokusho ukuthi “umndeni umiswe nguNkulunkulu” nokuthi “ubaluleke kakhulu ngokuphathelene nohlelo lukaMdali lwalokho abantwana Bakhe abadalelwe kona ingunaphakade.” Sikusho nokusho ukuthi “umyalelo kaNkulunkulu wabantwana Bakhe ukuba bande bagcwalise umhlaba usamile namanje.” Nokuthi “siyasho futhi ukuthi uNkulunkulu uyale ukuthi amandla angcwele okwenza abantwana kufanele asetshenziswe kuphela phakathi kwendoda nowesifazane abashade ngokusemthethweni njengendoda nomfazi.” Njengoba ngaleso sikhathi owayeyiGosa uRussell M. Nelson afundisa izethameli kwiNyuvesi yaseBrigham Young, umndeni “ubaluleke kakhulu ohlelweni lukaNkulunkulu. … Eqinisweni, inhloso yalolo hlelo wukuphakamisa umndeni.”

IBandla likaJesu Kristu kwesinye isikhathi laziwa njengebandla eligxile emndenini. Kunjalo! Ubudlelwano bethu noNkulunkulu kanye nenhloso yempilo yethu yasemhlabeni kunencazelo emndenini. Ivangeli likaJesu Kristu yisu likaBaba wethu oseZulwini ukuze kuzuze abantwana Bakhe bomoya. Ngempela singakusho ukuthi isu levangeli safundiswa lona okokuqala emkhandlwini womndeni waphakade, lufezwa ngemindeni yethu yasemhlabeni, futhi inhloso olumiselwe yona wukuphakamisa abantwana bakaNkulunkulu besemindenini yaphakade.

III.

Nakuba kukhona ingqikithi yaleyo mfundiso, kukhona ukuphikiswa. EMelika sizwa ubuhlungu bokonala komshado nokuzala abantwana. Cishe eminyakeni eyikhulu isilinganiso samakhaya aphethwe yizithandani ezishadileyo sesehlile, ngokunjalo nezinga lokuzala. Imishado nezinga lokuzala lamalungu eBandla kuhle kakhulu, kodwa nakho sekwehlile. Kubaluleke kakhulu ukuthi abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bangalahlekelwa wukuqonda kwabo inhloso yomshado kanye nokubaluleka kwabantwana. Yilelo kusasa esilizabalazelayo. UMongameli Nelson wasifundisa wathi, “Ukuphakanyiswa yindaba yomndeni.” “Kungenzeka kuphela ngezimiso ezisindisayo zevangeli likaJesu Kristu ukuthi imindeni ingaphakanyiswa.”

Ukwehla kwazwelonke kwemishado nokuzala abantwana siyakuqonda ngenxa yokwenzekile emlandweni, kodwa amagugu nemikhuba yabaNgcwele beziNsuku zokuGcina kufanele kube ngcono—kungayilandeli—leyo mikhuba.

Ngisengumfana eminyakeni engamashumi ayisishiyagalombili edlule, ngangihlala epulazini likamkhulu nogogo lapho konke okwakwenzeka emini kwakulawulwa wumndeni. Kwakungekho umabonakude noma okunye okwakungasithikameza ekwenzeni izinto njengomndeni. Ukuqhathanisa, emiphakathini yanamuhla yasemadolobheni, mancane amalungu enza izinto ndawonye njengomndeni njalo. Ukuhlala emadolobheni kanye nezithuthi zanamhlanje, okokuchitha isizungu okuhleliwe, nokuxhumana ngokushesha sekwenze kwalula ukuba intsha iwenze amakhaya abo kube sengathi yizindawo zokuhlala nje, lapho belala khona futhi bedla izikhashana kodwa lapho kungekho ukuqondiswa ngabazali ngabakwenzayo.

Ithonya labazali seliphinde futhi lehliswa yindlela iningi lamalungu eBandla aziphilisa ngayo. Ngezikhathi ezedlule, ithonya elikhulu elalihlanganisa imindeni kwakuwukuzabalaza ndawonye ukufeza injongo efunwa yiwo wonke umuntu—njengokulima ihlane noma ukuziphilisa. Umndeni wawu yiyunithi yomkhiqizo ehleliwe nephethwe. Namhlanje, eminingi imindeni ngamayunithi asebenzisa izinto, okungasadingi izinga eliphezulu lokusebenzisana nokuhleleka komndeni.

IV.

Njengoba ithonya labazali lincipha, abaNgcwele beziNsuku zokuGcina basenomthwalo onikwe nguNkulunkulu wokufundisa abantwana babo ukuba balungiselele lokho umndeni wethu odalelwe kona emaphakadeni (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:25). Iningi lethu kufane sikwenze lokhu lapho kungesiyo yonke imindeni yethu eyejwayelekile. Isahlukaniso, ukufa, kanye nokwehlukana yizinto ezikhona ngempela. Ngakubona lokho emndenini engakhuliswa kuwo.

Umndeni wakwa-Oaks

Ubaba wafa ngiseneminyaka eyisikhombisa ubudala, ngakho-ke umfwethu omncane nodadwethu nami sakhuliswa ngumama ongumfelokazi. Ezimweni ezazinzima, waphokophela phambili. Wayeyedwa futhi edabukile, kodwa ngosizo lweNkosi, ukufundisa kwakhe okunamandla ngemfundiso yeBandla elibuyiselwe kwaba wumhlahlandlela kithi. Yeka ukukhulekela kwakhe ukuba athole usizo lwasezulwini ekukhuliseni abantwana bakhe, futhi wabusiswa! Sakhuliswa ekhaya elinokujabula lapho ubaba wethu owayengasekho wayehlezi ekhona. Wasifundisa ukuthi sasinobaba naye wayenomyeni futhi sasiyohlezi siwumndeni ngenxa yomshado wabo wasethempelini. Ubaba wethu wayesishiyile isikhashana ngoba iNkosi yayimbizele omunye umsebenzi.

Ngiyazi ukuthi miningi eminye imindeni engenakho ukujabula, kodwa bonke omama abangashadile bangafundisa ngothando lukaBaba oseZulwini nangezibusiso zomshado wasethempelini ekugcineni. Nawe ungakwenza lokhu! Isu likaBaba oseZulwini liqinisekisa ukuthi lokhu kungenzeka kuwo wonke umuntu. Sonke sigcwele ukubonga ngomshado wasethempelini nangezibusiso ezilindelekile zokuboshwa njengomndeni waphakade. Njengomama, siyathanda ukucaphuna isethembiso sikaLehi kwindodana yakhe uJakobe ukuthi uNkulunkulu “uyozingcwelisa izinkathazo zakho ukuze kube yinzuzo kuwe” (2 Nefi 2:2). Lokho kuthinta yonke imindeni yabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, ephelele noma engaphelele njengamanje. Siyibandla lomndeni.

Imfundiso yethu nenkolelo yethu emindenini yaphakade iyasiqinisa futhi iyasibopha. Angisoze ngasikhohlwa isethembiso sikaMkhulu uHarris ngasohlangothini lukamama, mhla thina bantwana sasihlala epulazini lakhe maduze nasePayson, e-Utah. Wanginika izindaba ezibuhlungu zokuthi ubaba wayeshone kude eDenver, eColorado. Ngagijima ngaya ekamelweni ngaguqa eduze nombhede, ngikhala kakhulu. UMkhulu wangilandela naye waguqa eceleni kwami wathi, “Ngizoba nguyihlo.” Leso sethembiso esinobubele siyisibonelo esinamandla sokungenziwa omkhulu ukuvala isikhala lapho imindeni ilahlekelwa noma ilungu lomndeni lingekho.

Abazali, abangashadile nabashadile—nabanye njengomkhulu nogogo, abadlala leyo ndima kubantwana—bangothisha abakhulu. Imfundiso yabo esebenza kakhulu yisibonelo. Emndenini kuyindawo enhle kakhulu yokukhombisa nokufunda ngamagugu aphakade, njengokubaluleka komshado nabantwana, inhloso yempilo, kanye nomthombo weqiniso wenjabulo. Kuyindawo enhle kakhulu futhi yokufunda izifundo ezibalulekile zempilo, njengobubele, ukuxolela, ukuzithiba, nokubaluleka kwemfundo nokusebenza ngokwethembeka.

Vele, amalungu amaningi eBandla anamalungu omndeni athandekayo angawemukeli amagugu evangeli nokulindelwe. Lawo malungu ayaludinga uthando lwethu nokubekezela. Lapho sixhumana omunye nomunye, kufanele sikhumbule ukuthi ukungabi naphutha esikufunayo akulinganiselwe izimo ezinengcindezi zempilo yasemhlabeni. Imfundiso enkulu ekwi Mfundiso neziVumelwano 138:57–59 iyasiqinisekisa ukuthi ukuphenduka nokukhula ngokomoya kungaqhubeka ezweni lemimoya elilandela impilo yasemhlabeni. Okubaluleke kakhulu, ngesikhathi imindeni ihlanganela ukuqinisana, kufanele sonke sikhumbule ukuthi izono namaphutha angenakugwemeka esiwenzayo empilweni yasemhlabeni kungaxolelwa ngokuphenduka ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu enhle kakhulu nesindisayo.

V

UMsindisi wethu, uJesu Kristu, uyisibonelo sethu sokugcina. Sizobusiseka uma izimpilo zethu sizifanekisa nezimfundiso Zakhe nokuzinikela siqu. Ukulandela uKristu nokuzinikela ekusizeni abanye kuyikhambi elihle kakhulu lokwelapha ubugovu nokuzazisa osekubonakala sengathi sekukhona yonke indawo manje.

Abazali baphinde babe nomthwalo wokufundisa abantwana babo ngolwazi lwezinto ezingenzeka ngaphandle kwemigomo yevangeli. Kuyayihlanganisa imindeni uma yenza izinto eziletha inzuzo ndawonye. Izivande zemindeni zakha ubudlelwano bemindeni. Okuletha injabulo yomndeni kuqinisa ubudlelwano bomndeni. Ukuhlala ematendeni, ukwenza izinto eziphathelene nokudlala, nokunye okokuchitha isizungu kubaluleke kakhulu ukuhlanganisa imindeni. Imindeni kufanele ihlele ukuhlangana kabusha komndeni ukukhumbula okhokho, okuzoholela ethempelini.

Abazali kufanele bafundisa abantwana amakhono ayisisekelo okuphila, okubalwa kuwo nokusebenza egcekeni nasekhaya. Ukufunda izilimi ukuzilungiselela okunosizo ukuya emsebenzini wokushumayela ivangeli ngokunjalo nokudingwa yimpilo yanamhlanje. Abafundisa lezi zifundo kungaba abazali noma ogogo nomkhulu noma izihlobo. Imindeni iyaqhakaza uma ifunda ihlangene futhi ibonisana ngakho konke okuthinta umndeni namalungu awo.

Abanye bathi, “Kodwa asinaso isikhathi sokwenza lokho.” Ukuze bathole isikhathi sokwenza lokho okufanele ngempela, abazali abaningi bazothola ukuthi bangawu vusa umndeni wabo uma bezobu cima ubuchwepheshe babo. Futhi-ke bazali, khumbulani, okufunwa yilabo bantwana ngempela ngesikhathi sesidlo sasebusuku wukuba nesikhathi nani.

Zinkulu izibusiso eziza emindenini uma ikhuleka ndawonye, iguqa ebusuku nasekuseni ukubonga izibusiso nokukhulekela lokho okufunwa yiwo wonke umuntu emndenini. Imindeni iyabusiseka futhi ngesikhathi ikhonza ndawonye ezinkonzweni zaseSontweni nakwezinye izindawo zomkhuleko. Ubudlelwano bomndeni buyaqina futhi ngezindaba zomndeni, ukuqala imikhuba ejwayelekile yomndeni, nangokwabelana ngokungcwele esikubonayo nesikuzwayo. UMongameli Spencer W. Kimball wasikhumbuza ukuthi “izindaba ezikhuthazayo zezimpilo zethu kanye nalezo zokhokho … zingasetshenziswa ukusipha izifundo ezinamandla.” Imvamisa ziyimithombo emihle kakhulu yokukhuthaza thina kanye nezizukulwane zethu.

Ngiyafakaza ngeNkosi yethu uJesu Kristu, oyiNdodana eZelwe Yodwa kaNkulunkulu, uBaba wethu waPhakade. Usimema ukuba silandele indlela yesivumelwano eholela ekuhlanganeni kabusha komndeni kwasezulwini. Amandla okubopha obuphristi, alawulwa yizikhiye ezabuyiselwa eThempelini laseKirtland, aletha imindeni ibe ndawonye ingunaphakade (bheka IMfundiso neZivumelwano 110:13–16). Njengamanje ayasetshenziswa esibalweni esikhulayo samathempeli eNkosi emhlabeni wonke. Lokhu kukhona ngempela. Masibe yingxenye yakho, ngiyakhuleka, egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” kuMthombo woLwazi weVangeli.

  2. NguRussell M. Nelson, “Faith and Families” (Brigham Young University fireside, Feb. 6, 2005), 3, speeches.byu.edu.

  3. NguRussell M. Nelson, “Open the Heavens Through Temple and Family History Work,” Liahona, Oct. 2017, 18.

  4. NguSpencer W. Kimball, “Therefore I Was Taught,” Ensign, ngoJanuwari 1982, 4.