Wozani, Ngilandeleni
Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya kanye naseBandleni


“Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya kanye naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

Umndeni ufunda ndawonye

Amasu Okuthuthukisa Ukufunda Ekhaya kanye naseBandleni

Njengoba ufunda ivangeli loMsindisi ekhaya kanye nasebandleni, cabanga ngalemibuzo elandelayo:

  • Ungawumema kanjani uMoya ukuba ube khona lapho ufunda?

  • Ungagxila kanjani kuMsindisi ekufundeni kwakho?

  • Ungazisebenzisa kanjani ngokunenzuzo izikhathi zokufunda zansuku zonke?

  • Ungawakhuthaza kanjani amalungu omndeni kanye nekilasi ukuthi bazifundele imibhalo engcwele futhi babelane ngalokho abakufundayo?

Nazi izindlela ezilula zokuthuthukisa ukufunda kwakho izwi likaNkulunkulu.

Khulekela ugqozi

Imibhalo engcwele iyizwi likaNkulunkulu, ngakho-ke cela Yena ukuba akusize uyiqonde.

Funa amaqiniso ngoJesu Kristu

Zonke izinto zifakaza ngoKristu (bheka 2 Nefi 11:4; Mose 6:63), ngakho-ke cabanga ngokuqaphela noma ngokudwebela lawo mavesi afakaza ngoMsindisi, ajulisa uthando lwakho Kuye, futhi afundisa indlela yokuMlandela. Kwesinye isikhathi amaqiniso ngoMsindisi kanye nevangeli Lakhe ashiwo ngqo, futhi kwesinye isikhathi ashiwo ngesibonelo noma ngendaba. Zibuze, “Yimaphi amaqiniso aphakade afundiswa kulamavesi? Lamaqiniso angifundisani ngoMsindisi?”

Lalela uMoya

Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ibonakala ingahlangene nalokho okufundayo. Lemizwa kungenzeka ukuba yizona izinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde.

Bhala imicabango yakho

Ziningi izindlela zokubhala imizwa efika kuwe ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ungase uthole ukuthi amagama nemisho ethile emibhalweni ikuhlaba umxhwele; ungadwebela futhi uyibhale imicabango yakho njengamanothi emibhalweni yakho engcwele. Ungazigcinela incwajana ozobhala kuyo izinto ozibonayo, imizwa, nemicabango efikayo kuwe.

Owesifazane osemusha efunda

Yabelana nabanye ngalokho okufundayo

Ukuxoxa ngokuqondile esifundweni sakho somuntu siqu kuyindlela enhle yokufundisa abanye, futhi kuphinde kusize ekuqiniseni ukuqonda kwakho kulokhu okufundile. Yabelana ngalokho okufundayo namalungu omndeni kanye nabangane (mathupha noma kwezokuxhumana), futhi ubameme ukuba benze okufanayo.

Hlobanisa imibhalo nempilo yakho

Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso ofunda ngazo ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungase uzibuze, “Yikuphi engidlule kukho okufanayo nalokhu engikufundayo?”

Buza imibuzo ngesikhathi ufunda

Ngesikhathi ufunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika engqondweni yakho. Lemibuzo kungenzeka ihambisane nalokho okufundayo noma nempilo yakho nje yonke. Zindla ngalemibuzo futhi ubheke nezimpendulo ngesikhathi usaqhubeka nokufunda.

insizwa iyafunda

Sebenzisa izinsiza zokufunda imibhalo engcwele

Ukuze uthole ukuqonda okwengeziwe ngamavesi owafundayo, sebenzisa imibhalo yaphansi, Isiqondiso seziHloko, Isichazamazwi seBhayibheli, IsiHloko zemiBhalo eNgcwele kanye nezinye izinsiza zokufunda.

Cabanga ngomongo wemibhalo engcwele

Ungathola injongo ngokuqonda ngendinyana yombhalo ongcwele uma ucabanga umongo wayo, ufake phakathi izimo noma ukuhleleka kwendawo lapho esiqhamuka khona. Isibonelo, ukwazi ngemuva kanye nezinkolelo zabantu uNkulunkulu ayekhuluma nabo kungakusiza ube nokuqonda ngenhloso yamazwi Akhe kubo.

Funda amazwi abaphrofethi kanye nabaphostoli bezinsuku zokugcina

Funda ukuthi bafundisani abaphrofethi kanye nabaphostoli bezinsuku zokugcina ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele.

umama nendodana befunda ndawonye

Phila ngalokho okufundayo

Ukufunda imibhalo engcwele akufanele nje kusifake ugqozi kuphela kepha kufanele kusiholele ekutheni siguqule indlela esiphila ngayo. Lalela lokho uMoya okukhuthaza ukuba ukwenze ngesikhathi ufunda, bese wenza lokho okhuthazwa ngakho.

Sebenzisa umculo

Amahubo aphakanyisiwe nezingoma zabantwana zitholakala kuyo yonke incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni. Sebenzisa umculo ongcwele ukumema uMoya futhi ujulise ukholo lwakho kanye nobufakazi bamaqiniso evangeli.

umndeni ucula ndawonye

Bamba imibhalo engcwele ngekhanda

Khetha indinyana yombhalo onenjongo kuwe, emndenini wakho, noma ekilasini lakho, futhi uyibambe ngekhanda ngokuyiphinda nsuku zonke noma ngokudlala umdlalo wokubamba ngekhanda.

Yabelana ngezifundo zento ethile

Thola izinto ezithile ezihlobene nezahluko kanye namavesi eniwafundayo. Cabanga ukuthi into ngayinye ihlobana kanjani nezimfundiso ezisemibhalweni.

Dweba, thola, noma thatha isithombe

Funda amavesi ambalwa, bese udweba okuthile okuhlobene nalokho okufundayo. Noma ungabheka isithombe kwi Gospel Art Book (Incwadi Yobuciko beVangeli) noma kwenye indawo kuMtapo Wolwazi Wevangeli. Ungase futhi uthathe isithombe esibonisa lokho okufundile.

Lingisa indaba

Emva kokufunda ngendaba ethile, mema ilungu lomndeni noma lekilasi ukuba lilingise. Emva kwalokho, xoxani ngokuthi indaba ihlobana kanjani nezinto ohlangabezana nazo.

Yiba ovumelana nezimo ekhaya

Uma unamalungu omndeni angazimisele ukubamba iqhaza esifundweni semibhalo engcwele, bheka ezinye izindlela ongaxhumana nawo. Isibonelo, ungakwazi ukwabelana ngeqiniso laphakade ngokwenjwayelo ezingxoxweni zakho noma wabelane ngombhalo ongcwele ngendlela engabonakalisi ukuthi uyashumayeza noma ngokungenayo ingcindezi? Ukufunda imibhalo engcwele akudingi ukuthi kufane kuyo yonke imindeni. Abanye abantwana bangasabela kangcono ekufundeni imibhalo engcwele ngamunye ngamunye. Yiba nomkhuleko futhi ulandele ukugqugquzelwa nguMoya.

Imihlangano yemikhandlu yothisha yabazali. Uma ungathanda usizo olwengeziwe emizamweni yakho yokufundisa abantwana bakho, thola ukuthi iwadi yakho iyayibamba yini imihlangano yomkhandlu yothisha yabazali (bheka General Handbook, 17.5). Lemihlangano iyithuba lokuba abazali balulekane futhi bafunde ndawonye indlela yokuthuthukisa ukufundisa kwabo. Bangaxoxa ngezimiso ezitholakala encwadini Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi, imibono kulamakhasi okuthuthukisa ukufundwa kwemibhalo engcwele ngokomndeni, kanye neziphakamiso zokufunda nokufundisa ezitholakala kuyo yonke incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni.