“Inhloso Yethu Yinguquko,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)
Inhloso Yethu Yinguquko
Inhloso yakho konke ukulifunda nokulifundisa ivangeli wukuba ukuguquka kwethu kujule futhi kusisize sifane noJesu Kristu. Ngenxa yalesi sizathu, uma sifunda ivangeli, asifuni nje kuphela ulwazi olusha; sifuna ukuba “yisidalwa esisha” (2 kwabaseKorinte 5:17). Lokhu kusho ukuthembela kuBaba oseZulwini noJesu Kristu ukuba basisize siguqule izinhliziyo zethu, imibono yethu, izenzo zethu, ngokunjalo nemvelo yethu uqobo.
Kodwa uhlobo lokufunda ivangeli oluqinisa ukholo lwethu futhi luholele esimangalisweni sokuguquka alwenzeki masinyane. Luqhubekela phambili kunokufunda ekilasini lufinyelele enhliziyweni yomuntu nasekhaya. Kudinga imizamo engashintshi, yansuku zonke nenhloso yokuliqonda nokuliphila ivangeli. Inguquko yeqiniso idinga umthelela woMoya oNgcwele.
UMoya oNgcwele usiholela eqinisweni futhi ufakaza ngaleloqiniso (bheka NgokukaJohane 16:13). Ukhanyisela izingqondo zethu, asheshise ukuqonda kwethu, futhi athinte izinhliziyo zethu ngokwambulelwa okuvela kuNkulunkulu, ongumthombo walo lonke iqiniso. UMoya oNgcwele uhlanza izinhliziyo zethu. Ufaka ugqozi kithi ukuba sibe nesifiso sokuphila ngeqiniso, futhi uyasihlebela izindlela zokukwenza lokhu. Ngempela, “uMoya oNgcwele … uyaku [si]fundisa konke” (NgokukaJohane 14:26).
Ngenxa yalezi zizathu, emizamweni yethu yokuliphila, ukulifunda, nokulifundisa ivangeli, okokuqala ngaphambi kwakho konke kufanele sifune ubuhlobo noMoya. Lenhloso kufanele ilawule ukukhetha kwethu futhi iqondise imicabango nezenzo zethu. Kufanele sifune konke lokho okumema ithonya loMoya futhi sikwenqabe konke okulixoshayo lelothonya—ngoba siyazi ukuthi uma singafaneleka ukuba khona lapho kukhona uMoya oNgcwele, singafaneleka futhi ukuphila ebukhoneni bukaBaba oseZulwini neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.