Wozani, Ngilandeleni
Ukusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni


“Ukusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: ITestamente eliDala 2026 (2026)

izithandani zifunda ndawonye

Ukusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni

Yenzelwe Bani leNsiza?

Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ngekanoma ngubani ofuna ukufunda emibhalweni engcwele—umuntu ngamunye, njengomndeni, kanye nasezifundweni zeBandla. Uma ubungakaze uyifunde njalo imibhalo engcwele ngaphambilini, lensiza ingakusiza ukuthi uqale. Uma usuvele unomkhuba omuhle wokufunda imibhalo engcwele, lelisu lingakusiza uzuze ulwazi kakhulu.

Umuntu Ngamunye Nemindeni eKhaya

Indawo ekahle yokufunda ivangeli yisekhaya. Othisha bakho ebandleni bangakweseka, futhi ungathola ukukhuthazwa ngamanye amalungu ewadi. Kodwa ukuze niphile ngokomoya, wena nomndeni wakho nidinga ukondliwa kwansuku zonke okuvela “ezwini elihle likaNkulunkulu” (Moroni 6:4; bheka futhi uRussell M. Nelson, ”Amazwi Okuvula,” iLiyahona, ngoNovemba 2018, 6–8).

Sebenzisa lensiza nganoma iyiphi indlela ewusizo kuwe. Uhlaka lugqamisa amanye amaqiniso aphakade atholakala eTestamenteni eliDala. Luphinde luphakamise imibono nemisebenzi yokukusiza ukuthi ufunde imibhalo engcwele umuntu ngamunye, nomndeni wakho, noma nabangani. Njengoba ufunda, landela ukuhola kukaMoya ukuze uthole amaqiniso aphakade abalulekile kuwe. Funa imiyalezo kaNkulunkulu ayibhekise kuwe, futhi ulandele ukukhuthazwa okutholayo.

Othisha nabaFundi eBandleni

Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni—incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni inguhlelo lwezifundo zamakilasi angeSonto eNhlangano yabaNtwana, yintsha nesiKole seSabatha sabadala, amakilasi amaNtombazane, kanye nemihlangano yomgwamanda wobuPhristi buka-Aroni. Uma ufundisa kunoma yisiphi salezi zihlelo, uyakhuthazwa ukuba usebenzise izinhlaka ezikulensiza esifundweni sakho somuntu siqu nalapho ulungiselela ukufundisa. Qala ngokuzizwela ngokwakho emibhalweni engcwele. Ukulungiselela kwakho okubaluleke kakhulu kuzokwenzeka lapho ucingesha imibhalo engcwele futhi ufuna ukuholwa nguMoya oNgcwele. Bheka amaqiniso angunaphakade akusiza ukuba ufane kakhulu noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ingakusiza ukuthi uwabone amanye alamaqiniso futhi uqonde umongo wemibhalo engcwele.

Khumbula ukuthi ukufunda ivangeli ngendlela engcono, kakhulu, kugxile ekufundeni ekhaya futhi kusekelwe yiBandla. Ngamanye amagama, umsebenzi wakho omkhulu ukweseka abantu obafundisayo emizamweni yabo yokufunda nokuphila ivangeli ekhaya. Ungakhathazeki ngokuba nokuqukethwe okwehlukile okokubahlinzekela ekilasini. Esikhundleni salokho, banikeze ithuba lokwabelana ngabadlule kukho, imicabango, kanye nemibuzo ngezindinyana zemibhalo engcwele abazifunde ekhaya. Bameme ukuthi bakhulume ngamaqiniso aphakade abawatholile. Lokhu kubaluleke ngaphezu kokuqeda inani elithile lesifundo.

Amakilasi esiKole seSabatha Entsha nabaDala

Isizathu esisemqoka esenza sihlangane emakilasini esiKole seSabatha wukuba sisekelane futhi sikhuthazane njengoba sizama ukulandela uJesu Kristu. Indlela elula yokwenza lokhu ukubuza umbuzo ofana nothi “Unifundiseni uMoya oNgcwele kulelisonto njengoba benifunda imibhalo engcwele?” Izimpendulo zalombuzo zingaholela ezingxoxweni ezinenzuzo ezakha ukholo kuJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe.

Ngemva kwalokho ungase umeme ingxoxo ngokusekelwe eziphakamisweni zokufunda ezitholakala kwi Wozani, Ngilandeleni. Isibonelo, isu lokufunda lingaphakamisa ukuba kucingwe encwadini ka Isaya 53, kufunwe amagama achaza ngokuthunywa koMsindisi. Ungase ucele amalungu ekilasi ukuba abelane ngemicabango nemizwa abagqugquzelwa yona ngalawa magama. Noma ningathatha isikhathi nifune lamagama njengekilasi.

ImiGwamanda yobuPhristi buka-Aroni, namaKilasi amaNtombazane

Uma imigwamanda yobuPhristi buka-Aroni kanye namakilasi amaNtombazane ehlangana ngamaSonto, inhloso yawo ithi ukuhluka kunekilasi lesiKole seSabatha. Ngaphezu kokusiza omunye nomunye ukuba afunde ivangeli likaJesu Kristu, lamaqembu aphinde ahlangane ukuze abonisane mayelana nokufeza umsebenzi wensindiso nokuphakanyiswa (bheka i General Handbook, 1.2). Lokhu bakwenza ngaphansi kokuqondiswa ubumongameli bamakilasi kanye nomgwamanda.

Ngalesi sizathu, umhlangano ngamunye womgwamanda noma wekilasi kufanele uqale ngelungu lomgwamanda noma likamongameli wekilasi lihole ingxoxo mayelana nemizamo, njengesibonelo, yokuphila ivangeli, ukusiza abantu abaswele, ukwabelana ngevangeli, noma ukubamba iqhaza emsebenzini wasethempelini nowomlando womndeni.

Emva kwalesi sikhathi sokwelulekana ndawonye, ofundisayo uhola ikilasi noma umgwamanda ekufundeni ivangeli ndawonye. Abaholi abadala noma amalungu ekilasi noma omgwamanda bangacelwa ukuba bafundise. Ubumongameli bekilasi noma bomgwamanda, ngokubonisana nabaholi abadala, benza lezi zabelo.

Abantu ababelwe ukufundisa kufanele balungiselele ngokusebenzisa amasu okufunda ohlakeni lwamasonto onke kwi Wozani, Ngilandeleni. Ohlakeni ngalunye, lesi sithonjana isithonjana sohlelo lokufundisa ivangeli sibonisa umsebenzi oqondene ikakhulukazi nentsha. Nokho, noma yimaphi amasu okufunda atholakala ohlakeni angasetshenziswa njengomsebenzi wokufunda kwentsha.

Ukuze uthole isifanekiso sohlelo lwemihlangano yomgwamanda neyekilasi, bheka isithasiselo D.

INhlangano yabaNtwana

Ukulungiselela kwakho ukufundisa iNhlangano yabaNtwana kuqala njengoba ufunda imibhalo engcwele wena kanye nomndeni wakho. Njengoba wenza njalo, yamukela imibono kamoya kanye nokungafika kuwe okuvela kuMoya oNgcwele mayelana nabantwana ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana. Yiba nomthandazo, futhi uMoya ungakugqugquzela ngamasu okubasiza bafunde ivangeli likaJesu Kristu.

Njengoba ulungiselela ukufundisa, ungathola okunye ukugqugquzelwa ngokuhlola amasu okufundisa kwi Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni. Uhlaka ngalunye kulensiza lunesigaba esinesihloko esithi “Amasu okuFundisa Abantwana.” Cabanga ngalamasu njengeziphakamiso zokukugqugquzela. Uyabazi abantwana ekilasini lakho leNhlangano yabaNtwana—futhi uzobazi kangcono kakhulu njengoba uxhumana nabo ekilasini. UNkulunkulu naye uyabazi, futhi uzokugqugquzela ngezindlela ezinhle kakhulu zokubafundisa nokubabusisa.

Kungenzeka ukuthi abantwana ekilasini lakho bazobe sebeyenzile eminye yemisebenzi nemindeni yabo ekwi Wozani, Ngilandeleni Kulungile. Ukuphindaphinda kuhle. Cabanga ngokumema abantwana ukuthi babelane ngalokho abakufunde ekhaya—nakuba kufanele futhi uhlele izindlela zokuba abantwana babambe iqhaza noma bengafundi ekhaya. Abantwana bafunda amaqiniso evangeli ngempumelelo kakhulu uma lamaqiniso efundiswa ngokuphindaphindiwe ngemisebenzi ehlukahlukene. Uma uthola ukuthi umsebenzi wokufunda uyasebenza ebantwaneni, cabanga ngokuwuphinda, ikakhulukazi uma ufundisa abantwana abancane. Ungase futhi ubuyekeze umsebenzi ovela esifundweni sangaphambilini.

Ezinyangeni ezinamaSonto amahlanu, othisha beNhlangano yabaNtwana bayakhuthazwa ukuba esikhundleni sohlaka oluhleliwe lweSonto lesihlanu lwe Wozani, Ngilandeleni bafake owodwa noma eminingi imisebenzi “eKwisithasiselo B: okweNhlangano yabaNtwana—Ukulungiselela Abantwana Impilo Yonke Besendleleni kaNkulunkulu Yesivumelwano.”