2025
Ukuzethemba Phambi kukaNkulunkulu
NgoMeyi 2025


Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoMeyi 2025

Ukuzethemba Phambi kukaNkulunkulu

Njengoba sizama ngenkuthalo ukuba nesihe kanye nobumsulwa bugcwalise izimpilo zethu, ukuzethemba kwethu ekusondeleni kuNkulunkulu kuzokhula.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyabonga ukukhuluma nani namhlanje kulengqungquthela yebandla lonke ebalulekile. Amehlo ami ayaqhubeka ukuguga. Ngiyabonga ngokuqonda kwenu njengoba ngethula umlayezo wami.

Siphila osukwini lomfutho omkhulu eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngigcwele intokozo njengoba ngibona inqubekelaphambili ezindaweni eziningi kangaka.

Ikakhulukazi ngigqugquzelwa yintsha yethu. Inikela ngosizo ngobuningi bayo. Ifuna okhokho babo futhi yenza izimiso ethempelini. Izinsizwa nezintombi zethu zithumela izicelo zokuba abefundisi bevangeli ngezinombolo ezimangalisayo. Isizukulwane esikhulayo siyakhuphuka njengamaqhawe alandela uJesu Kristu.

UMongameli uNelson enomzukulu wendodakazi.

Muva nje ngihlangane nomzukulu omusha. Lapho ngizindla ngezingqinamba azohlangabezana nazo empilweni yakhe, ngizizwa nginesifiso esikhulu sokumsiza akhe ukholo kuJesu Kristu. Ukuphila ivangeli Lakhe kubalulekile entokozweni yakhe yesikhathi esizayo.

Yena, njengathi sonke siqu, uzobhekana nezingqinamba. Sonke sizozwa ukugula, ukudumala, ukulingwa, nokulahlekelwa. Lezi zingqinamba zingashaya ukwezethemba kwethu. Kodwa, abafundi bakaJesu Kristu bafinyelela kolunye uhlobo oluhlukile lokuzethemba.

Ngesikhathi senza futhi sigcina izivumelwano noNkulunkulu, singaba nokuzethemba okuzuzwe ngoMoya. INkosi yatshela uMphrofethi uJoseph Smith ukuthi ukuzethemba kwethu “kuyoqina phambi kukaNkulunkulu;.” Cabanga ngenduduzo yokuba nokuzethemba phambi kukaNkulunkulu!

Lapho ngikhuluma ngokuzethemba phambi kukaNkulunkulu, ngikhuluma ngokuba nokwezethemba kokusondela kuNkulunkulu manje! Ngikhuluma ngokukhuleka ngokuzethemba ukuthi uBaba oseZulwini uyasizwa, ukuthi Uyaziqonda izidingo zethu kangcono kunathi. Ngikhuluma ngokuba nokuzethemba ukuthi Uyasithanda ngaphezu kwalokho esingakuqonda, ukuthi Uthumela izingelosi ukuba zibe nathi futhi zibe nalaba esibathandayo. Ngikhuluma ngokuba nokuzethemba ukuthi uyafisa kakhulu ukusisiza sonke ngamuntu siqu sifinyelele amandla ethu aphezulu okunekwenzeka sibe nawo.

Manje-ke, sikuzuza kanjani lokukuzethemba? INkosi iyawuphendula lombuzo ngalawamazwi: “Izibilini zakho mazigcwale isihe kubo bonke abantu, … futhi ukulunga makubuse imicabango yakho ngokungaphezi; uma kunjalo ukuzethemba kwakho kuyoqina phambi kukaNkulunkulu.”

Nasi isisombululo! Ngamazwi ayo ngqo iNkosi, isihe kanye nobumsulwa bavula indlela yokuba nokuzethemba phambi kukaNkulunkulu! Bafowethu nodadewethu, singakwenza lokhu! Ukuzethemba kwethu nangempela kungaqina phambi kukaNkulunkulu, manje!

Asizindle kukona kokubili isihe nobumsulwa.

Okokuqala, isihe. Eminyakeni embili edlule, ngasicela, njengabalandeli baJesu Kristu besivumelwano, ukuba sibe abalamuli. Ngiyakuphinda engakusho ngaleso sikhathi: “Intukuthelo ayincengi. Ubutha abumakhi umuntu. Umbango awusoze waletha izixazululo eziphefumulelwe.”

Isihe seqiniso esibhekiswe kubo bonke abantu siwuphawu lwabalamuli! Kuphoqelekile ukuba sibe nesihe ezingxoxweni zethu, kokubili emphakathini kanye nangasese. Ngiyanibonga nina enamukela umlayelo wami wangaphambilini ezinhliziyweni zenu. Kodwa singakwazi ukwenza kangcono.

Ubutha obusakhona manje ezingxoxweni zomphakathi kanye nasezinkundleni zokuxhumana buyathusa. Amazwi anenzondo ayizikhali ezibulalayo. Ukuphikisana kuvimbela uMoya oNgcwele ekubeni umngane wethu njalo.

Njengabafundi bakaJesu Krestu, kumele sihambe phambili ekubeni abalamuli. Njengoba isihe siba yingxenye yemvelo yethu, sizolahlekelwa umfutho wokwehlisa abanye isithunzi. Sizoyeka ukwahlulela abanye. Sizoba nesihe kubo bonke abantu abavela kuzo zonke izizinda zempilo. Isihe kubo bonke abantu simqoka kwinqubekelaphambili yethu. Isihe siyisisekelo sesimilo sobunkulunkulu.

Masicele uBaba wethu oseZulwini ukuba agcwalise izinhliziyo zethu ngesihe esengeziwe—ikakhulukazi kulabo okunzima ukuba sibathande—ngokuba isihe isipho esiqhamuka kuBaba oseZulwini sabafundi abaqotho bakaJesu Kristu. UMsindisi iNkosi yokuThula. Sifanele sibe amathuluzi akhe okuthula.

Manje, ake sikhulume ngobumsulwa. INkosi iyasitshela ukuba sibuse imicabango yethu singaphezi ngobumsulwa. Cabanga ngokuthuthuka oyokuthola kunoma yimuphi umcabango omuhle lapho uwuthuthukisa ngobumsulwa. Ubumsulwa benza yonke into ibengcono futhi ibenenjabulo enkulu! Ngakolunye uhlangothi, cabanga ukuthi kuzokwenzekalani lapho wengeza ubuhle emcabangweni ongcolile, emcabangweni ononya, noma emcabangweni ocindezelayo. Ubumsulwa buzoxosha leyo imicabango. Ubumsulwa buzokukhulula emicabangweni enovalo, futhi enzima.

Bafowethu nodadewethu, njengoba umhlaba ukhula ngokuba mubi, sidinga ukukhula sibe msulwa. Imicabango yethu, amazwi, kanye nezenzo zethu kumele zibe nobumsulwa obungahluleki futhi zigcwale uthando olumsulwa lukaJesu Kristu kubo bonke abantu. Ithuba elikhulu eliphambi kwethu elokuba abantu uNkulunkulu adinga ukuba sibe yibo.

Ukukhonza njalo endlini yeNkosi kwandisa umthamo wethu kukho kokubili ubumsulwa kanye nesihe. Ngakho-ke, isikhathi ethempelini sikhulisa ukuzethemba kwethu phambi kweNkosi. Ukwanda kwesikhathi ethempelini kuzosisiza ukuthi silungiselele uKuza kwesiBili koMsindisi wethu, uJesu Kristu. Asilwazi usuku noma ihora lokufika Kwakhe. Kodwa ngiyazi ukuthi iNkosi ingigqugquzelela ukuba ngisinxuse ukuba silungiselele lolo “suku olukhulu nolwesabekayo.”

Njengoba sizama ngenkuthalo ukuba nesihe kanye nobumsulwa bugcwalise izimpilo zethu, ukuzethemba kwethu ekusondeleni kuNkulunkulu kuzokhula. Ngiyakumema ukuba uthathe izinyathelo ezenziwe ngehloso ukukhulisa ekuzethemba kwakho phambi kweNkosi. Bese, njengoba siya kuBaba wethu oseZulwini ngokuzethemba okwandayo, sizogcwala intokozo eyengeziwe, futhi ukholo lwakho kuJesu Kristu luzokhula. Sizoqala ukuzwa amandla kamoya adlula amathemba ethu amakhulu.

Siyabonga kakhulu eNkosini ngokusheshisa ukwakhiwa kwamathempeli eminyakeni yakamuva. Ngaphansi kwesiqondiso Sakhe, namhlanje simemezela izinhlelo zethu zokwakha ithempeli endaweni ngayinye kwezingama-15 ezilandelayo:

  • eReynosa, eMexico

  • eChorrillos , ePeru

  • eRivera, e-Uruguay

  • eCampo Grande, eBrazil

  • ePorto, ePortugal

  • e-Uyo, eNigeria

  • eSan Jose del Monte, ePhilippines

  • eNouméa, eNew Caledonia

  • eLiverpool, e-Australia

  • eCaldwell, e-Idaho

  • eFlagstaff, e-Arizona

  • eRapid City, eSouth Dakota

  • eGreenville, eSouth Carolina

  • eNorfolk, eVirginia

  • eSpanish Fork, e-Utah

Ngiyafakaza ukuthi uJesu Kristu, uMhlengi wa-Israyeli, uhola leli, iBandla Lakhe. Uyalungiselela ukubuya. Nathi masizilungiselele ukumamukela. Ngalokhu ngiyakhuleka egameni likaJesu Kristu, ameni.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Itshe elincane elabonwa umphrofethi uDaniyeli ephusheni lakhe lezinsuku zokugcina liyagingqika ukuze ligcwalise umhlaba (bheka UDaniyeli 2:31–45; IMfundiso neziVumelwano 65:2).

  2. IMfundiso neziVumelwano 121:45.

  3. “Ngiyohamba phambi kobuso benu. Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale” (IMfundiso neziVumelwano 84:88).

  4. IMfundiso neziVumelwano 121:45, kugcizelelwe; bheka futhi ivesi 46.

  5. URussell M. Nelson, “Peacemakers Needed,” iLiyahona, ngoMay 2023, 98.

  6. Ukukhetha ukuphikisana nabanye wukukhetha ukuphila ngaphandle kokuholwa nguMoya oNgcwele.

  7. Kufanele sibe nesihe “kubo bonke abantu, futhi nakwabendlu yokukholwa” (IMfundiso neziVumelwano 121:45).

  8. Lokhu kusho ukukhuleka “ngamandla onke enhliziyo” (Moroni 7:48).

  9. Bheka Moroni 7:48.

  10. Bheka U-Izaya 9:6.

  11. Njengoba UJoseph Smith asifundisa wathi, “Uma [thina] sifisa ukuba lapho uNkulunkulu ekhona, [thina] kumele sibe njengoNkulunkulu, noma sigcine imigomo egciniwa nguNkulunkulu” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 72). Ngokunjalo, uMphostoli uPawula waxwayisa ukuba simele “sisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo” (KumaHebheru 4:16).

  12. Bheka NgokukaMathewu 24:36–37.

  13. UMalakhi 4:5; bheka futhi UZefaniya 1:14–18.

  14. INkosi isitshele ukuba “sikhumbule ukholo, ubumsulwa,ulwazi, ukuzithiba, isineke, umusa wobuzalwane, ubunkulunkulu, isihe, ukuzithoba, [futhi] nokuzikhandla” (IMfundiso neziVumelwano 4:6). Lapho senza lokhu, ukuzethemba kwethu kuzokhula, bese, ngamazwi Akhe, lapho sicela, sizophiwa. Futhi lapho singqongqotha, sizovulelwa. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 4:7.)

  15. Singezwa lokho abakuzwa abantu beNkosi uBenjamini: “Bagcwala injabulo, sebethole ukuthethelelwa kwezono zabo, futhi sebenokuthula kukanembeza, ngenxa yokholo olukhulu ababenalo kuJesu Kristu” (Mosiya 4:3).