Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoMeyi 2025
“Sondelani Eduze Kwami”
UJesu Kristu usithanda umuntu ngamunye wethu. Usinikeza ithuba lokusondela eduze kuye.
Bafowethu nodadewethu abathandekile, kuyintokozo kimi ukuba ngibe nani kulengqungquthela yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Leli yiBandla Lakhe. Sihlangene ezakhiweni nasezindlini emhlabeni wonke ngegama Lakhe.
Sivuma ukuthatha igama Lakhe lapho sibhabhadiswa ngokwesivumelwano embusweni Wakhe. UyiNdodana kaNkulunkulu evukile kwabafileyo futhi ekhazinyulisiwe. Singabaphilayo ngokwenyama, sizokufa futhi siyona. Nokho, othandweni Lwakhe komunye nomunye wethu, uMsindisi uyasimema ukuba sisondele eduze Kuye.
Nasi isimemo Sakhe kuthina: “Sondelani eduze kwami futhi Nami ngizosondela eduze kwenu; ngifuneni ngokukhuthala futhi nizongifumana; celani futhi nizophiwa; ngqongqothani, futhi nizovulelwa.”
Zikhona izikhathi sizizwa sisondelene kuMsindisi uJesu Kristu. Kodwa-ke, ngezinye izikhathi phakathi kwezingqinamba zokwenyama, sizizwa siqhelelene Naye futhi sifisa isiqiniseko sokuthi Yena uyakwazi okusezinhliziyiweni zethu nanonukuthi uyasithanda njengabantu ngabanye.
Isimemo soMsindisi sibandakanya nendlela yokuzwa leso siqiniseko. Sondela Kuye ngokumkhumbula njalo. Umfune ngentshisekelo embhalweni engcwele. Cela ngomkhuleko osenhliziyiweni kuBaba oseZulwini ukuzizwa useduze neNdodana Yakhe eThandekayo.
Kunendlela elula yokuyicabanga lento. Yinto obungayenza uma ukuthi ubuhlukene ngokwesikhashana nabangani abathandekayo. Ungathola indlela yokuxhumana nabo, ubuungathanda noma yimuphi umlayezo owutholile kubona, futhi ungenza konke okusemandleni akho ukubasiza.
Lapho lokho kwenzeka ngokwengeziwe, lapho kuqhubeka, isibopho sothando sasiyoqina ngokwengeziwe, futhi uzizwe usondela nakakhulu. Uma sekwadlula isikhathi eside ngaphandle kokuxhumana olunothando futhi nethuba lokusizana, isibopho sasiyoba buthaka.
UJesu Kristu usithanda umuntu ngamunye wethu. Uyasinikeza lelothuba lokusondela eduze Kuye. Njengoba ungenza nomngani omthandayo, uzokwenza ngendlela efanayo, ngokuxhumana ngomkhuleko kuBaba oseZulwini egameni likaJesu Kristu, ulalele isiqondiso esiyigugu esivela kuMoya oNgcwele, bese usebenzela uMsindisi ngokusiza abanye ngentokozo. Ngokushesha uzosizwa leso sibusiso sokusondela Kuye.
Ebusheni bami, ngezwa injabulo yokusondela eduzane kuMsindisi—futhi nokusondela Kwakhe kimi—ngezenzo ezilula zokulalela imiyalelo. Ngesikhathi ngisamncane, isidlo esingcwele sasinikelwa emhlanganweni wakusihlwa. Ngisakhumbula ubusuku obubodwa, eminyakeni engaphezu kwama-75 edlule, lapho kwakumnyama futhi kumakhaza ngaphandle. Ngikhumbula umuzwa wentokozo nothando ngibona ukuthi ngigcine umyalelo wokuhlangana nabaNgcwele ukwamukela isidlo esingcwele, ngenza isivumelwano noBaba wethu oseZulwini ukukhumbula njalo iNdodana Yakhe futhi ukugcina imiyalelo Yakhe.
Emva kokuphela komhlangano kulobo busuku, sahlabelela ihubo “Abide with Me; Tis Eventide,” kanye namazwi alo athi “O Savior, stay this night with me.”
Lawa mazwi aletha umuzwa omangalisayo woMoya kimi, ngisho ngisengumfana omncane. Ngezwa uthando lukaMsindisi kanye nokusondela Kuyena ngalobobusuku ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Ngemva kweminyaka ngafuna ukuvuselela lowomuzwa wothando lukaMsindisi kanye nokubaseduzane Kwakhe engawuzwa kulowomhlangano ngisemusha. Ngakho ngagcina omunye umyalelo olula: Ngahlola imibhalo engcwele.
Encwadini NgokukaLuka, ngafunda ngosuku lwesithathu ngemva kokuBethelwa nokungcwatshwa Kwakhe, ngesikhathi izinceku ezazinokholo zafika, ngenxa yothando lwabo loMsindisi, ukugcoba umzimba Wakhe. Ngesikhathi zifika, zathola itshe lisunduziwe ethuneni futhi babona ukuthi umzimba Wakhe wawungekho lapho.
Izingelosi ezimbili zama futhi zabuza ukuba kungani benovalo:
“Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na?
“Akhekho lapha, uvukile: khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseGalile,
“Ethi, iNdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.”
Ngalobo busuku lapho kuhwalala, abafundi ababili bahamba besuka eJerusalema endleleni eya e-Emawuse, futhi iNkosi eyayisivukile kwabafileyo yabonakala kubo futhi yahamba nabo.
INcwadi NgokukaLuka isivumela ukuba sihambe nabo ngalobo busuku:
“Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.
“Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani.
“Wayesethi kubo, Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?
“Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula wathi kuye, Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?”
Bamtshela ngokudumala ababenakho ngokuthi uJesu ushonile futhi besebathembele ukuthi uzakuba uMhlengi wase-Israyeli.
Kumele ngabe kwakukhona uzwelo ezwini leNkosi evukileyo njengoba Ekhuluma nalezinceku ezimbili ezidumele futhi ezizilile:
Ngenkathi ngiqhubeka nokufunda, kwafika lamazwi afudumeza inhliziyo yami, njengoba nje ngazizwa ngisengumfanyana:
“Base besondela emzaneni ababeya kuwo: yena washaya sengathi uyedlula lapho.
“Kodwa bamncengisisa, bathi, hlala nathi: ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena wahlala nabo.”
UMsindisi wasamukela isimemo ngalobobusuku ukuyongena endlini yezinceku Zakhe. Wadla kanye nabo. Wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wase esinekeza bona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi Ungubani. Wabe esenyamalala emehlweni abo.
ULuka wasibhalela phansi imizwa yalabo bafundi ababebusisekile: “Bathi omunye komunye, Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”
Abafundi ababili bagijimela emuva eJerusalema ukuyotshela abaphostoli abayishumi nanye ukuba kwenzekeni. Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo.
UJesu uqobo wema phakathi kwabo futhi “wathi, Ukuthula makube kini.” Wabhekisisa ukuphrofethwa kwenhloso Yakhe ukuba ahlatsheliswe izono zabo bonke abantwana bakaBaba Wakhe kanye nokunqamula isibopho sokufa.
“Wathi kubo, kulotshiwe kanje ukuthi uKristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu:
“Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kuba ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.
“Nina-ke ningofakazi balezi zinto.”
Njengabafundi Bakhe abathandekayo, wonke umntwana kaBaba oseZulwini okhethe ukungena ngesango lokubhabhadiswa ungaphansi kwesivumelwano sokuba ngufakazi woMsindisi kanye nokunakekela labo abaswele empilweni yethu yonke yasemhlabeni. Lokhu kuzibophezela kwacaciswa kithi ngumphrofethi omkhulu weNcwadi kaMormoni u-Alima emakhulwini eminyaka edlule eManzini aseMormoni:
“Njengokuba nifisa ukuza emhlambini kaNkulunkulu, futhi nibizwe ngabantu bakhe, futhi nifuna ukuthwalisana imithwalo omunye nomunye ukuze ibe lula;
Yebo, futhi nifuna ukukhala kanye nalabo abakhalayo; yebo, futhi niduduze labo abadinga ukududuzwa, futhi nime njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo … , ngisho kuze kube sekufeni, ukuze nikhululwe nguNkulunkulu, … ukuze nibe nokuphila okuphakade.”
Njengoba uthembekile kulezi zithembiso, uzothola ukuthi iNkosi iyasigcina isithembiso Sayo sokuba munye nawe emsebenzini wakho, yenza imithwalo yakho ibe lula. Niyomazi uMsindisi, futhi ngokuhamba kwesikhathi niyofana Naye futhi “nipheleliswe kuye.” Ngokusiza abanye ngenxa yoMsindisi, uzothola ukuthi usondela eduze Kuye.
Iningi lenu linabathandekayo abadukile endleleni yempilo yangunaphakade. Niyazibuza ukuba yini enye eningayenza ukuba nibabuyisele futhi endleleni. Ungathembela eNkosini ukuzisondelanisa kanye nabo njengoba usebenzela Yena ngokholo.
Ungakhumbula isithembiso seNkosi kuJoseph Smith kanye noSidney Rigdon ngenkathi bekude nemindeni yabo kumsebenzi Wakhe: “Bahlobo bami Sidney noJoseph imindeni yenu iyaphila; isezandleni zami, futhi ngizokwenza kubo njengoba kubonakala kukuhle kimi; ngokuba kimi kunamandla onke.”
Njengoba ubopha amanxeba alabo abadinga usizo, amandla eNkosi azokusekela. Izingalo Zakhe zizobe zilulekile kanye nezakho ukuxhasa futhi nokubusisa abantwana baBaba wethu oseZulwini.
Bonke abasizi Bakhe abangaphansi kwesivumelwano bazokuthola ukukhonjiswa Nguye ngoMoya ongcwele njengoba bebusisa futhi besebenzela Yena ngokusiza abanye. Futhi bazakuzwa uthando Lwakhe futhi bathole injabulo njengoba besondelana Kuye.
Ngingufakazi wokuvuka kwabafileyo kweNkosi ngesiqiniseko sengathi bengikhona kulobobusuku kanye nabafundi ababili endlini esemgaqweni Emawuse. Ngiyazi ukuthi Uyaphila.
Leli iBandla leqiniso—iBandla likaJesu Kristu. Sizakuma phambi koMsindisi, Ngosuku Lokwehlulela, ubuso nobuso. Kuyoba isikhathi senjabulo enkulu kulabo, kulempilo, abaye basondelana Naye emsebenzini Wakhe futhi abangalindela ngokulangazelela ukuzwa amazwi Akhe: “Kuhle, nceku enhle nethembekileyo.”
Ngiyafakaza njengofakazi woMsindisi ovukileyo noMhlengi wethu, egameni likaJesu Kristu, amen.
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly Liahona Message, May 2025. Zulu. 19602