2025
Izinsiza ZaPhezulu zoKwasemhlabeni
NgoMeyi 2025


Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoMeyi 2025

Izinsiza ZaPhezulu zoKwasemhlabeni

Isu likaBaba oseZulwini lisinika izinsiza zokusiqondisa ohambweni lwethu emhlabeni.

I.

NgoMphrofethi uJoseph Smith, iNkosi yembula izinto ezimbalwa ngempilo yethu eyandulela eyasemhlabeni. Lapho sasiphila siyizingane zikaNkulunkulu ezingokomoya. Ngoba uNkulunkulu wayefisa ukusiza izingane zakhe ziqhubekele phambili, wanquma ukudala umhlaba phezu kwawo ebesingakwazi ukwamukela umzimba, sifunde ngokwezigameko, sithuthukise izimfanelo zaphezulu, futhi kufakazelwe ukubona ukuthi siyoyigcina yonke imiyalelo kaNkulunkulu. Labo abafanelekile “bayokwengezelwa inkazimulo emakhanda abo phakade naphakde” (Abrahama 3:26).

Ukuze amise izimiso zalelisu laphezulu, uNkulunkulu wakhetha Indodana eZelwe Yodwa Yakhe ukuba ibe nguMsindisi wethu. ULusifa, osu lakhe elehlukileelalizoshabalalisa ilungelo lokukhetha lomuntu, waba uSathane futhi ukuthi “aphoswe phansi.” Edingiselwe emhlabeni futhi enqatshelwe ilungelo lokuphila emhlabeni, uSathane wayevumelekile ukuba azame “akhohlise futhi aphuphuthekisa abantu, futhi abaholele ekuthunjweni ngokwentando yakhe, ngisho abaningi abangeke balilalele izwi [leNkosi]” (Mose 4:4).

Okwakusemqoka kwisu elikhulu likaNkulunkulu lokukhula kwezingane Zakhe emhlabeni kwakungukuthi zizwe “ukuphikisana ezintweni zonke” (2 Nefi 2:11). Njengoba nemisipha yethu yenyama ingenakuthuthukiswa noma igcinwe ngaphandle kokuzabalaza ngokumelene nomthetho wamandla adonsela phansi, kanjalo ukukhula kwasemhlabeni kudinga ukuba sizikhandle ngokumelene nezilingo zikaSathane nokunye ukuphikiswa okwasemhlabeni. Okusemqoka kakhulu ekukhuleni ngokomoya isidingo sokukhetha phakathi kokuhle nokubi. Labo abakhetha okuhle bazoqhubekela phambili esiphethweni sabo saphakade. Labo abakhetha okubi—njengoba bonke babezokwenza ngenxa yezilingo zasemhlabeni ezahlukahlukene—babezodinga usizo lwaphezulu, uNkulunkulu onothando aklama ukulunikeza.

II.

Ngephuzu kwakho konke, usizo lukaNkulunkulu lwasemhlabeni olunamandla kwakungukuhlinzeka Kwakhe uMsindisi, uJesu Kristu, owayezozwa ubuhlungu ukuze akhokhe inani futhi asiphe ukuthethelelwa kwezono eziphendulelwe. Leyo Nhlawulo enomusa futhi ekhazimulayo ichaza ukuthi kungani ukholo eNkosini uJesu Kristu kungumgomo wokuqala wevangeli. Inhlawulo Yakhe “ifeza ukuvuka kwabafileyo” (Alima 42:23), futhi “[iyoku]hlawulela izono zomhlaba” (Alima 34:8), izosula zonke izono zethu esiphenduke kuzo futhi inike uMsindisi wethu amandla okuba asisize ebuthakathakeni kwethu kwenyama.

UMsindisi uJesu Kristu.

Ngaphezu kwalokho kwesulwa okukhazimulayo kwezono ezenziwe futhi nokuthethelelwa, isu likaBaba oseZulwini onothando linikeza ezinye izipho eziningi ukusivikela, okuhlanganisa nokusivikela ekoneni kwasekuqaleni. Impilo yethu yasemhlabeni ihlezi iqala inobaba futhi nomama. Ngokufanelekile, bobabili abazali bakhona, nezipho ezahlukahlukene zokuqondisa ukukhula kwethu. Uma kungenjalo, ukungabibikho kwabo kuyingxenye yengqinamba ekumele siyinqobe.

III.

Isu likaBaba oseZulwini lisinika ezinye izinsiza zokusiqondisa ohambweni lwethu emhlabeni. Ngizokhuluma ngezimpawu ezine. Ngicela ningangibambi kulenombolo yezimpawu ezine, ngoba lezi zinsiza ziyadlulana. Ngaphezu kwalokho, kunezinye izivikelo ezinomusa ezengeziwe kulezi.

Eyokuqala, ngikhuluma ngokuKhanya noma uMoya kaKristu. Emfundisweni yakhe enkulu eNcwadini kaMoroni, uMoroni ucaphuna kubaba wakhe ukuthi “uMoya kaKristu unikwe kuwo wonke umuntu, ukuthi azi okuhle kokubi” (Moroni 7:16). Sifunda lesi sifundo esifanayo ezambulweni zesimanje:

“Futhi uMoya unika ukukhanya kuwo wonke umuntu oza emhlabeni; futhi uMoya ukhanyisela wonke umuntu emhlabeni, olilalelayo izwi likaMoya” (IMfundiso neziVumelwano 84:46).

Futhi: “Ngokuba uMoya wami uthunyelwe emhlabeni ukukhanyisela abazithobile nabadabukile, futhi nokubabeka icala abangamesabi uNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 136:33).

UMongameli uJoseph Fielding Smith wayichaza lemibhalo engcwele: “INkosi ayibashiyanga abantu (lapho bezalelwa kulo mhlaba) bengakwazi ukuzisiza, befinyelele ukuze bathole ukukhanya neqiniso, kodwa wonke umuntu … uzalwa enelungelo lokuthola isiqondiso, iziyalezo, iseluleko soMoya kaKristu, noma ukuKhanya Kweqiniso.”

Ukufunda imibhalo engcwele.

Eyesibili yezinsiza ezinkulu esinikezwe iNkosi ukusisiza ukuba sikhethe okuhle iqoqo leziqondiso zaphezulu emibhalweni engcwele okuyingxenye yesu lensindiso (isu lentokozo). Lezi ziqondiso yimiyalelo, izimiso, kanye nezivumelwano.

Imiyalelo ichaza indlela uBaba oseZulwini asihlelele yona ukuba siqhubekele empilweni yaphakade. Abantu abacabanga ngamehlo engqondo imiyalelo njengendlela uNkulunkulu anquma ngayo ukuthi ubani Azomjezisa bayehluleka ukuqonda lenhloso yesu lenjabulo lothando lukaNkulunkulu Kuleyo ndlela, kancane kancane singazuza ubudlelwano obudingekayo noMsindisi wethu futhi sifanelekele ukwanda kwamandla Akhe ukuze asisize endleleni yethu eya endaweni Ayifisela thina sonke. UBaba wethu oseZulwini ufisa ukuthi bonke abantwana Bakhe babuyele embusweni wesilestiyali, lapho uNkulunkulu kanye noMsindisi wethu behlala khona, futhi babe nempilo yalabo abahlala kuleyo nkazimulo yesilestiyali.

Izimiso kanye nezivumelwano ziyingxenye yomthetho ochaza indlela eya ekuphileni kwaphakade. Izimiso, kanye nezivumelwano ezingcwele esizenza noNkulunkulu ngazo, ziyizinyathelo ezidingakalayo futhi izivikelo ezibalulekile ezihamba kuleyo ndlela. Ngithanda ukucabanga ngendima yezivumelwano njengokukhombisa ukuthi ngaphansi kwesu likaNkulunkulu, izibusiso Zakhe eziphezulu zinikwa labo abathembisa ngaphambilini ukugcina imiyalelo ethile futhi abagcina lezo zithembiso.

Ezinye zezinsiza esiphiwe nguNkulunkulu ukusisiza sikhethe okuhle izibonakaliso zikaMoya oNgcwele. UMoya oNgcwele uyilungu lesithathu eMkhandlwini kaNkulunkulu. Umsebenzi wakhe, ochazwe embhalweni engcwele, ukufakaza ngoBaba nangeNdodana, ukusifundisa, ukuletha zonke izinto esikhumbuzweni sethu, futhi asiqondise kulo lonke iqiniso. Imibhalo engcwele ihlanganisa izincazelo eziningi zokubonakaliswa koMoya oNgcwele, njengobufakazi bomoya ekuphenduleni umbuzo mayelana neqiniso leNcwadi kaMormoni. Isibonakaliso akufanele siphambaniswe nesipho sikaMoya oNgcwele, esinikezwa ngemva kokubhabhadiswa.

Enye yezinsiza zikaNkulunkulu ezibaluleke kakhulu kubantwana Bakhe abathembekile yisipho sikaMoya oNgcwele. Ukubaluleka kwalesi sipho kubonakala kubufakazi bokuthi siphiwa ngokusemthethweni emva kokuphenduka ezonweni kanye nokubhabhadiswa ngamanzi, “bese [kuchaza imibhalo engcwele] kuza ukuthethelelwa kwezono zenu ngomlilo kanye nangoMoya oNgcwele” (2 Nefi 31:17). Abantu abathole lokuthethelelwa kwezono—futhi njalo bavuselele ukuhlanzwa kwabo ngokuphenduka nsuku zonke futhi baphile ngokwezivumelwano abazenzayo ngesimiso sesidlo esingcwele—bafanelekile isithembiso sokuthi uMoya oNgcwele, uMoya weNkosi, “uhlale … kubo” (IMfundiso neziVumelwano 20:77).

UMongameli uJoseph F. Smith.

Ngakho, uMongameli uJoseph F. Smith wafundisa ukuthi uMoya oNgcwele “uzokhanyisela izingqondo zabantu mayelana nezinto zikaNkulunkulu, ukuze ubakholiswe ngesikhathi sokuguqulwa kwabo ukuthi benze intando kaBaba, futhi ube kubo ubufakazi obuhlala njalo njengomngani, osebenza njengomqondisi oqinisekile futhi ophephile kulo lonke iqiniso futhi ubagcwalise usuku nosuku ngentokozo nenjabulo, yokwenza okulungile kubantu bonke, ukubekezela ukungalungi kunokuthi benze izinto ezingalungile, ukuba nomusa nesihe, ukuba nenhliziyo ende futhi nokupha. Bonke abanalesisipho esingenakulinganiswa, leli gugu lenani elikhulu, banokoma okungapheli kokulunga. Ngaphandle kosizo lukaMoya oNgcwele,” kuphetha uMongameli Smith, “akekho umuntu ofayo ongahamba endleleni encane futhi engumngcingo.”

IV.

Kukhona izinsiza eziningi kangaka ezinamandla ezisiqondisayo ohambweni lwethu lwasemhlabeni, kuyadumaza ukuthi abaningi bahlala bengakawulungeli umhlangano wabo omisiwe noMsindisi noMhlengi wethu, uJesu Kristu. Umfanekiso wakhe wezintombi eziyishumi, okukhulunywa ngawo kaningi kulomhlangano, uphakamisa ukuthi kulabo abamenyiwe ukuhlangana Naye, ingxenye eyodwa kuphela ezoba izilungiselele.

Izintombi eziyishumi.

Sonke siyazazi izibonelo zabangazilungiselele: abefundisi bevangeli asebebuyile abaphazamise ukukhula kwabo ngokomoya ngezikhathi zokungaqhubeki ngokholo lwabo, intsha ebeke engozini ukukhula kwayo ngokomoya ngokuzihlukanisa nemfundiso yeBandla kanye nemisebenzi, amadoda ahlehlisele ukugcotshwa kwawo ebuPhristini bukaMelkisedeki, abesilisa nabesifazane—ngesinye isikhathi inzalo yabaqambi abahloniphekile noma abazali abafanelekeyo—asebe sukile endleleni yesivumelwano bengakafiki ekwenzenii futhi nokugcina izivumelwano ethempelini.

Umkhuleko womuntu siqu.

Okuningi kokuchezuka okunjalo kwenzeka lapho amalungu ehluleka ukulandela isu lokulondoloza komoya eliyisisekelo somkhuleko womuntu siqu, ukufunda imibhalo engcwele njalo, kanye nokuphenduka njalo. Ngokuphambene, abanye abakunaki ukuvuselelwa ngamasonto onke izivumelwano ngokungasamukeli isidlo esingcwele. Abanye bathi iBandla alihlangabezani nezidingo zabo; labo bathatha indawo yalokho abakubona njengezidingo zabo zakusasa ngaphambi kwalokho iNkosi ebanike kona ezimfundisweni Zayo eziningi kanye namathuba ethu okusiza abalulekile kwabanye.

Ukuthobeka nokuthembela eNkosini kungamakhambi alokho kuchezuka. Ngokwemfundiso eNcwadini kaMormoni, iNkosi “iyababusisa futhi iyabaphumelelisa labo ababeka ithemba labo kuyo” (Helamani12:1). Ukuthembela eNkosini kuyisidingo esikhethekile sabo bonke abalinganisa ngokungeyikho imiyalelo kaNkulunkulu nezimfundiso zabaphrofethi Bakhe ngokumelene nokutholwa kwakamuva nokuhlakanipha komuntu.

Ngikhulume ngezinsiza eziningi zasemhlabeni uBaba wethu oseZulwini azinikezile ukusiza abantwana Bakhe babuyele Kuye. Ingxenye yethu kulelisu laphezulu wukuthembela kuNkulunkulu futhi sifune futhi sisebenzise lezi zinsiza ezingcwele, ikakhulukazi Inhlawulo yeNdodana Yakhe eThandekayo, uMsindisi kanye noMhlengi wethu, uJesu Kristu. Ngiyakhuleka ukuthi sizofundisa futhi siphile lemithetho, egameni likaJesu Kristu, ameni.