“UJesu Ubusisa Abantwana,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UJesu Ubusisa Abantwana
Ukhombisa uthando Lwakhe kubo
UJesu Kristu wayesebafundisile abantu izinto eziningi. Wabona ukuthi babedinga isikhathi ukucabanga ababesebekufundile. Wabacela ukuba baye emakhaya futhi bathandaze kuBaba oseZulwini ukuze baqonde ayebafundise kona. UJesu wayesebathembisa ukubavakashela ngosuku olulandelayo.
Abantu bakhala ngoba babefuna uJesu ahlale isikhathi eside. UJesu wayebathanda abantu. Wayebona ukuthi ukholo lwabo laluqine kakhulu. Wabacela ukuba balethe Kuye noma ubani ogulayo noma osezinhlungwini noma ngayiphi indlela. Wayefuna ukubalapha ngamunye.
Abantu beza Kuye namalunga emindeni nabangani abagulayo. UJesu wabalapha bonke. Babejabule kakhulu. Baguqa basebeqabula izinyawo Zakhe.
UJesu Kristu wacela ukuba balethe abantwana babo Kuye. Abantu babaletha abantwana babo bababeka phansi bazungeza uJesu.
Emuva kokuba bonke abantwana baase beNaye, uJesu wacela abantu ukuba baguqe phansi. Waguqa Naye. Wabe Esethandaza kuBaba oseZulwini. Washo izinto ezimangalisayo ngalendlela yokuthi amazwi Akhe akabhalwanga. Abantu bagcwala injabulo.
UJesu watshela abantu ukuthi babusisiwe ngenxa yokholo lwabo Kuye. UJesu wezwa injabulo okwamenza waqala ukukhala.
UJesu wabusisa umntwana ngamunye ngamunye. Wabathandazela ngamunye kuBaba oseZulwini. Wayesecela abantu ukuba babuke abantwana babo.
Izingelosi ziqhamuka ezulwini futhi zazungeza abantwana. Lapho izingelosi zibusisa abantwana, ukukhanya kwasezulwini kwabazungeza. Ngolunye usuku, uJesu wahlangana wase ebusisa abantwana futhi. Waphinde wabusisa abantwana ukuthi bakwazi ukukhuluma. Nabantwana abancane bakhuluma. Abantwana bafundisa abazali babo izinto ezimangalisayo.