“UNefi uMprofethi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UNefi uMprofethi
Ukuthola amandla amakhulu aqhamuka kwiNkosi
Iqembu labaphangi baGadiyantoni lalibusa idolobha iZarahemla. Bathembisana ukusizana ukwenza izinto ezimbi. Babephanga futhi behlukumeza abantu ukuthola imali namandla. Iningi labantu labajoyina abaphangi. Babefuna ukuceba.
Helamani 6:15–24, 38–39; 7:4–5
Umprofethi uNefi wayehlala eZarahemla. UNefi wathandaza kuNkulunkulu ngoba wayedumele ukuthi abantu babengalandeli imiyalelo kaNkulunkulu. UNefi wacela abantu ukuba bakhumbule konke uNkulunkulu ayebenzele kona. Kodwa abantu abaningi abafunanga ukulalela. Babenendaba kakhulu nemali namandla kunokulalela uNkulunkulu.
UNefi uxwayisa abantu ngabaphangi. Wathi kwakumele baphenduke. Amanye amajaji amaNefi ayesejoyine abaphangi. Babemdinelwe uNefi futhi bathi unamanga Babefuna ukuba abantu badinelwe uNefi nabo.
UNefi wathi uNkulunkulu utshela abaprofethi Bakhe izinto eziningi. uNefi wabatshela ukuthi bonke abaprofethi bafundisa ngokuza kukaJesu Krestu. Wathi abaprofethi babaxwayisa abantu ukuthi iJerusalema iyakubhujiswa uma bengaphenduki. Wabakhumbuza ukuthi iJerusalema yabhujiswa.
Ngosuku olulandelayo, abahluleli babuza uNefi imibuzo ukumcupha. UNefi wabatshela ngobubi obuphakathi kwabo. Abanye abantu bamkholwa uNefi futhi babazi ukuthi wayengumprofethi.
Abanye abakholwanga. Bonke baphikisana base beyahamba. UNefi wacabanga ngowayekufundiswe iNkosi. Wayedumele ngenxa yezenzo ezimbi zabantu.
INkosi yakhuluma kuNefi. Wayejabule ukuthi uNefi wayefundise abantu. Ngenxa yokulalela kukaNefi, iNkosi yamunika amandla akhethekile ngaphezu kwezinto ezisemhlabeni nezisezulwini. INkosi yayazi ukuthi uNefi wayezowasebenzisa amandla kuphela ukusiza abantu baphenduke.
INkosi yatshela uNefi ukuba abuyele kubantu futhi abatshela baphenduke. UNefi wahamba ngaleso sikhathi. Kodwa abantu babemthukuthelele futhi abalalelanga.
Bazama ukufaka uNefi ejele. Kodwa uMoya kaNkulunkulu wamsiza uNefi abaleke.
UNefi waqhubeka nokufundisa izwi likaNkulunkulu. Abantu kunjalo abalalelanga. Baqala baphikisana futhi balwa bebodwa. Abaphangi benza ingxabano yankulu Maduze, kwaba nezimpi kumadolobha onke. Abantu abaningi babelimala noma babulawe UNefi wayedumele. Wayengafuni abantu babhujiswe izimpi.
UNefi wacela uNkulunkulu ukuba enze isomiso esikhulu ukuze abantu bayikhumbule iNkosi futhi baphenduke. Kwakungekho mvula iminyaka eminingi. Umhlabathi wawomile, nezitshalo zazingakwazi ukukhula. Abantu babelambile. Bayeka ukulwa futhi baqala ukukhumbula iNkosi. Abantu baphenduka futhi babaxosha abaphangi.
Abantu bacela uNefi ukuba athandaze kuNkulunkulu. UNefi wabona ukuthi baphendukile nabaphangi abasekho. Wacela iNkosi ukuba ithumele imvula. INkosi yawuphendula umthandazo kaNefi. Imvula yafika, izitshalo zaqala zakhula. Abantu bambonga uNkulunkulu. Babazi ukuthi uNefi wayengumprofethi, futhi wayenamandla amakhulu avela kuNkulunkulu.