“Isu likaNkulunkulu loMndeni waPhakade,” iLiyahona, ngoDisemba 2025.
UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona , ngoDisemba 2025
Isu likaNkulunkulu loMndeni waPhakade
Imindeni eyamukela isu likaNkulunkulu, ethanda njengoba uMsindisi ayethanda, ehlonipha izivumelwano zayo ngelinye ilanga iyothola njengefa “izibusiso zokuphila okuphakade kanye nenjabulo ephelele.”
Ngasekupheleni komsebenzi wami wokushumayela ivangeli, ngajabula lapho ngimbathiswa futhi ngibophwa kubazali bami eThempelini laseSão Paulo eBrazil.
Abazali bami, u-Apparecido noMercedes, babevela ezinkolweni ezahlukene, kodwa abadlula kukho ezimpilweni zabo kwabasiza ukuba balemukele ivangeli elibuyiselwe.
Ubaba wakhuliswa wumndeni omuhle kodwa wawungakholwa. Nakuba kunjalo, esengumfana waba nokuyithanda inkolo. Walifunda iBhayibheli, wethamela izifundo zeBhayibheli, futhi wafunda nangempilo kaJesu Kristu. Izifundo zakhe zabangela ukuthi alithande kakhulu ivangeli likaMsindisi kanye nomndeni, okwamshiya nentshisekelo yokushada onomqondo ofana nowakhe.
Ngokuqhathanisa, umama yena wayevela emndenini owawukholwa kakhulu. Bayamukela imigomo yevangeli, bethamela izinkonzo zebandla, futhi bayiphila inkolo yabo ngokwethembeka. Ngenxa yokukhula kuleyo ndawo, umama waba ngumuntu owayengaphuthi neze emihlanganweni yebandla.
Ngakho-ke, emva kokuba abazali bami sebeshadile futhi sekuvela abafowethu abathathu kanye nami, benza konke okusemandleni ukusikhulisa ngokukhanya kolwazi lwabo lwemigomo yevangeli. Ngelinye ilanga ubabekazi wami, owayeyilungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina elalingasayi enkonzweni, wathi kubaba, “Unabafana abane, sthandwa. Uma ufuna ngempela ukukhulisa umndeni ogxile kuKristu futhi kube khona uNkulunkulu emndenini wakho, kufanele uye kwelami ibandla.”
Ubaba wakuzwa lokho ayekusho, kodwa akenzanga lutho kwaze kwafika abafundisi bevangeli endaweni yangakithi, angqongqoza emnyango wethu, ase eqala ukusifundisa. Ngokushesha wabona ukuthi babemele ibandla ubabekazi wami ayemkhuthaze ukuba azolihlola.
Ukukhanya neQiniso
Enye yezinto abazali bami abayithanda ekuqaleni evangelini likaJesu Kristu elibuyiselwe ukubaluleka komndeni eBandleni kanye nemfundiso ethi “umsebenzi omningi kaNkulunkulu wensindiso nokuphakanyiswa ufezwa ngomndeni.” Ngaphambi kokubhabhadiswa, abazali bami bahlabeka umxhwele ngababekufunda kangangoba bamema omakhelwane ukuba bahlanganyele nabo ezifundweni zabafundisi bevangeli.
Enye yezinto abazali bami abayithanda ekuqaleni evangelini likaJesu Kristu elibuyiselwe ukubaluleka komndeni eBandleni.
Ngesikhathi behlangana nabafundisi bevangeli, futhi beqhubeka nokulifunda ivangeli emva kokubhabhadiswa, abazali bami bafunda ngezindlela “zokuba [ba]khulise abantwana [babo] ekukhanyeni naseqinisweni” nokuthi ngokomoya “balungise indlu [yabo] ihleleke” (IMfundiso neziVumelwano 93:40, 43).
Bafunda ukuthi “umndeni ubaluleke kakhulu ngokuphathelene nohlelo lukaMdali lwalokho abantwana Bakhe abadalelwe kona ingunaphakade” nokuthi “injabulo empilweni yomndeni kunokwenzeka ibe khona uma inesisekelo sezimfundiso zeNkosi uJesu Kristu.”
Bafunda ukuthi “imishado nemindeni enempumelelo imiswa futhi igcinwe ngezimfundiso zokukholwa, umkhuleko, ukuphenduka, ukuxolelana, ukuhloniphana, uthando, ukuzwelana, ukusebenza ngokunjalo nezindlela ezinhle zokuziphumulela .”
Bafunda ukuthi imindeni ingaba ngeyaphakade nokuthi “lobo budlelwane obukhona phakathi kwethu lapha buyoba khona phakathi kwethu lapho, kodwa buyobe sebuhambisana nenkazimulo yaphakade” (IMfundiso neziVumelwano 130:2).
Futhi bafunda ukuthi “injongo yokugcina yakho konke ukufundisa, konke okwenziwayo eBandleni wukuthi abazali nabantwana bajabule ekhaya, babophe emshadweni waphakade, futhi baxhunyaniswe nezizukulwane zabo.”
Ngalolo lwazi, bafisa ukubopha njengomndeni waphakade.
Ukubuka NgokwaPhakade
Emva kokuba abazali bami sebebhabhadisiwe, bakuphila lokho ababekufunda, besuka emhlabeni beya embusweni wevangeli. Basebenzela ukuwuhlanganisa umndeni wethu ngokuba nobusuku bomndeni kanye nokufunda imibhalo engcwele njengomndeni, behamba imihlangano yeBandla ngokwethembeka, kanye nokwenza umsebenzi womlando womndeni. Ngaleyo mizamo yobumbano, babenethemba lokwakha umndeni ogxile kulo isu lensindiso bebuka ngokwaphakade.
Ngonyaka ka-1965, unyaka abazali bami ababhabhadiswa ngawo, ithempeli elalisondelene ne Sao Paulo, eBrazil, lalise Mesa, e-Arizona, cishe lalikude ngamamayela awu – 6 000 (amakhilomitha awu – 9 650). Ukuthatha uhambo kwakubiza emndenini wethu, ngakho-ke abazali bami kwakufanele balindele ukunikelwa kweThempeli laseSão Paulo eBrazil ngo-1978 ngaphambi kokuba bemukele izimiso zasethempelini futhi babophe. Ngaleso sikhathi, ngangifeza umsebenzi wokuthunywa eRio de Janeiro.
Kwathi sekusele izinyanga ezimbili ngiwuqede umsebenzi wami wokuthunywa ngo Februwari ka-1980, umongameli wami wemishini wavumela mina nomphelekezeli wami ukuba sithathe uhambo ebusuku namalungu esikhonkwane sase Rio de Janeiro siya ethempelini lase Sao Paulo ukuze ngembhathiswe futhi ngibophwe kubazali bami. Njengabazali bami, ngase ngilinde iminyaka ukuthola izibusiso ezithenjisiwe zezimiso nezivumelwano zasethempelini.
Lokho engakuzwa nengakubona kwakushintsha ukuqonda kwami ngekusasa futhi kwanginika ukuqabuka kokuqala kobuqiniso kwamagama akamuva nje kaMongameli uRussell M. Nelson lapho ethi: “Ukuchitha isikhathi ethempelini kuzokusiza ukucabanga ngesilestiyali nokuba ubambe umbono wokuthi ungubani ngempela, ungaba ngubani, kanye nempilo ongayiphila ingunaphakade.”
Isikhashana nje engasichitha ethempelini ngalolo suku kwawuthinta ngendlela ejulile umsebenzi wami wokuthunywa owawusasele. Senginalokho kuqonda okusha, okwakufakaza ngethempeli kanye nangokubaluleka kwesu likaNkulunkulu lemindeni nakho kwayithinta kakhulu impilo yami.
Lapho umkami, uRosana, nami sishada eminyakeni emibili emva komsebenzi wami wokuthunywa, sabopha ethempelini sinenjongo yokukhulisa owethu umndeni waphakade. Ukufeza lokho, sasebenza ndawonye ukuqamba imikhuba yomndeni eyayijwayelwe ukwenziwa efana naleyo esayifundiswa ngabazali bethu, konke okwakugxile kuMsindisi, izimfundiso Zakhe, kanye nezimfundiso zabaprofethi banamuhla.
Namhlanje abantwana bethu nabo bakhulisa ababo abantwana ngemigomo yenjabulo yevangeli efanayo. Kithi, umndeni uyikho konke ngoba siyakuqonda ukubaluleka komndeni ngokuphathelene nesu likaNkulunkulu.
NjengoneGunya eliKhulu eBandleni, ngaba nesibusiso sokubopha abantwana bami abathathu kulabo abashade nabo ethempelini. Ukubabuka emehlweni emva kokuba baguqe e-altare ethempelini kwaba kuhle kakhulu. Ngangikwazi ukuyibona inzalo yami ibusiswa yimigomo yevangeli efanayo naleyo abazali bami abangifundisa yona futhi uRosana nami esayifundisa bona. Ngangikwazi ukuzibona lezo zibusiso ziqhubeka ezizukulwaneni zakusasa. Futhi ngakhunjuzwa ukuthi ngubani owenza konke lokho kube yinto engenzeka.
Isikhumbuzo sikaKhisimusi
Umndeni ubalulekile kulo isu likaNkulunkulu lenjabulo, kodwa ngaphandle kuka Jesu Kristu, lelosu alinakwenzeka. INhlawulo Yakhe kanye nezimiso nezivumelwano ezitholakala evangelini Lakhe zenza kube khona isethembiso sokuphakanyiswa.
UMongameli uNelson umemezele wathi: “Ukuphakanyiswa kuyindaba yomndeni. Kungenzeka kuphela ngezimiso ezisindisayo zevangeli likaJesu Kristu ukuthi imindeni ingaphakanyiswa. Sizabalazela ukuba ekugcineni sijabule njengomndeni—sembathiswe, sibophwe, futhi silungiselelwa ukuphila okuphakade phambi kukaNkulunkulu.”
Lapho ngivakashela izindawo engingakaze ngizibone, ngizama ukuthola isigaba esincane somdlalo wokuZalwa kukaJesu esikhumbuza uRosana nami ngoMsindisi. Sengiqongelele izigaba impela.
Lapho sicabanga ngalezo zigaba ezinokuthobeka zomdlalo wokuZalwa kukaJesu, umkami nami sake sazindla ngokuthi, “Ngabe yikuphi ngempela okubalulekile ezimpilweni zethu?” Impendulo, vele uMsindisi, ivangeli Lakhe, kanye nomndeni wethu. Ukuze sikhumbule ngothando lukaBaba oseZulwini nokuthi kungenxa kaMsindisi ukuthi kube khona isethembiso semindeni yaphakade, eminyakeni edlule ngaphambi kukaKhisimusi sabeka zonke izigaba zomdlalo wokuZalwa kukaJesu emashalofini amabili amakhulu ekhaya lethu—sawashiya lapho esikhundleni sokuwasusa emva kwamaholidi kaKhisimusi. Lowo mkhuba esijwayele ukuwenza uyasisiza siwugcine umuzwa kaKhisimusi ekhaya lethu unyaka wonke.
Nsuku zonke lapho sibuka lezo zigaba zomdlalo wokuZalwa kukaJesu, zisikhumbuza ngobumnene ukubaluleka kukaMsindisi ezimpilweni zethu. Ziyasikhumbuza ukuthi ukuthula emhlabeni manje (bheka NgokukaLuka 2:14) kanye nenjabulo yaphakade ezweni elizayo kuncike kuMsindisi kanye nasekuhlonipheni izivumelwano esizenzileyo Naye. Futhi ziyasikhumbuza “ukuthi weza emhlabeni, ngisho uJesu, ukuzobethelelwa umhlaba, futhi nokuzothwala izono zomhlaba, futhi nokuzongcwelisa umhlaba, futhi nokuzowuhlanza kukho konke ukungalungi;
“Ukuze ngaye bonke basindiswe uBaba ababeke emandleni akhe futhi nabenze ngaye” (IMfundiso neziVumelwano 76:41–42).
Njengoba sawafunda lamaqiniso kubazali bethu, uRosana nami sasebenzela ukuwadlulisela kubantwana bethu. Manje abantwana bethu sebeyawafundisa kanye lawo maqiniso nakwababo abantwana. Imbewu eyatshalwa ezinhliziyweni zabazali bami eminyakeni engama-60 eyadlula ekhaya lethu elincane eBrazil isiqhakaze yathela isithelo “esiyigugu elikhulu, esimtoti ngaphezu kwakho konke okumtoti, futhi esimhlophe ngaphezu kwakho konke okumhlophe, yebo, futhi esimsulwa ngaphezu kwakho konke okumsulwa” (Alima 32:42).
Ngiyafakaza ukuthi labo abemukela isu likaNkulunkulu lemindeni, abathanda njengoba uMsindisi ayethanda, abahlonipha izivumelwano zabo ngelinye ilanga bayothola njengefa “izibusiso zokuphila okuphakade kanye nenjabulo ephelele” kanye nabathandiweyo babo kanye noBaba neNdodana.
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Liahona Message, December 2025. Zulu. 19614 783