Solomoni Bheka futhi isihloko esithi Bati-Sheba; Davide ETestamenteni eliDala, yindodana kaDavide kanye noBati-Sheba (Ⅱ Sam. 12:24). USolomoni waba yinkosi yakwa-Israyeli okwesikhashana. UDavide wabeka uSolomoni njengenkosi, Ⅰ AmaKh. 1:11–53. UDavide wamyala uSolomoni ukuba ahambe ezindleleni zeNkosi, Ⅰ AmaKh. 2:1–9. INkosi yamethembisa ukuthi uyoba nenhliziyo eqondayo, Ⅰ AmaKh. 3:5–15. Wahlulela phakathi komama ababili futhi wamthola okunguyena nina womntwana, Ⅰ AmaKh. 3:16–28. Wakhuluma izaga kanye nezihlabelelo, Ⅰ AmaKh. 4:32. Wakha ithempeli, Ⅰ AmaKh. 6; 7:13–51. Wanikela ithempeli, Ⅰ AmaKh. 8. Wahanjelwa yindlovukazi yaseSheba, Ⅰ AmaKh. 10:1–13. USolomoni washada ngaphandle kwakwa-Israyeli, futhi abafazi bakhe baguqulela inhliziyo yakhe ekukhonzeni onkulunkulu bamanga, Ⅰ AmaKh. 11:1–8. INkosi yamcanukela uSolomoni, Ⅰ AmaKh. 11:9–13. Wafa, Ⅰ AmaKh. 11:43. UDavide waphrofetha ngenkazimulo yokubusa kukaSolomoni, AmaH. 72. USolomoni wathola abafazi abaningi kanye nezancinza, kodwa abanye akabanikwanga yiNkosi, Mf&V 132:38 (Jakobe 2:24).