|
Izehlakalo ngezinsuku zabaphatriyakhe bokuqala. (Ngenxa yobunzima bokwazisisa kahle izinsuku okuyizona zona zezehlakalo kulesi sigaba, izinsuku azinikeziwe.) | |
|
Ngaphambi kokuZalwa kukaJesu Kristu (noma Ngaphambi kwesiKhathi saBantu Bonke) | |
|
4000 |
U-Adamu wawa. |
|
U-Enoke wasebenza. | |
|
UNowa wasebenza; umhlaba wagcwala amanzi. | |
|
UmBhoshongo waseBabele wakhiwa; amaJarede ahamba aya eZweni leseThembiso. | |
|
UMelkisedeki wasebenza | |
|
UNowa wafa. | |
|
U-Abrama (u-Abrahama) wazalwa. | |
|
U-Isaka wazalwa. | |
|
UJakobe wazalwa. | |
|
UJosefa wazalwa. | |
|
UJosefa wathengiselwa eGibithe. | |
|
UJosefa wavela ngaphambi kukaFaro. | |
|
UJakobe (u-Israyeli) nomndeni wakhe waya phansi eGibithe. | |
|
UJakobe (u-Israyeli) wafa. | |
|
UJosefa wafa. | |
|
UMose wazalwa. | |
|
UMose wahola abantwana bakwa-Israyeli ukuba baphume eGibithe (ukuPhuma kwaBantu aBaningi). | |
|
UMose waguqulwa. | |
|
UJoshuwa wafa. | |
|
Emuva kokufa kukaJoshuwa, kwaqala isikhathi sabahluleli, u-Otheniyeli eba ngumahluleli wokuqala futhi owokugcina kuba nguSamuweli; uhlelo nezinsuku zezinyanga zezinye izehlakalo azaziwa kahle. | |
|
USawule wagcotshwa waba yinkosi. | |
|
Izehlakalo zoMbuso oHlangene wakwa-Israyeli | |
|
1095 |
Ukubusa kukaSawule kuyaqala. |
|
1063 |
UDavide wagcotshwa nguSamuweli waba yinkosi. |
|
1055 |
UDavide waba yinkosi yaseHebroni. |
|
1047 |
UDavide waba yinkosi eJerusalema; UNathani noGadi baphrofetha. |
|
1015 |
USolomoni waba yinkosi yabo bonke abakwa-Israyeli. |
|
991 |
IThempeli laqedwa. |
|
975 |
USolomoni wafa; izizwana ezilishumi zasenyakatho zavukela uRehobowamu, indodana yakhe futhi nabakwa-Israyeli behlukana |
|
Izehlakalo zakwa-Israyeli |
Izehlakalo zakwaJuda |
Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni | |||
|---|---|---|---|---|---|
|
975 |
UJerobowamu waba yinkosi yakwa-Israyeli. | ||||
|
949 |
UShishaki, inkosi yaseGibithe, waphanga iJerusalema. | ||||
|
875 |
U-Ahabi wabusa eSamariya phezu kwabakwa-Israyeli abasenyakatho; U-Eliya waphrofetha. | ||||
|
851 |
U-Elisha wenza izimangaliso ezinkulu. | ||||
|
792 |
U-Amose waphrofetha. | ||||
|
790 |
UJona kanye noHoseya baphrofetha. | ||||
|
740 |
U-Isaya waqala ukuphrofetha. (IRoma yasungulwa; UNabonasa waba yinkosi yaseBabiloni ngonyaka ka 747; UThiligati-Philineseri wesiThathu waba yinkosi yase-Asiriya kusuka ngonyaka ka747 kuya koka 734.) | ||||
|
728 |
UHezekiya waba yinkosi yakwaJuda. (UShalimaneseri weSine waba yinkosi yase-Asiriya.) | ||||
|
721 |
UMbuso waseNyakatho wabhujiswa; izizwana ezilishumi zathunjwa; uMika waphrofetha. | ||||
|
642 |
UNahume waphrofetha. | ||||
|
628 |
UJeremiya kanye noZefaniya baphrofetha. | ||||
|
609 |
U-Obadiya waphrofetha; UDaniyeli wathathwa wayothunjwa eBabiloni. (INineve yawa ngonyaka ka606; UNebukadinesari waba yinkosi yaseBabiloni kusuka ngonyaka ka604 kuya ku561.) | ||||
|
600 |
ULehi wahamba eJerusalema. | ||||
|
598 |
UHezekeli waphrofetha eBabiloni; UHabakuki waphrofetha; USedekiya waba yinkosi yakwaJuda. | ||||
|
588 |
UMuleki wahamba eJerusalema waya ezweni lesethembiso. | ||||
|
588 |
AmaNefi azihlukanisa namaLamani (phakathi konyaka ka 588 noka 570). | ||||
|
587 |
UNebukadinesari wathumba iJerusalema. | ||||
|
Izehlakalo emlandweni wamaJuda |
Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni | ||
|---|---|---|---|
|
537 |
UKoresi wamemezela ukuthi amaJuda angabuyela emuva besuka eBabiloni. | ||
|
520 |
UHagayi kanye noZakariya baphrofetha. | ||
|
486 |
U-Esteri wayephila. | ||
|
458 |
U-Ezra wathunywa ukuba enze izinguquko. | ||
|
444 |
UNehemiya wabekwa ukuba abe ngumbusi eJudiya. | ||
|
432 |
UMalaki waphrofetha. | ||
|
400 |
UJaromu wathola izingcwephe. | ||
|
360 |
U-Omini wathola izingcwephe. | ||
|
332 |
U-Aleksandru omKhulu wanqoba iSiriya neGibithe. | ||
|
323 |
U-Aleksandru wafa. | ||
|
277 |
ISeptuwajinti, ukuhunyushwa kwemibhalo engcwele yamaJuda ngesiGriki, yaqalwa. | ||
|
167 |
UMatathiya wakwaMakabi wavukela iSiriya. | ||
|
166 |
UJuda Makabiya waba ngumholi wamaJuda. | ||
|
165 |
Ithempeli lahlanzwa futhi laphinde lahlukaniselwa; IHanuka yaqaliswa. | ||
|
161 |
UJuda Makabiya wafa. | ||
|
148 |
U-Abinadi wabulawelwa ukholo; U-Alima walimisa futhi iBandla phakathi kwamaNefi. | ||
|
124 |
UBenjamini wanika inkulumo yakhe yokugcina kwamaNefi. | ||
|
100 |
U-Alima omNcane namadodana kaMosiya baqala umsebenzi wabo. | ||
|
91 |
Ukubusa kwabehluleli kwaqala phakathi kwamaNefi. | ||
|
63 |
UPompeyi wanqoba iJerusalema, ukubusa kwabaka Makabi kwaphela kwa-Israyeli, futhi kwase kuqala ukubusa kwama Roma. | ||
|
51 |
UKleyophathira wabusa. | ||
|
41 |
UHerode kanye noFazayeli benziwa amatetrarki aseJudiya. | ||
|
37 |
UHerode waba ngumholi eJerusalema. | ||
|
31 |
Kwaliwa eMpini yase-Actium; U-Awugustu waba yinkosi enkulu yaseRoma kusuka ngonyaka wama 31 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu kuya onyakeni weNkosi we 14. | ||
|
30 |
UKleyophathira wafa. | ||
|
17 |
UHerode wabuyisela ithempeli. | ||
|
6 |
USamuweli umLamani waphrofetha ngokuzalwa kukaKristu. | ||
|
Izehlakalo eMlandweni wamaKristu |
Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni | ||
|---|---|---|---|
|
Ngonyaka weNkosi |
Ngonyaka weNkosi | ||
|
Ukuzalwa kukaJesu Kristu. | |||
|
30 |
Ubufundisi bukaKristu baqala. | ||
|
33 |
UKristu wabethelwa esiphambanweni. |
33 noma 34 |
UKristu ovuke kwabafileyo wavela eMelika. |
|
35 |
UPawulu waguquka. | ||
|
45 |
UPawulu wathatha uhambo lwakhe lobufundisi lokuqala. | ||
|
58 |
UPawulu wathunyelwa eRoma. | ||
|
61 |
Umlando weZenzo zabaPhostoli wafika esiphethweni. | ||
|
62 |
IRoma yashiswa; AmaKristu ahlushwa ngaphansi kukaNiro. | ||
|
70 |
AmaKristu abaleka aya ePela; IJerusalema yavinjezelwa futhi yathunjwa yibutho lama Roma. | ||
|
95 |
AmaKristu ahlushwa nguDomitiya. | ||
|
385 |
Isizwe sakwaNefi sabhujiswa. | ||
|
421 |
UMoroni wazicashisa izingcwephe. | ||