“Imihlangano Yomkhandlu Wothisha—Eyabazali noThisha Ababiziweyo,” Ukufundisa Ngendlela kaMsindisi: Okuphathelene Nabo Bonke Labo abaFundisa eKhaya (2022)
“Imihlangano Yomkhandlu Wothisha,” Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi
Imihlangano Yomkhandlu Wothisha—Eyabazali noThisha Ababiziweyo
Iwadi ngayinye kumele ibambe imihlangano yomkhandlu wothisha njalo ngekota, eyabo bobabili abazali kanye nothisha ababiziweyo ewadini. Kule mihlangano, abazali kanye nabanye othisha bangabonisana ndawonye ngemigomo yezimfundiso ezifana nezikaKristu (bheka encwadini ethi General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 13.4, 13.5, 17.4, 17.5, Umtapo woLwazi weVangeli).
Zombili izinhlobo zemihlangano yomkhandlu wothisha zibanjwa kanye kwikota ngesikhathi esiyimizuzu engama-50 sekilasi ngeSonto.
Imihlangano Yomkhandlu Wothisha Yabazali.
Ubani Oyiholayo Lemihlangano Na? Kuvamise, ukuthi ilungu lobumongameli kaSonto Skole lihole imihlangano yomkhandlu wothisha yabazali. Kepha, amalungu obuholi bobubhishophi anganikeza amanye amalungu ewadi ukuthi ayihole imihlangano ngezinye izikhathi.
Umkhandlu wewadi, usizwa ubumongameli baSonto Skole, uphatha imihlangano yomkhandlu wothisha yabazali. Bayabonisana ndawonye ngezidingo zabazali nemindeni, futhi basebenzisane ndawonye ukuthola ukuthi imiphi imigomo etholakala encwadini Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi ezohlangabezana kangcono nalezo zidingo.
Ubani Okumele Ayihambele Imihlangano? Umkhandlu wewadi uyakhetha ukuthi kuzomenywa abazali abathile noma bazomema bonke abafisa ukubamba iqhaza.
Kumele Ibanjwe Nini Lemihlangano Na? Imihlangano yomkhandlu wothisha yabazali ingabanjwa nganoma yiliphi iSonto, njengokukhetha komkhandlu wewadi.
Imihlangano Yomkhandlu Wothisha yoThisha Ababiziweyo.
Ubani Oyiholayo Lemihlangano Na? Kuvamise ukuthi ilungu lobumongameli kaSonto Skole lihole imihlangano yomkhandlu wothisha yothisha ababiziweyo. Kepha, amalungu obuholi bobubhishophi anganikeza amanye amalungu ewadi ukuthi ayihole imihlangano ngezinye izikhathi.
Umkhandlu wewadi, usizwa ubumongameli baSonto Skole, uphatha imihlangano yomkhandlu wothisha yothisha ababiziweyo. Bayabonisana ndawonye ngezidingo zothisha nabafundi, futhi basebenzisane ndawonye ukuthola ukuthi imiphi imigomo etholakala kwincwadi Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi ezohlangabezana kangcono nalezo zidingo.
Ubani Okumele Ahambele Imihlangano? Wonke umuntu ofundisa umgwamanda nekilasi ewadini kumele ahambele imihlangano yomkhandlu wothisha. Amalungu obuholi bomgwamanda nenhlangano nawo ayamenywa.
Kumele Ibanjwe Nini Lemihlangano Na? Othisha baya emihlanganweni yomkhandlu wothisha ngeSonto lapho bengafundisi amakilasi abo ajwayelekile.
-
Othisha bomgwamanda wobuPhristi, iNhlangano yokuSiza, namaNtombazane bangahlanganyela phakathi kweSonto lokuqala noma elesithathu, njengoba kuzobe kunqunywe abaholi bendawo.
-
Othisa baSonto Skole bangahlanganyela phakathi kweSonto lesibili noma elesine, ngokunqunywe abaholi bendawo.
-
Othisha babaNtwana bangahlanganyela nganoma yiliphi iSonto, ngokunqunywe ubumongameli beNhlangano yabaNtwana nobumongameli baSonto Skole bewadi. Uma kufiswa, othisha beNhlangano yabaNtwana bangahlangana ngokuhluka kunabanye othisha ukuze babonisane ngesimo esikhethekile sokufundisa abantwana. Lokhu kungenzeka ngesikhathi sokucula esiyimizuzu engama-20, ngaphambi noma emva kwemihlangano yangeSonto ejwayelekile, noma ngolunye usuku esontweni. Kungabanjwa umhlangano womkhandlu wothisha ongaphezulu kowodwa ngekota ukwenzela othisha beNhlangano yabaNtwana ukuze kungabi ukuthi abekho bonke emakilasini abaNtwana ngesonto elilodwa. (Qaphela: Lapho kunesidingo, ubumongameli beNhlangano yabaNtwana bucela othisha abazobambela, bahlanganise amakilasi, noma benze ezinye izinhlelo zokudedela othisha babaNtwana behambe imihlangano yomkhandlu wothisha.)
Ukuhleleka kwemiHlangano
Imihlangano Yomkhandlu Wothisha—eyabo bobabili abazali nothisha ababiziweyo—landela loluhlelo:
-
Abelanani futhi nibonisane ndawonye (imizuzu elinganiselwe kwengama-20). Mema abazali noma othisha ukuze babelane ngokusebenza kahle uma befundisa ivangeli ekhaya noma emakilasini. Bangakwazi ukwabelana ngezingqinamba abahlangabezana nazo, noma izinto abangathanda ukuzithuthukisa.
-
Fundani ndawonye (imizuzu elinganiselwe kweyi-15). Xoxisana nabazali noma othisha ngomunye wemigomo esencwadini Ukufundisa ngeNdlela kaMsindisi. Wozani, Ngilandeleni ingasetshenziswa nayo njengesu kulezi zingxoxo.
-
Hlela futhi umeme (imizuzu elinganiselwe kweyi-10). Mema abazali noma othisha ukuba babelane ngasebekufundile ngesikhathi somhlangano nokuthi bahlela ukukusebenzisa kanjani.