“NgoDisemba 1–7: ‘Umbono ngokuKhululwa kwabaFileyo’: IMfundiso neziVumelwano 137–138,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 137–138,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2025
Imininingwane evela ku Kristu Eshumayela Ezweni lemiMoya, ngu-Robert T. Barrett
NgoDisemba 1–7: “Umbono ngokuKhululwa kwabaFileyo”
IMfundiso neziVumelwano 137–138
Izambulo ezibhalwe KwiMfundiso neziVumelwano 137 no 138 zihlukaniswe yiminyaka engaphezulu kwa-80 nebanga elingamangamayela ayi-1,500 (2,400 km). Isigaba 137 sanikwa umPhrofethi uJoseph Smith ngonyaka ka-1836 eThempelini laseKirtland elalingakaqedwa ukwakhiwa, kanti isigaba 138 sanikwa uJoseph F. Smith, uMongameli wesithupha waleliBandla, ngonyaka ka1918, eSalt Lake City. Kodwa ngokwemfundiso, lemibono yombili ihlangene futhi ingeyandawonye. Yombili iphendula imibuzo abantu abaningi—kuhlanganise nabaphrofethi bakaNkulunkulu—abanayo ngokuphila ngemva kokufa. UJoseph Smith wayezibuza ngesiphetho somfowabo u-Alvin, owashona engakabhabhadiswa. UJoseph F. Smith, owayeshonelwe ngabazali bakhe bobabili kanye nezingane eziyi-13, wayevame ukucabanga ngezwe lemimoya futhi ezibuza ngokushunyayelwa kwevangeli lapho.
Isigaba 137 sinikeza ukukhanya kokuqala mayelana nesiphetho sabantwana baNkulunkulu empilweni elandelayo, futhi isigaba 138 sivula amakhethini nakakhulu. Zombili lezizigaba, ziyafakaza “ngothando olukhulu nolumangalisayo olwabonakaliswa nguBaba neNdodana” (IMfundiso neziVumelwano 138:3).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 137; 138:30–37, 57–60
Bonke abantwana baBaba oseZulwini bayoba nethuba lokukhetha ukuphila okuphakade.
U-Alvin Smith, umfowabo othandekayo woMphrofethi uJoseph, washona eminyakeni eyisithupha ngaphambi kokuba uNkulunkulu abuyisele igunya lokubhabhadisa. Ulwazi olwaluvamile kuwo wonke amaKristu ngonyaka ka-1836 ukuthi uma kwenzeka umuntu efa engazange abhabhadiswe—njengoba kwenzeka kumfowabo kaJoseph Smith, u-Alvin—lowomuntu wayengeke aye ezulwini. UJoseph wazibuza ngensindiso yaphakade ka-Alvin iminyaka eminingi—kwaze kwaba yilapho ethola isambulo KwiMfundiso neziVumelwano 137.
Abantu abaningi namuhla banemibuzo efanayo. Kungani uNkulunkulu engadinga izimiso nezivumelwano lapho abantu abaningi kangaka bengalitholi ithuba lokuzithola? Ungathini kumuntu obuza ngalokhu? Ungalwakha kanjani ukholo lwabo kuNkulunkulu nasezimfunekweni Zakhe zensindiso? Bheka amaqiniso ongabelana nabo isigabeni 137 kanye nesigaba 138:30–37, 57–60. Ungabheka futhi lawa maqiniso avezwe ehubeni elithi “The Glorious Gospel Light Has Shone“ (Amahubo, no. 283) kanye nasemlayezweni kaMongameli Henry B. Eyring “Ukuqoqa Umndeni KaNkulunkulu“ (Liyahona, ngoMeyi 2017, 19–22).
Njengoba ufunda futhi uzindla, ungase ubhale phansi imibono yakho ngokugcwalisa imisho enjengale:
-
Ngenxa yalezi zambulo, ngiyazi ukuthi uBaba oseZulwini .
-
Ngenxa yalezi zambulo, ngiyazi ukuthi isu likaBaba lensindiso .
-
Ngenxa yalezi zambulo, Ngifuna .
Bheka ne Saints, 1:232–35.
IMfundiso neziVumelwano 138:1–11, 25–30
Ukufunda nokuzindla emibhalweni engcwele kuyangilungiselela ukuba ngithole isambulo.
Kwesinye isikhathi isambulo sifika ngisho singasifunanga. Kodwa isikhathi esiningi, sifika ngenxa yokuthi siyafuna ngokukhuthala futhi siyazilungiselela. Njengoba ufunda Imfundiso neziVumelwano 138:1–11, 25–30, qaphela ukuthi uMongameli uJoseph F. Smith wayecabangani ngenkathi “amehlo okuqonda [kwakhe] evuleka.” Ungase futhi uqhathanise ulwazi lwakhe no 1 Nefi 11:1–6; UJoseph Smith—Umlando 1:12–19. Emveni kwalokho, nawe ake ucabangele ngokuthi ungasilandela kanjani isibonelo sikaMongameli Smith. Isibonelo, yiziphi izinguquko ozizwa ugqugquzelekile ukuzenza esifundweni sakho sombhalo ongcwele ukuze uthole isambulo sakho siqu?
Emlayezweni wakhe “Umbono Wokuhlengwa Kwabafileyo” (ILiyahona, Nov. 2018, 71–74), uMongameli M. Russell Ballard uphakamise ezinye izindlela uMongameli Smith ayezilungiselele ukuzenza thola lesi sambulo. Ufundani kulokho abhekana nakho? Cabangela ukuthi iNkosi ikulungiselele kanjani ngalokho obhekene nakho—futhi nokuthi kungenzeka ukuthi ikulungiselela kanjani ngalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.
Bheka futhi ku Saints, 3:202–5; “Inkonzo kaJoseph F. Smith: Umbono Wokuhlengwa Kwabafileyo” (ividiyo), I-Gospel Library.
Ministry of Joseph F. Smith: A Vision of the Redemption of the Dead
uJoseph F. Smith, ngu-Albert Salzbrenner
Mema uMoya. “Yini oyibonile enesandla esimweni somoya sokufunda ivangeli? Ngabe yikuphi okuphazamisayo kulokho na?” (Ukufundisa ngendlela yoMsindisi, 18). Njengoba ufunda ulwazi lukaMongameli uJoseph F. Smith KwiMfundiso neziVumelwano 138:1–11, cabanga ngokuthi ungakukhuthaza kanjani ukuzindla futhi uzimemele imibono kamoya futhi, uma unguthisha, kubantu obafundisayo.
IMfundiso neziVumelwano 138:25–60
Umsebenzi woMsindisi uyaqhubeka ngakolunye uhlangothi lwesihenqo
UMongameli uRussell M. Nelson wasifundisa wathi, “Umyalezo wethu emhlabeni usobala futhi uliqiniso: sibamema bonke abantwana baNkulunkulu nhlangothi zombili zesihenqo ukuba beze kuMsindisi wabo, bathole izibusiso zethempeli elingcwele, bathole injabulo engapheliyo, futhi babe namandla okuzuza ukuphila okuphakade” (“Let Us All Oress On,” kwi-Ensign, noma iLiyahona, ngoMeyi 2018, 118–19). Ake uzindle ngalokhu okushiwo ngesikhathi ufunda KwiMfundiso neziVumelwano 138:25–60. Ungacabanga futhi lemibuzo elandelayo:
-
Ngabe yikuphi okufundayo kulamavesi mayelana nokuthi umsebenzi kaMsindisi ufezwa kanjani ezweni lemimoya na? Kubaluleke ngani kuwe ukuba wazi ukuthi lomsebenzi uyenziwa na?
-
Yini ekuhlaba umxhwele ngezithunywa zeNkosi ezweni lemimoya?
-
Lesi sambulo siluqinisa kanjani ukholo lwakho kwicebo lensindiso likaNkulunkulu?
Uma ungathanda ukufunda kabanzi ngezwe lemimoya, ungafunda umlayezo kaMongameli uDallin H. Oaks “Thembela eNkosini” (Liahona, Nov. 2019, 26–29).
Bheka futhi “Susa Young Gates kanye Nombono Wokuhlengwa Kwabafileyo,” Kwisambulo Esikumongweni, 315–22; “Ukuvakasha KukaBaba” (ividiyo), I-Gospel Library.
A Visit from Father
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 137:5z–10; 138:18–35
Bonke abantwana baBaba oseZulwini bayoba nalo ithuba lokuzwa ivangeli.
-
Ukuze ufunde ngokuthi bekuyosho ukuthini kuJoseph Smith ukubona amalungu omndeni wakhe amaningana embusweni wezulu, abantwana bakho bangabuka ividiyo ethi “Ministry of Joseph Smith: Temples” (Gospel Library), noma ungabelana Izindaba zeMfundiso neZivumelwano, 152–53 (noma ividiyo ehambisanayo ku-Gospel Library). Mhlawumbe ungase ukhulume nangothile omaziyo owashona engalitholanga ithuba lokubhabhadiswa. Ngabe sifundiswani kwi Mfundiso neziVumelwano 137:5–10 mayelana nalowo muntu na?
2:20Ministry of Joseph Smith: Temples
2:17Chapter 39: The Kirtland Temple Is Dedicated: January–March 1836
-
Cabanga ukusebenzisa isithombe sethuna loMsindisi (bona Incwadi Yezithombe Zevangeli, no. 58, noma Izithombe ZeBhayibheli, no. 14) kanye nesithombe esisekupheleni yaloluhlaka ukuze ufundise izingane zakho lapho umoya kaJesu waya khona lapho umzimba Wakhe usethuneni. Bese ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 138:18–19, 23–24, 27–30 ukuze nifunde ngalokho uJesu akwenza ngenkathi Elapho. Wavakashela bani? Wabacela ukuthi benzeni? Wakwenzelani lokhu na?
-
Ungasebenzisa futhi ikhasi lomsebenzi laleli sonto ukuze usize abantwana bakho baqhathanise lokho okufundiswa izithunywa zevangelikuleli cala lwesisitho (bona, isibonelo, ImiBhalo yoKholo 1:4) kanye nezithunywa zevangeli ezweni lemimoya (bona IMfundiso neziVumelwano 138:33). Kuyini okufanayo kula mavesi, futhi yini ehlukile? Lokhu kusifundisani ngoBaba oseZulwini kanye nohlelo Lwakhe?
Ukuzindla ngemibhalo engcwele kumema uMoya oNgcwele.
IMfundiso neziVumelwano 138:1–11
Uma ngizindla ngemibhalo engcwele, uMoya oNgcwele ungangisiza ngiyiqonde.
-
Njengoba wena kanye nabantwa bakho nifunda IMfundiso neziVumelwano 138:1–11 ndawonye, ungabamema ukuba benze engathi banguMongameli uJoseph F. Smith futhi benze izenzo ezihambisana namazwi emavesini 6 kanye no-11. Ungase futhi ubabonise isithombe sikaMongameli Smith (kukhona oyedwa kuloluhlaka) futhi uchaze ukuthi wayenguMongameli wesithupha weBandla. Ungakwazi futhi ukukhuluma ngesikhathi lapho uzindla ngokuthile emibhalweni engcwele futhi uMoya oNgcwele wakusiza ukuba ukuqonde.
-
Cabanga ukucula ndawonye ingoma emayelana nokufunda imibhalo, njengokuthi ““Sesha, Zindla, Futhi Uthandaze” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 109). Leli culo lithi kufanele senzeni ukuze siqonde imibhalo?
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).