“NgoJune 30–Julayi 6: ‘Asikho Isikhali Esakhelwe Ukuqeda Wena esiyoPhumelela’: IMfundiso neziVumelwano 71–75,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 71–75,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
I Will Remember the Covenant (Ngizosikhumbula isiVumelwano), ngu-Enrique Manuel Garcia
NgoJuni 30–Julayi 6: “Asikho Isikhali Esakhelwe Ukuqeda Wena esiyoPhumelela”
IMfundiso neziVumelwano 71–75
Kusukela esangumfanyana, uJoseph Smith wayebhekana nokugxekwa—ngisho nezitha—ngesikhathi ezama ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Kepha kufanele ukuthi kwakunzima kakhulu ekupheleni konyaka ka-1831 ngesikhathi u-Ezra Booth eqala ukuhlambalaza iBandla emphakathini, ngoba kulelicala umgxeki wayelikholwa elingasalihambi isonto. U-Ezra wayembonile uJoseph esebenzisa amandla kaNkulunkulu ukuphilisa owesifazane. Wayemenywe ukuba aphelezele uJoseph kucwaningo lokuqala lomhlaba weSiyoni eMissouri. Kodwa wayeselahlekelwe wukholo lwakhe futhi, ekuzameni ukuhlambalaza umProfethi, washicilela uchungechunge lwezincwadi kwiphephandaba lase-Ohio. Imizamo yakhe yayibonakala isebenza, ngoba “imizwa engenamusa … ephikisana neBandla yayisithuthukisiwe” endaweni (IMfundiso neziVumelwano 71, isihloko sesigaba). Amakholwa kufanele enzenjani esimweni esinjengalesi? Ngesikhathi kungekho ngisho neyodwa impendulo elungile yasona sonke isimo, kubukeka kujwayelekile—kubalwa khona isimo sangonyaka ka-1831—ingxenye yempendulo yeNkosi ukusho iqiniso nokulungisa amanga ngoku “memezela ivangeli” (ivesi 1). Yebo, umsebenzi weNkosi uyohlezi unabagxekayo, kodwa ekugcineni, “asikho isikhali esakhelwe ukuliqeda esiyophumelela” (uvesi 9).
Bheka “uEzra Booth beno Isaac Morley,” kwi Zambulo zomongo, 134.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UMoya uzongihola njengoba ngimemezela ivangeli loMsindisi.
Kungaba nzima uma abantu begxeka noma begcona ukholo lwakho kuMsindisi, ivangeli Lakhe, noma iBandla Lakhe. Uma lokho kwenzeka, wenzenjani? Into efanayo yenzeka e-Ohio ngonyaka ka-1831 (bheka isihloko sesigaba seMfundiso neziVumelwano 71). INkosi yatshela uJoseph Smith kanye noSidney Rigdon ukuthi benzeni ngakho? kwiMfundiso neziVumelwano 71? Mhlawumbe ungabhala imiyalelo iNkosi eyabanika yona kanye nezibusiso Ebathembisa zona.
Ngaphezu kokufunda isigaba 71, ungase futhi uhlole ukuthi uMsindisi wabaphendula kanjani abagxeki Bakhe ngesikhathi somsebenzi Wakhe wasemhlabeni. Nazi ezinye izibonelo: NgokukaMathewu 22:15–22; 26:59–64; NgokukaJohane 10:37–38. Yikuphi okufundayo Kuye ? Imiphi eminye imininingwane ozuza kuyo kulemibhalo engcwele NgokukaMathewu 18:15; Abase-Efesu 4:31–32; 2 Thimothewu 3:12; Jakobe 1:19?
Iseluleko Sakhe singasebenza kanjani ezimweni obhekene nazo namuhla? Ungase ucabange izindlela zokulungisa ngokuthula amanga emazwini akho. Isibonelo, ungase uqale ngokubonisa inhlonipho ngemibono yomunye umuntu, bese wabelana ngokuthobeka nangomusa lokho okukholelwayo ngoJesu Kristu nezimfundiso Zakhe. Ukuze ulungiselele lezi zehlakalo, mhlawumbe ungase uzame lendlela nabangane noma amalungu omndeni.
Bheka futhi Topics and Questions, “Helping Others with Questions,” Gospel Library; Dallin H. Oaks, “Loving Others and Living with Differences,” Liahona, Nov. 2014, 25–28; Jörg Klebingat, “Valiant Discipleship in the Latter Days,” Liahona, May 2022, 107–10.
INkosi ingibusisa ngomsebenzi wabaholi abafana nababhishobhi.
Ngesikhathi uNewel K. Whitney ebizelwa ukuba asize njengobhishobhi, imisebenzi yakhe yayihluke kancane kunale ababhishobhi bamanje abayenzayo. Isibonelo, uBhisobhi uWhitney wayebhekane nokunikelelwa kwempahla kanye nemvume yokuhlala emhlabeni weSiyoni eMissouri. Kodwa ngesikhathi ufunda mayelana nobizo lwakhe kwiMfundiso neziVumelwano 72, ungabona ukuxhumana nalokhu okwenziwa obhishobhi namhlanje—kodwa ke ngokomoya, uma kungekona okuqondene, nomsebenzi wabo.
Isibonelo, iyiphi indlela “owusizo ngayo” kubhishobhi wakho? (uvesi 5). Ezinsukwini zethu “igumbi lokugcina izinto zeNkosi” lingafaka iminikelo, umsebenzi, kanye namakhono amalungu ewadi (bheka kumavesi 10, 12). Unganikela kanjani kuleligumbi lokugcina izinto?
INkosi ikubusise kanjani wena kanye nomndeni wakho ngomsebenzi wombhishobhi?
Bheka futhi uQuentin L. Cook, “Bishops—Shepherds over the Lord’s Flock,” Liahona, ngoMeyi 2021, 56–60.
Nginamathuba amaningi okwabelana ngevangeli loMsindisi.
Ngesikhathi uJoseph Smith kanye noSidney Rigdon bebuya emsebenzini wabo wobufundisi (bheka IMfundiso neziVumelwano 71), iNkosi yabatshela ukuthi baqhubeke nokuhumusha kwabo iBhayibheli (bheka iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith (HJS),” UMthombo woLwazi weVangeli). Kodwa lokho kwakungasho ukuthi Yayifuna bayeke ukwabelana ngevangeli. Phela, kuyingxenye yempilo yomfundi.
Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 73, cabanga ngokuthi ungakwenza kanjani ukwabelana ngevangeli kube yingxenye yento eqhubekayo “ukwenzeka” (uvesi 4)—noma eyenzeka ngeqiniso—empilweni yakho ebalwa kweminye yemisebenzi yakho.
Ukwabelana ngevangeli likaJesu Kristu kungaba yinto evamile futhi eyimvelo.
IMfundiso neziVumelwano 75:1–16
“Nisebenze ngamandla enu … nishumayela iqiniso.”
Isambulo kwisigaba 75 sasibhekiswe kubantu “[ababe]nike amagama [abo] ukuze [ba]hambe [ba]yoshumayela ivangeli [loMsindisi]” (ivesi 2). Enye indlela yokufunda lesi sambulo ukwenza uhla olubili: (1) indlela yokwabelana ngevangeli ngempumelelo kanye (2) nokuthi iNkosi isibusisa futhi isisekele kanjani uma senza njalo.
Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukuhlala” noma “ukungenzi lutho” ekwabelaneni ngevangeli na? Kubukeka kanjani “ukusebenza ngamandla akho”? (ivesi 3).
Bheka futhi “I’ll Go Where You Want Me to Go,” Amaculo, nombolo 270.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).
Amasu okuFundisa AbaNtwana
Ngingalivikela iqiniso ngokwabelana nobufakazi bami.
-
Ungasebenzisa isihloko sesigaba kwiMfundiso neziVumelwano 71 noma “Isahluko 25: uJoseph Smith kanye noSidney Rigdon beyofundisa ivangeli” (kwiZindaba zeMfundiso neziVumelwano, 96, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli) ukufundisa abantwana bakho ngezimo eziphefumulelwe kwisgaba 71. Bese ubasiza ukuthi bathole evesini 1 ukuthi iNkosi yayifuna uJoseph kanye noSidney benzeni mayelana “nemizwa engenabungane” ngeBandla. Wathi uzobasiza kanjani? Singaba kanjani njengoJoseph noSidney?
0:45Chapter 25: Joseph Smith and Sidney Rigdon Go on a Mission: December 1831–January 1832
-
- Siza abantwana bakho bazijwayeze ukuthi kwabelwana kanjani ngalokho nabakwaziyo ngoJesu Kristu.
INkosi ibize umbhishobhi ukuba angisize.
-
Ukufunda kwiMfundizo neziVumelwano 72:2 ndawonye kungadala ithuba lokuxoxa ngokuthi kungani iNkosi isinika ababhishobhi (bheka futhi “Isahluko 17: The First Bishops of the Church,” ku Zindaba zeMfundiso neziVumelwano, 64–66, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli). Wena kanye nabantwana bakho ningathola izithombe noma izinto ezimele imisebenzi kabhishobhi. Isithombe kanye nekhasi lokwenziwayo ekugcineni kwalesisifundo kunikeza eminye imibono. Bese ningaxoxa ndawonye ngababhishobhi enibaziyo nokuthi iNkosi ibusise kanjani umndeni wenu ngomsebenzi wabo.
1:45Chapter 17: The First Bishops of the Church: February and December 1831
Fundisa njalo ngoJesu Kristu. “Noma ngabe ufundisani, khumbula ukuthi empeleni ufundisa ngoJesu Kristu nange ndlela yokuba njeNgaye” (Teaching in the Savior’s Way (Ukufundisa ngendlela yoMsindisi), 6). Isibonelo, uma ufundisa abantwana bakho ngababhishobhi, gcizelela ukuthi bangabameleli baJesu Kristu, ababizwe Nguye ukuba benze umsebenzi Wakhe.(bheka u-1 Petru 2:25).
INkosi icela ababhishobhi ukuthi banakekele abantu abaswele.
Nginganikela umzamo wami omkhulu eNkosini.
-
Ukuze ukhulume ngomehluko phakathi “kobuvila” “nokusebenza ngamandla [ethu],” mhlawumbe ungakhetha izenzo ezithile zokuhle noma imisebenzi yasekhaya bese umema abantwana bakho ukuba babonise bezenza ngobuvila futhi nangawo wonke amandla abo. Ngesikhathi ufunda “ningabi ngamavila” kwiMfundiso neziVumelwano 75:3, abantwana bakho bangabonisa ukuthi bayoyenza kanjani imisebenzi yasekhaya ngobuvila. Ngesikhathi ufunda “kodwa nisebenze ngamandla enu,” bangabonisa indlela abasebenza kanzima ngayo. Kungani kubalulekile ukuba senze okusemandleni ethu uma sisebenzela iNkosi?
-
Kumyalezo wakhe “Two Principles for Any Economy” (Liyahona, Nov. 2009, 55–58), uMongameli uDieter F. Uchtdorf waxoxa izindaba ezimbili mayelana nomsebenzi. Mhlawumbe ungabelana ngazo nabantwana bakho futhi ukhulume ngokuthi kunjani ukwazi ukuthi sisebenze kanzima futhi senza konke okusemandleni ethu.
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani) .