Doctrine and Covenants 2025
NgoMeyi 19–25: “Lokho okungokukaNkulunkulu kungukuKhanya”: IMfundiso neziVumelwano 49–50


“NgoMeyi 19–25: ‘Lokho okungokukaNkulunkulu kungukuKhanya’: IMfundiso neZivumelwano 49–50,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neZivumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neZivumelwano 49–50,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

ukuphuma kwelanga

NgoMeyi 19–25: “Lokho okungokukaNkulunkulu kungukuKhanya”

IMfundiso neziVumelwano 49–50

UMsindisi “ungumelusi omuhle” wethu (IMfundiso neZivumelwano 50:44). Uyazi ukuthi ngesinye isikhathi izimvu ziyandinda futhi nokuthi ehlane kunobungozi obuningi. Ngakho-ke Uyasihola ngothando ekuphepheni kwemfundiso Yakhe. Uyasiholela ekuphepheni kude nezingozi ezinjenge “mimoya ekhohlisayo, esabalele izwe lonke, ikhohlisa umhlaba” (IMfundiso neziVumelwano 50:2). Ukulandela Yena imvamisa kusho ukuthi sishiye phansi imiqondo noma amasiko angalungile. Lokhu kwakuyiqiniso kuLeman Copley kanye nabanye e-Ohio. Base belemukele ivangeli elibuyiselwe kodwa babesabambelele kwezinye izinkolelo ezazingalungile. KwiMfundiso neziVumelwano 49, iNkosi yakhuluma amaqiniso ayelungisa izinkolelo zikaLeman zangaphambilini mayelana nomshado nokuBuya kwesiBili kukaMsindisi. Kwathi lapho amakholwa ase-Ohio “emukela … imimoya [aye] ngeke ayiqonde,” iNkosi yawafundisa ukuthi angazibona kanjani izibonakaliso zeqiniso zoMoya (IMfundiso neziVumelwano 50:15). UMelusi Olungileyo unesineke kuthina, “abantwana abancane,” Bakhe, “okufanele bakhule emseni nasolwazini lweqiniso” (IMfundiso neziVumelwano 50:40).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 49; 50:24

UJesu Kristu ufuna ukuba ngibambelele emaqinisweni levangeli Lakhe.

Ngaphambi kokubandakanya neBandla, uLeman Copley wayeyingxenye yeqembu lenkolo elalaziwa ngokuthi i-United Society of Believers in Christ’s Second Appearing, elalaziwa futhi ngokuthi amaShakers. Emva kwengxoxo noLeman, uJoseph Smith wafuna incazelo eNkosini mayelana nezinye zezimfundiso zamaShakers. INkosi yaphendula ngesambulo esikwi sigaba 49. Ungazithola ezinye zezinkolelo zamaShakers kukhulunywa ngazo esihlokweni sesiga.

INkosi yafundisani kwi- sigaba 49 ukulungisa inkolo yamaShakers na? Wena ubona buphi ubufakazi kulesisambulo ngothando kanye nokukhathazeka Kwakhe ngalabo bantu abanganawo amaqiniso evangeli Lakhe ngokugcwele na? Ungafinyelela kanjani kubo ngothando nangokukhathazeka na?

Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele mayelana nombono weNkosi kuvesi 2? Ungakuqhathanisa lokhu nokubuka ingxenye yefilimu, ukubona ucezu lwephazili, noma ukuzwa ingxenye eyodwa yengxabano. Isixwayiso seNkosi sihlangana kanjani neMfundiso neziVumelwano 50:24? Dlinza ngokuthi yini oyenzayo ukuze uthole okunye ukukhanya eNkosini.

Bheka futhi “Leman Copley and the Shakers,” kwi-Revelations in Context, 117–21.

IMfundiso neziVumelwano 49:15–17

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Umshado phakathi kwendoda nowesifazane ubalulekile ngokuphathelene nesu likaNkulunkulu.

Ngomzamo wokulimaza isu likaBaba oseZulwini, uSathane uzama ukwakha ukudideka ngomshado. Kepha, iNkosi Isaqhubeka ngokuwembula iqiniso ngomshado ngamaprofethi Akhe. Ungawathola amanye amaqiniso kwiMfundiso neziVumelwano 49:15–17; UGenesise 2:20–24; 1 KwabaseKorinte 11:11; futhi “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke.” Akha uhla lwamaqiniso evangeli owatholayo. Kungani umshado ubaluleke kakhulu ohlelweni likaNkulunkulu na?

IGosa u-Ulisses Soares lafundisa ukuthi “ivangeli elibuyiseliwe likaJesu Kristu limemezela umgomo wokuba nobudlelwano obugcwele phakathi kowesimame nowesilisa, kulempilo yasemhlabeni nengunaphakade” (“In Partnership with the Lord,” iLiyahona, ngoNov. 2022, 42). Ungawufunda lomyalezo, ubheka imigomo “eqinisekisa ubudlelwane phakathi kowesilisa nowesimame.” Ungayisebenzisa kanjani lemigomo efana nale empilweni yakho na? Uma kungaba khona omunye wolunye ukholo ongakubuza ukuthi kungani umshado ubalulekile, ungaphendula uthini na? Kungani unokubonga ngalokhu kuqonda na?

Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Marriage,” “Family,” Umtapo Wolwazi Wevangeli; uDavid A. Bednar, “Marriage Is Essential to His Eternal Plan,” i-Ensign, ngoJuni 2006, 83–84; “Renaissance of Marriage” (video), Umtapo Wolwazi.

2:36

Renaissance of Marriage

Zwelana nezimo zomuntu ngamunye. Noma imishado nemindeni enenjabulo kuwumqondo wevangeli likaJesu Kristu, asilitholi sonke lelithuba lalezibusiso ezimpilweni zethu kulomhlaba. Ngesikhathi kuxoxwa ngalesi sihloko, zwelana nezimo ezahlukahlukene zomuntu ngamunye nemindeni, ikakhulukazi labo abasa “lindile ngokubekezela eNkosini” ukwefezeka kwezithembiso zaphakade (bheka IMfundiso neziVumelwano 98:1–3).

umndeni ngaphandle kwethempeli

IMfundiso neziVumelwano 50

Izimfundiso zeNkosi zingangivikela ngingakhohliswa nguSathane.

Amakholwa amasha eBandla e-Ohio ayekulangazelele ukuthola izibonakaliso zomoya ezithenjiswe embhalweni engcwele. Kodwa uSathane wayezimisele ukubakhohlisa. Uma kuwukuthi wawuceliwe ukuba usize lamalungu aqonde izibonakaliso zikaMoya oNgcwele eziwuqobo, yimiphi imigomo kwiMfundiso neziVumelwano 50 ongabelana ngayo na? (bheka ikakhulukazi amavesi 22–25, 29–34, 40–46). Ngabe uMsindisi ukusize kanjani ukuba uwazi umehlukho phakathi kweqiniso nokuphambuka?

Bheka futhi 1 KwabaseKorinte 14:1–28; 2 KuThimothewu 3:13–17.

IMfundiso neziVumelwano 50:13-24

Othisa nabafundi bayakheka ndawonye ngoMoya.

Ukuphila ivangeli likaJesu Kristu kusinikeza amathuba amaningi okuba othishela nabafundi, ekhaya naseBandleni. Enye indlela ongafunda ngayo IMfundiso neziVumelwano 50:13–24 ukudweba isithombe sothisha kanye nomfundi. Bese kuthi eduze komunye nomunye, ubhale amagama nemisho avela kulamavesi akufundisa okuthile mayelana nokufunda nokufundisa ivangeli. Ngabe yinini lapho usuke wabona khona ukubaluleka koMoya oNgcwele uma kufundiswa noma kufundwa na? Ake ucabange ngokuthi yikuphi ongakwenza ukuthuthukisa imizamo yakho njengomfundi nothisha wevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 50:23–25

“Lokho okungokukaNkulunkulu kungukukhanya.”

Ngesikhathi uzindla ngamazwi oMsindisi kwiMfundiso neziVumelwano 50:23–25, cabanga ngokuthi ukuthola kanjani ukukhanya kukaNkulunkulu empilweni yakho nanonukuthi “uxosha ubumnyama” kanjani. Isibonelo, lamavesi akuholela kanjani ekutheni isikhathi usisebenzisa kanjani na? ubheka ziphi izindlela zokuzijabulisa na? uzibandakanya naziphi izingxoxo na? Yiziphi ezinye izinqumo lamavesi angakusiza ngazo na? Icuo elithi “The Lord Is My Light” (Amaculo, no. 89) lingagqugquzela eminye imicabango.

Bheka futhi “Walk in God’s light” ku- For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 16-21.

uphawu lwesigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 49:12–14

Ngingamlandela uJesu Kristu.

  • Ekufundiseni izingane zakho imigomo ekulawamavesi, ungalungisa izingcwephe ezine zephepha yemilobo yezinyawo nezithombe ezine ezimele ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, umbhabhadiso, kanye nokwemukela uMoya oNgcwele (bheka izithombe ekhasini lomsebenzi) langaleli sonto) Izingane zenu zingabeka imilobo yezinyawo phansi nezithombe eduze kwazo. Bese bangashintshisana ngokuhamba phezu kwemilobo yezinyayo ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 49:12–14. Basize baqonde ukuthi ngesikhathi benza lezizinto kulezi zithombe, silandela uJesu Kristu.

  • Futhi ungazimema izingane zakho ukuthi ziqhathanise IMfundiso neziVumelwano 49:12–14 IzEnzo 2:38 futhi nombhalo wokholo wesine. Yikuphi ukufanayo abakutholayo na? Ngabe kungani lamaqiniso ebalulekile na?

IMfundiso neziVumelwano 49:15–17

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane ubalulekile ngokuphathelene nesu likaNkulunkulu.

  • Ukwethula lamavesi, ungachaza ukuthi amaShakers kwakuyiqembu lenkolo eyayikholelwa ekutheni abantu akumele bashade (bheka isihloko sesigaba se Mfundiso neziVumelwano 49). Mema izingane zakho ukuthi zithole izinto iNkosi ezifundisile ngomshado kwi Mfundiso neziVumelwano 49:15–17. Kuchaza ukuthini ukuthi “umshado umiselwe nguNkulunkulu” na? Mhlawumbe ningafunda ndawonye izigaba ezintathu zokuqala kwi-“Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke.” Bese ukhuluma ngokuthi yinindaba umshado ubalulekile kuBaba waseZulwini.

IMfundiso neziVumelwano 50:23–25

“Lokho okungokukaNkulunkulu kungukukhanya.”

  • Ukwethula IMfundiso neziVumelwano 50: 23–25, khuluma nezingane zakho ngomehlukho phakathi kokukhanya nobumnyama. Kungani sidinga ukukhanya na? Ningafunda ndawonye isigaba sokuqala esigabeni se “Walk in God’s light” kwi- For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices ( Ikhasi 17) futhi nakwi Mfundiso neziVumelwano 50:23–25. Khuluma ngezindlela esithola ngazo ukukhanya bukaNkulunkulu nezindlela esingaxosha ngazo ubumnyama. Ningabuye nicule ndawonye iculo elikhuluma ngokukhanya kwabo okungokomoya, njengo “Shine On” (Iculo labantwana, 144).

IMfundiso neziVumelwano 50:40–46

UJesu Kristu unguMalusi wami Omuhle.

  • Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 50:40–46 ndawonye, ungatshengisa isithombe soMsindisi ekugcineni esihambisana nalesi sifundo bese ubuza lombuzo: Umalusi uzizwa kanjani ngezimvu zakhe na? Ngabe uMsindisi unjengomelusi kanjani kithi na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

uMelusi Omuhle

Gentle Shepherd [UMelusi Omnene], nguYongsun Kim

ikhasi lomsebenzi labantwana