Doctrine and Covenants 2025
NgoMeyi 12–18: “Funani Ngeqiniso Izipho Ezinhle Kakhulu”: IMfundiso neziVumelwano 46–48


“NgoMeyi 12–18: ‘Funani Ngeqiniso Izipho Ezinhle Kakhulu’: IMfundiso neziVumelwano 46–48,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ” aseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 46–48,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

inhlangano ngasemfuleni

Umhlangano weNkambu, nguWorthington Whittredge

NgoMeyi 12–18: “Funani Ngeqiniso Izipho Ezinhle Kakhulu”

IMfundiso neziVumelwano 46–48

Ngesikhathi uParley P. Pratt, uOliver Cowdery, uZiba Peterson, kanye noPeter Whitmer Jr. besuka eKirtland bethuthela kwezinye izindawo zokushumayela ivangeli, bashiya amakholwa amasha angaphezulu kwekhulu ayenogqozi olukhulu kodwa enolwazi neseluleko oluncane. Zazingekho izincwadi zokufundisa, imihlangano yokuqeqesha abaholi ingekho, kungekho kusakazwa kwengqungquthela yeBandla—empeleni, kwakungekho ngisho amakhophi eNcwadi kaMormoni amaningi ayetholakala. Abaningi balawomakholwa amasha base bedonswe evangelini elibuyiseliwe yizethembiso ezimangalisayo ezibonakaliswa nguMoya, ikakhulukazi lezo ababezazi ngokufunda iThestamente Elisha (bheka, isibonelo, 1 KwabaseKorinte 12:1–11). Kodwa abaningi bakuthola kunzima ukubona ukubonakaliswa kweqiniso koMoya. Ebona ukudideka kwabantu, uJoseph Smith wathandazela usizo. Impendulo yeNkosi kuye ibaluleke ngokulinganayo nanamhlanje, ngesikhathi abantu bejwayele ukuzenqaba noma ukungazinaki izinto zikaMoya. Waphinda waqinisekisa ukuthi ukubonakaliswa okungokomoya kungokoqobo. Wabuye wacacisa ukuthi ziyini: izipho ezivela kuBaba Wasezulwini onothando, “zinikiwe ukuze kuzuze abamthandayo [Yena] nabagcina yonke imiyalelo [Yakhe], futhi nalowo ofuna ukwenza kanjalo” (IMfundiso neziVumelwano 46:9).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 46:1–7

UMsindisi wamukela bonke abafuna ukukhonza eBandleni Lakhe.

Ngabe abangani bakho nomakhelwane bakho bazizwa bamukelekile enkonzweni yenu yokukhonza na? Ngabe yini oyenzayo ukwenza izindawo zenu zokukhonza kube yizindawo lapho abantu bengathanda ukubuya kuzo na? Zindla ukuthi ungasisebenzisa kanjani iseluleko seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 46:1–7 (bheka futhi 2 uNefi 26:24–28; 3 uNefi 18:22–23).

Ungase futhi ucabange ngesikhathi lapho uya khona ezinkonzweni zeBandla—noma umhlangano welinye iqembu—okokuqala. Abantu benzani ukuze uzizwe wamukelekile?

Bheka futhi Moroni 6:5–9; “’Tis Sweet to Sing the Matchless Love,” Amaculo, no. 177; “Welcome” (ividiyo), Umtapo Wolwazi Wevangeli.

1:5

Welcome Comeuntochrist.org

IMfundiso neziVumelwano 46:7–33

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
UBaba oseZulwini ungipha izipho zikamoya zokubusisa abanye.

AbaNgcwele bokuqala babekholelwa eziphweni zomoya kepha babedinga ukufundiswa ngokuthi kuhlosweni ngazo. Ngesikhathi ufunda ngezipho zikaMoya kwiMfundiso neziVumelwano 46:7–33, uzindle inhloso “yokukhumbula njalo ukuthi zinikelwani” (ivesi 8). Yini oyifundayo ngoNkulunkulu—umuphi walezi zipho na?

Ungacabanga ngezibonelo ozibonile zabantu abasebenzisa lezi noma ezinye izipho zikamoya na? Zikwaze kanjani “ukuzuza abantwana baNkulunkulu” na? (ivesi 26). Ungase futhi ubone ukuthi ungakwazi yini ukubona izibonelo zeziphiwo zomoya ezahlukene emibhalweni efana nalena: 1 AMakhosi 3:5–15; UDaniyeli 2:26–30; IZenzo 3:1–8; uHelamani 5:17–19; uMormoni 1:1–5; u-Etere 3:1–15; IMfundiso neziVumelwano 6:10–12; uMose 7:13.

Ukufunda kwakho ngezipho zomoya kungase kukuholele ekucabangeni ukuthi yiziphi izipho uNkulunkulu akunike zona. Ungazisebenzisa kanjani lezi zipho ukubusisa izingane Zakhe na? Uma unaso isibusiso sobuphathriyakhe, kungenzeka ukuthi siyaziveza izipho ozinikiwe. Ukufunda umyalezo weGosa uJohn C. Pingree Jr. “I Have a Work for Thee” kungase ukuvule umqondo wakho ngezipho ongase wazi cabanga (iLiyahona, ngoNov. 2017, 32–35).

Uma ungathanda ukufunda mayelana nendlela yokuthuthukisa izipho zomoya, isifaniso ekuqaleni komlayezo weGosa uJuan Pablo Villar “Exercising Our Spiritual Muscles” singakusiza (iLiyahona, ngoMeyi 2019, 95). Yiziphi “izivivinyo” ezingakusiza uthuthukise iziphiwo zakho zomoya na?

Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Holy Ghost,” Umtapo Wolwazi Wevangeli.

IMfundiso neziVumelwano 47

INkosi ifuna iBandla Layo ligcine umlando.

Ubizo lukaJohn Whitmer lokuthi agcine umlando weBandla lwenza kube khona imvelo yesikhathi eside sabaqophi phakathi kwabantwana baNkulunkulu. Kungani kubalulekile eNkosini ukugcina umlando uma ucabanga na? Ake udlinze ngalokhu ngesikhathi ufunda isigaba 47 futhi neminye imiyalelo ku-2 uNefi 29:11–12; uMose 6:5; u-Abrahama 1:28, 31. Ucabanga ukuthi yini iNkosi efuna ukuthi uyiqophe ngempilo yakho na?

Ku-FamilySearch, ungaqopha izinkumbulo nezinto ezenzeka empilweni yakho—kanye nezimpilo zokhokho bakho (bheka FamilySearch.org).

Bheka uHenry B. Eyring, “O Remember, Remember,” iLiyahona, ngoNov. 2007, 66–69.

uJohn Whitmer

uJohn Whitmer

IMfundiso neziVumelwano 47

UMoya oNgcwele ungangihola ngenkathi ngigcwalisa ubizo lwami.

Mhlawumbe ungaqondana nalokho uJohn Whitmer akuzwa ngesikhathi efuna ukuqinisekiswa ukuthi ubizo lwakhe lwaluvela kuNkulunkulu. Yathini iNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 47 kuJohn Whitmer—kanye nawe—ukukhuthaza ukuzethemba ekugcwaliseni ubizo alunikezayo na?

Iqhaza likathisha. Ukufundisa kungaphezu kokwethula ulwazi qha. Kubandakanya ukudala indawo lapho amalungu ekilasi engafunda futhi azitholele amaqiniso futhi abelane ngalokho akufundile ngomunye nomunye (bheka Teaching in the Savior’s Way, 26.)

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa Abantwana

IMfundiso neziVumelwano 46:2–6

Ngingabasiza abanye ukuba bazizwe bemukelekile ebandleni.

  • Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 46:5 nezingane zakho, khuluma nazo ngokuthi uMsindisi ufuna abantu bazizwe bemukelekile mabeza eBandleni Lakhe. Mema izingane zakho ukuthi zicabange ukuthi zibona umuntu esontweni okokuqala ngqa. Zisize zijwayele izindlela zokusiza lomuntu azizwe emukelekile.

IMfundiso neziVumelwano 46:7–26

UBaba oseZulwini unginika izipho zomoya ukuze ngibusise abanye.

  • Ukusiza izingane zakho ukuba zifunde ngezipho zomoya ezichazwe kwiMfundiso neziVumelwano 46:13–26, cabanga lomqondo. Ungabhala izipho ezincuzweni zamaphepha bese uzifihla egumbini. Njengoba izingane zakho zithola iphepha ngalinye, zisize ukuthola lapho leso sipho sishiwo khona esigabeni 46. Ngesipho ngasinye, khuluma nabo ngokuthi sisetshenziswa kanjani ukubusisa abanye (izincazelo kwi-“Chapter 20: Gifts of the Spirit,” kwi-Mfundiso neziVumelwano, 77–80, zingasiza).

    2:19

    Chapter 20: Gifts of the Spirit: 8•March 1831

  • Tshela izingane zakho ngezipho onomuzwa wokuthi uBaba oseZulwini ubanike zona, futhi uzivumele zikhulume ngezipho ezizibonayo komunye nomunye. NgokweMfundiso neziVumelwano 46:8–9, 26, kungani uBaba oseZulwini esinika izipho zomoya na? Singazisebenzisa kanjani izipho zethu ukusiza abanye na?

IMfundiso neziVumelwano 47:1, 3

Ngingaqopha umlando wami.

  • Vumela izingane zakho zithole lokho iNkosi eyayifuna uJohn Whitmer akwenze kwiMfundiso neziVumelwano 47:1, 3. Ningase futhi nabelane ndawonye izindaba enizithandayo ezivela emibhalweni engcwele. Veza ukuthi siyazi ngalezi zindaba ngoba kukhona owaziqopha.

  • Cabanga ukuthi ungazikhuthaza kanjani izingane zakho ukuthi ziqophe umlando wazo. Ungabelana ngokubhaliwe okuvela kwijenali yakho yomuntu siqu noma indaba emayelana nokhokho (bheka FamilySearch.org noma i-app Memories). Ungabafaka nogqozi lokuthi babhale okunjengokuthi “Kwenzekeni kulelisonto ongathanda isizukulwane sakho sikwazi?” noma “Usibone kanjani isandla seNkosi empilweni yakho kulelisonto na?” Abantwana abancane bangadweba izithombe zabakubonile ezimpilweni zabo, noma ungabaqopha bexoxa izindaba zabo. Yiziphi izibusiso ezitholakala ngokugcina “umlando ovamile” na? (IMfundiso neziVumelwano 47:1).

intombazane ibhala kwijenali

IMfundiso neziVumelwano 48:2–3

Ngingasiza abanye ngokwabelana ngalokho engiphiwe kona.

  • Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 48:2–3 nezingane zakho, ungase udinge ukuchaza ukuthi abantu babeza e-Ohio bevela eMpumalanga, futhi babengenayo indawo yokuhlala. Ngabe iNkosi yacela abaNgcwele ukuthi benzeni ukusiza na? Siza izingane zakho zicabange izinto uNkulunkulu aziphe zona ezingabelane ngazo nabanye. Ungabuye ucule iculo nazo njengo-“‘Give,’ Said the Little Stream” (Children’s Songbook, 236).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani) .

amalungu eBandla ebingelelana

Bonke abafuna ukukhonza uMsindisi bamukelekile emihlanganweni yabaNgcwele Bakhe.

ikhasi lomsebenzi labantwana