Doctrine and Covenants 2025
NgoFebruwari 10–16: “Ukuze Ube NguMnqobi”: IMfundiso neziVumelwano 10–11


“NgoFebruwari 10– 9: ‘Ukuze Ube NguMnqobi’: IMfundiso neziVumelwano 10–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 10–11,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

INcwadi kaMormoni ibekiwe etafuleni

Umfuziselo wombhalo wesandla wokuqala weNcwadi kaMormoni

NgoFebruwari 10–16: “Ukuze Ube NguMnqobi”

IMfundiso neziVumelwano 10–11

Ngesikhathi ukuhunyushwa kweNcwadi kaMormoni kusaqhubeka, kwaba khona umbuzo othi: Ngabe uJoseph Smith no–Oliver Cowdery kufanele benzeni ngalawo makhasi okuhunyushwa ayeselahlekile na? Kungase kwenze umqondo ukuhumusha kabusha leyo ngxenye, kodwa iNkosi yabona okuthile ababengakwazi: izitha zabo zazihlela ukuguqula amazwi akulawo makhasi ukuze zenze ukungabaza ngomsebenzi kaJoseph ophefumulelwe. UNkulunkulu wayenesu lokugwema leyo nkinga futhi umsebenzi uqhubekele phambili. Ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambili, uNkulunkulu waphefumulela uNefi ukuthi abhale umbhalo wesibili owawuhlanganisa isikhathi esifanayo “ngenhloso ehlakaniphile Ngaye” (u-1 Nefi 9:5).

INkosi yathi kuJoseph: “ukuhlakanipha kwami kukhulu kunobuqili bukadeveli” (IMfundiso neziVumelwano 10:43). Lokho kusinika ithemba kulesi sikhathi esiphila kuso lapho isitha senza konke okusemandleni aso ukuqeda ukholo. NjengoJoseph, “singathembeka futhi siqhubeke” emsebenzini uNkulunkulu asibizele kuwo (ivesi 3). Futhi siyothola ukuthi Yena useyivezile indlela ukuze “amasango esihogo “angasinqobi (ivesi 69).

-

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 10:1–33

UNkulunkulu angeke “avumele ukuthi uSathane aphumelele ukufeza izinhloso zakhe ezimbi.”

USathane uthanda ukuthi sikhohlwe ukuthi ukhona—noma okungenani singayiboni imizamo yakhe yokusilutha (bheka ku-2 Nefi 28:22–23). Kodwa amazwi eNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 10 aqinisekisa ukuthi uSathane ungokoqobo—futhi umelana kakhulu nomsebenzi weNkosi. Kumavesi 1–33, thola lokho uNkulunkulu ayekwazi ngemizamo kaSathane (Bheka futhi amavesi 62–63). Ungayicela iNkosi ikusize ukwazi ukubona ukuthi uSathane ukulinga kanjani. Ngesikhathi ufunda isigaba 10, zindla ngokuthi uMsindisi angakusiza kanjani ukuba umelane nemizamo kaSathane.

IMfundiso neziVumelwano 10:34–52

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Ukuhlakanipha [kweNkosi] kukhulu kunobuqili bukasathane.”

UNefi wayengazi ukuthi kungani wagqugquzelwa ukuba enza amaqoqo amabili emibhalo egciniwe yabantu bakhe. Futhi uMormoni wayengazi ukuthi kungani wagqugquzelwa ukuthi afake isethi yesibili nezingcwephe zegolide. Kodwa bobabili abaprofethi babeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ‘unenjongo ehlakaniphile’ (u-1 Nefi 9:5; Amazwi KaMormoni 1:7). Namuhla siyazi okungenani ingxenye yaleyo nhloso: ukufaka umbhala esikhundleni samakhasi ayi-116 alahlekile eNcwadi kaMormoni. Ucabanga ukuthi yini iNkosi efuna uyifunde kulokhu konke na? Ake uzindle ngalombuzo ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 10:34-52. Ungase futhi wakhe uhla lwamaqiniso evangeli owafundayo ngeNkosi kulamavesi. Ngabe lezi zinto zibuthinta kanjani ubudlelwane bakho noNkulunkulu na? Yikuphi okukumangazayo ngokuhlakanipha kweNkosi kanye nokubona kusengaphambili ekulungiseleleni ukulahleka kwamakhasi ayi-116 na?

Ungase futhi uzizwe uphefumulelwe ukuthi ufune ubufakazi bokuhlakanipha Kwakhe kanye nokubona kusengaphambili empilweni yakho. - Cabanga ngokuyibhala phansi ngesikhathi ifika kuwe. Ngabe iNkosi ibisebenza kanjani empilweni yakho? Isibonelo, yiziphi “izehlakalo eziwukuqondana” azilungiselele na? Yiziphi izisekelo azibekele izibusiso zakho na? Ukuholele nini ukuthi usize umuntu oswele na?

Bheka futhi KwabaseRoma 8:28; IMfundiso neziVumelwano 90:24; Izihloko nemiBuzo, “Isu leNsindiso,” Umtapo woLwazi weVangeli.

umprofethi uMormoni ehlezi etafuleni elinezingcwephe zegolide

Umniningwane ovela kuMormon Abridging the Plates [UMormoni Efinyeza Izingcwephe], nguTom Lovell

IMfundiso neziVumelwano 11

“Beka iThemba Lakho eMoyeni [weNkosi].”

Umfowabo kaJoseph omdala uHyrum wayelangazelela ukwazi intando yeNkosi ngaye, ngakho wacela uJoseph ukuthi amfunele isambulo. UmProfethi wakujabulela ukwenza kanjalo, kodwa okungenani umlayezo owodwa kuleso sambulo (IMfundiso neziVumelwano 11) ukuthi uHyrum wayengazifunela isambulo. Kunjalo futhi “bonke abanezifiso ezinhle, futhi nabashwibe isikela labo ukuze bavune” (ivesi 27). Njengoba ufunda isigaba 11, ubona ukuthi iNkosi ikufundisani mayelana nesambulo somuntu siqu? Kuhlobene kanjani lokhu nalokhuya Akufundisa u-Oliver Cowdery kwizigaba 6–9? Yimiphi eminye imiyalezo iNkosi ekuphathele yona na?

-

Mema abafundi ukuba babuze imibuzo. Imibuzo ivamile ukuholela kwisambulo. Uma ufundisa umndeni wakho noma ikilasi leBandla, bakhuthaze ukuthi babuze imibuzo, futhi ubasize bathole izimpendulo emibhalweni engcwele. Isibonelo, uma benemibuzo ngesambulo somuntu siqu, bhekani ndawonye izimpendulo kwiMfundiso neziVumelwano 11:12–14.

IMfundiso neziVumelwano 11:15–26

Ngesikhathi ngifuna “ukulithola izwi [likaNkulunkulu],” ngizothola uMoya Wakhe namandla.

Ngisho nangaphambi kokuba iNcwadi kaMormoni ihunyushwe, uHyrum Smith walangazelela ukusiza emsebenzini wokuBuyiselwa. Ngesikhathi ufunda ngempendulo yeNkosi kuye, ake ucabange ngokuthi kusho ukuthini kuwe “ukulithola izwi [likaNkulunkulu]” (ivesi 21). Ngabe ukuthola izwi likaNkulunkulu kukulekelela kanjani ukuthi umsebenzele ngamandla na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa AbaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 10:5

Njengoba ngithandaza njalo, ngithola amandla kuNkulunkulu.

  • Ukuze wethule lelivesi ebantwaneni bakho, ungazibuza ngezinto “abahlale bezenza”. Ithi iNkosi kumele senzeni ngaso sonke isikhathi kwiMfundiso neziVumelwano 10:5 na? Kungani Ifuna ukuba senze lokhu na?

  • Ungabasiza kanjani abantwana bakho ukuba bakhumbule njalo ukuthandaza na? Mhlawumbe bangaqoqa amatshe ambalwa, abushelelezi futhi bapende kuwo “IMfundiso Nezivumelwano 10:5”. noma ukuthi “Thandaza Njalo” Bangabeka amatshe abo ezindaweni ezihlukahlukene lapho befuna ukukhunjuzwa khona ukuba bathandaze, njengaseduze nemibhede yabo, nezincwadi zabo zesikole, noma lapho bedla khona ukudla. Ngokusho kweMfundiso neziVumelwano 10:5, iNkosi isibusisa kanjani uma sithandaza na? -

Intombazane encane ipenda amatshe

IMfundiso neziVumelwano 11:12–13

uMoya oNgcwele ungiholela ekwenzeni okuhle.

  • Abantwana bangafunda ukubona lapho uMoya ukhuluma nabo. Ukuze ubasize, ungafihla isibani noma ithoshi kanye nesithombe sobuso obujabulile endaweni ethile ekamelweni; bese ucela abantwana bakho ukuthi bathole lezi zinto. Funda IMfundiso neziVumelwano 11:13, bese usiza abantwana bakho babone amagama ahlobene nezinto abazitholile. Lamazwi asifundisani ngendlela uMoya oNgcwele usisiza ngayo na?

  • Ukwabelana ngezinto zakho zokomoya kungasiza abantwana bakho babone ithonya likaMoya oNgcwele empilweni yabo Njengoba wabelana, bacele ukuthi babelane ngolwazi lwabo futhi. Futhi ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 11:12–13, ibheke ukuthi singabona kanjani uma uMoya oNgcwele usihola. Fakaza ukuthi uBaba oseZulwini ufuna ukusihola ngoMoya oNgcwele.

IMfundiso neziVumelwano 11:21, 26

Ngidinga ukwazi ivangeli ukuze ngikwazi ukusiza abanye bathole iqiniso.

  • NjengoHyrum Smith, abantwana bakho cishe bazoba namathuba amaningi okwabelana ngevangeli nabanye. Ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 11:21, 26 bese ucela abantwana bakho ukuthi bathole lokho iNkosi eyatshela uHyrum ukuthi kufanele akwenze ukuze akwazi ukufundisa ivangeli. Ngabe kusho ukuthini “ukuthola” izwi likaNkulunkulu na? Singakwenza kanjani lokhu na? “Siligcina” kanjani izwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu na? Mhlawumbe abantwana bakho bangalingisa ukwabelana nabanye ngokuthile ngoJesu Kristu noma ngeNcwadi kaMormoni.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

umdwebo kaJoseph noHyrum Smith

UJoseph noHyrum Smith, nguKen Corbett

ikhasi lomsebenzi labantwana