“NgoJanuwari 13–19: ‘Ngabona iNsika yokuKhanya’: uJoseph Smith—uMlando 1:1–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni 2025 (2025)
“UJoseph Smith—uMlando 1:1–26,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
iHlathi eliNgcwele, nguGreg K. Olsen
UJoseph Smith—uMlando 13-19: “Ngabona iNsika yokuKhanya”
UJoseph Smith—uMlando 1:1–26
Ungasho ukuthi IMfundiso neziVumelwano incwadi yezimpendulo zemithandazo: iningi lezambulo ezingcwele kulencwadi zifike ngenxa yemibuzo. Umbuzo owaqala konke—lowo owabangela ukuthululwa kwesambulo sezinsuku zokugcina—wabuzwa umfana oneminyaka engama-14 ubudala. “Impi yamazwi nokuxokozela kwemibono” (uJoseph Smith—uMlando 1:10) kwashiya uJoseph edidekile ngenkolo nangobudlelwano bakhe noNkulunkulu. Mhlawumbe nawe uyakuqonda lokho. Sithola imibono eminingi engqubuzanayo namazwi athonyayo osukwini lwethu. UMa sifuna ukuhlola lemiyalezo futhi sithole iqiniso, singenza lokho uJoseph akwenza. Singabuza imibuzo, sifunde imibhalo engcwele, sijule ngemicabango, kuthi ekugcineni sibuze uNkulunkulu. Ekuphenduleni umkhuleko kaJoseph Smith, insika yokukhanya yehla ivela ezulwini. UBaba uNkulunkulu kanye noJesu Kristu baziveza futhi baphendula imibuzo yakhe. Ubufakazi bukaJoseph ngalesehlakalo esiyisimangaliso buqinisekisa ukuthi noma ngubani “[oswela] ukuhlakanipha angacela kuNkulunkulu, futhi akuthole” (uJoseph Smith—uMlando 1:1–26). Sonke singakuthola, uma kungekona ukuboniswa okuvela ezulwini, okungenani ukuboniswa okucacisayo, okukhanyiswe ukukhanya kwasezulwini.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
UJoseph Smith unguMprofethi wokuBuyiselwa kweVangeli.
Injongo yomlando kaJoseph Smith ukusibeka esimweni “sokuthola amaqiniso” ngoba iqiniso ngoJoseph Smith livamise ukushintshwa (uJoseph Smith—uMlando 1:1). Ngesikhathi ufunda uJoseph Smith—uMlando 1:1–26, yikuphi okuqinisa ubufakazi bakho ngokuthi ubizo lwakhe luvela phezulu na?
Ngingazithola kanjani izimpendulo zemithandazo yami na?
Wake “waswela ukuhlakanipha” noma wazizwa udidekile ngesinqumo owawudinga ukusenza na? (uJoseph Smith—uMlando 1:13). Ulwazi uJoseph Smith abanalo ngo-1820 lungasebenza njengephethini enhle yesambulo sakho siqu. Isibonelo, ngesikhathi ubheka kuJoseph Smith—uMlando 1:1–25, bheka okwenzeka ongahambisani nakho. Yikuphi okufundayo na?
-
UJoseph wasilungiselela kanjani isipiliyoni esingcwele emthandazweni na? (bheka kumavesi 8, 8, 11, 14–15).
-
Indima yokufunda imibhalo engcwele ekufuneni isambulo? (bheka kumavesi 11–12).
-
Yini okufanele uyenze uma ubhekene nokuphikiswa na? (bheka kulamavesi 15–16, 21–26).
-
Ukwamukela futhi wenze ngokuvumelana nezimpendulo ozitholayo? (bheka kumavesi 18-25).
Mema ukwabelana. Ukubheka imibhalo engcwele kumema imibono evela kuMoya oNgcwele. Ukwabelana ngalemibono kungamema uMoya oNgcwele ukuthi ufakaze kwabanye, kanye nakumuntu owabayo.
- (ILiyahona, uMeyi 2020, 12-17).
Ungabheka futhi ezinye izibonelo emibhalweni engcwele yabantu abakhuluma noNkulunkulu. Izithombe ezikwincwadi ethi Wozani, Ngilandeleni zingakunika amasu. Zama ukuphendula imibuzo esohlwini lwangaphambilini ngesibonelo ngasinye ositholayo. Yikuphi osuke wabhekana nakho ngesikhathi uthola izimpendulo zomthandazo na? Yini ongayenza ukuze usize abanye bakhekane nesimo esihle nabo na?
UJoseph Smith wabona uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.
UJoseph Smith wathemba ukuthi uNkulunkulu wayezowuphendula umkhuleko wakhe, kodwa wayengayilindele indlela leyo mpendulo eyayizoshintsha ngayo impilo yakhe—kanye nomhlaba wonke. Ngesikhathi ufunda ngokwenzeka kuJoseph, cabanga ukuthi uMbono wokuQala usuyishintshe kanjani impilo yakho.
Isibonelo, uMbono wokuQala wembula amaqiniso amaningana ngoNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, ayehlukile kulokho abantu abaningi bosuku lukaJoseph ababekukholelwa. Njengoba ufunda uJoseph Smith—Umlando 1:15–20, cabanga ukubhala phansi izindlela ezahlukene zokuqedela isitatimende esinjengalesi: “Ngenxa yokuthi uMbono Wokuqala wenzeka, ngiyazi ukuthi …”
Yimiphi imizwa obanayo ngesikhathi uzindla ngalokho abhekana nakho uJoseph nakho konke okwavela kukho na?
–
Cela kuNkulunkulu: UMbono wokuQala ka-Joseph Smith
Umniningwane ovela kuIf Any of You Lack Wisdom, nguWalter Rane
Kungani kunemibhalo eminingi ngoMbono wokuQala na?
Ngesikhathi esaphila, uJoseph Smith wabhala okwenzeka eHlathini eliNgcwele kwaze kwaba kane noma ngaphezulu, ejwayele ukusebenzisa umbhali. Ngaphezu kwalokho, kukhona imibhalo eyabhalwa abantu abezwa uJoseph Smith ekhuluma ngombono wakhe. Noma lemibhalo yehluka ngeminingwane ethile, kuya ngabalaleli nezindawo, izwakala ivumelana. Futhi umbhalo ngamunye usinikeza imininingwane esisiza siqondisise kangcono okwenzeka kuJoseph Smith, njengoba izincwadi zeVangeli ezine zisisiza sazi kabanzi ngentshumayelo yoMsindisi.
Bheka futhi kwiTopics and Questions, “First Vision Accounts,” kuMtapo wolwazi lweVangeli.
Ngingahlala ngibambelele kulokho engikwaziyo, noma kungukuthi abanye bayangenqaba.
Ngemva koMbono wakhe wokuqala omangalisayo, uJoseph Smith wayefuna ukwabelana nabanye ngolwazi lwakhe. Ukuphikiswa abhekana nakho kwamangaza. Ngesikhathi ufunda indaba kaJoseph Smith, yikuphi okukukhuthazayo ukuba ubambelele kubufakazi bakho na? Yiziphi ezinye izibonelo—emibhalweni engcwele noma kubantu obaziyo—ezikunikeza isibindi sokuhlala ubambelele kulokho okwenzeke kuwe ngokomoya na?
-
Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha).
Amasu okuFundisa AbaNtwana
UJoseph Smith wayelungiselelwe ukuba ngumprofethi kaNkulunkulu.
-
Ukufunda ngobusha bukaJoseph Smith kungasiza abantwana bakho ukuthi bazwelane naye njengoba befunda kulokho abhekana nakho. Mhlawumbe bangabamba isithombe sikaJoseph Smith futhi babelane ngalokho abakwaziyo ngaye. Uma kudingeka, ungase wengeze amaqiniso athile ngaye kuJoseph Smith—uMlando 1:3-14 (bheka futhi “isigaba 1: UJoseph Smith noMndeni Wakhe,” kwiziNdaba zeMvumelwano NeziVumelwano, 6–8). Yini uJoseph abhekana nayo eyamsiza ukuba alungiselele ukuba umprofethi na? Yini okungenzeka ukuthi uNkulunkulu usilungiselela ukuba siyenze na?
3:22Joseph Smith's Family: A family of faith
Umniningwane ovela kuJoseph Smith’s First Vision[Umbono wokuQala kaJoseph Smith], nguGreg Olsen
UNkulunkulu angayiphendula imibuzo yami ngemibhalo engcwele.
-
Cabanga ngokubonisa abantwana bakho izinhlobonhlobo zezincwadi, kuhlanganisa nemibhalo engcwele. Basize bacabange imibuzo engaphendulwa yilezi zincwadi. Ngemva kwalokho ningafunda ndawonye kuJoseph Smith—uMlando 1:10–11 ukuthola ukuthi yimiphi imibuzo uJoseph Smith ayenayo nokuthi yiziphi izimpendulo azithola emibhalweni engcwele.
-
Abantwana bakho bangase bakwazi ukuthola amagama kwivesi 12 achaza indlela ukuthi ukufunda EkaJakobe 1:5 kwamuthinta kanjani uJoseph. Ngemva kwalokho ningacobelelana ngokuhlangenwe nakho lapho indinyana yombhalo eyaba nethonya elinamandla kinina. -
UBaba oseZulwini uzwa futhi aphendule imithandazo yethu.
-
Ukuqala ingxoxo mayelana nokuthi sixhumana kanjani noBaba waseZulwini, mhlawumbe wena kanye nabantwana bakho ningabuzana imibuzo nisebenzisa izindlela zokuxhumana ezehlukene, njengomyalezo obhaliwe, ucingo, noma inothi elibhalwe ngesandla. Siyibuza kanjani imibuzo kuBaba oseZulwini na? Simkhombisa kanjani ukuthi siyamthanda futhi siyamhlonipha emithandazweni yethu na? Fundani ndawonye kuJoseph Smith—uMlando 1:16–19 futhi nixoxe ngokuthi uBaba waseZulwini wawuphendula kanjani umkhuleko kaJoseph Smith. Wena kanye nabantwana bakho ningakwazi ukwabelana ngalokho okwenzekayo uma nicela usizo kuNkulunkulu futhi nithola impendulo.
UJoseph Smith—uMlando 1:17-–19
UJoseph Smith wabona uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.
-
Abantwana abancane bangase bajabulele ukuma belule izingalo zenza izihlahla eHlathini elingcwele kuyilapho uzitshela ngoMbono wokuQala. Cela abantwana banyakaze kube sengathi bashaywa umoya lapho wena ukhuluma ngoJoseph ekhuleka. Bese ubacela ukuthi bame bathule uma ubatshela ukuthi uBaba waseZulwini futhi noJesu babonakala kuJoseph.
-
Abantwana abadadlana bangase bajabulele ukusebenzisa isithombe esisodwa noma eziningi kuloluhlaka ukuze bakutshele abakwaziyo ngoMbono wokuQala. Bakhuthaze ukuthi babhekisele kuJoseph Smith—uMlando 1:14–17 kanye nokwabelana ngemicabango nemizwa yabo mayelana nabhekana nakho uJoseph (bheka futhi “isigaba 2: UJoseph Smith noMndeni Wakhe,” kwiziNdaba zeMvumelwano NeziVumelwano, 9–12).
3:23Joseph Smith's First Vision: An answer to a humble prayer
Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).