“Ukubusisa Imindeni Yonke Emhlabeni,” iLiahona, ngoMashi 2026.
UMyalezo waNyanga Zonke weLiyahona ngoMashi 2026
Ukubusisa Yonke Imindeni Emhlabeni
Uma silandela futhi sabelana ngesu likaBaba wethu oseZulwini lemindeni, uzobanathi, asisekele, futhi ahlanganyele nathi ohambweni lwethu olusibuyisela Kuye.
Jacob’s Dream at Bethel [Iphupho likaJakobe eBethele],, nguJ. Ken Spencer
Kamuva nje, umkami nami saba khona kumbhabhadiso womunye wabazukulwana bethu. Ngesikhathi sibuka izizukulwane eziningi zijabulela lomcimbi, sazizwa sinokubonga okujulile ngesu Lakhe lensindiso labantwana bakhe. Saba nomuzwa wokuthi umndeni kanye nezivumelwano ezingcwele zazibaluleke kangakanani Kuye kusukela ekuqaleni.
Lokho kubaluleka kubonakala kwiTestamente Elidala endabeni kaJakobe othembekileyo, owathatha uhambo olude futhi olwalunzima ukuze athole umfazi, ashade ngaphakathi kwesivumelwano, futhi aqale umndeni. Ngobunye ubusuku, uJakobe wama ukuze aphumule ngalobo busuku kodwa wathola kuphela amatshe ukuze enze umcamelo wakhe. Kufanele ukuthi wayekhathele ngempela ngoba wakwazi ukuthi ukulala—futhi waba nephupho.
Enezinhloso ezinhle zomshado wesivumelwano kanye nomndeni nakanjani kusemqondweni wakhe, uJakobe wabona “umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.
“Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka” (UGenesise 28:12-13).
INkosi yase yenza izethembiso zesivumelwano ezibalulekile ku-Jakobe—izethembiso Eyayizenze noyise u-Isaka, kanye nomkhulu wakhe, u-Abrahama, okubalwa kuzo:
-
Izethembiso zokuthi uJakobe wayezoba nguyise “wezizwe eziningi” (UGenesise 28:3; bheka futhi ivesi 14).
-
Izethembiso zomhlaba wesizukulwane sikaJakobe (bheka UGenesise 28:4, 13).
-
Izethembiso zokuthi kuJakobe kanye “nagenzalo yakhe iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba” (UGenesise 28:14; kwengezwe ukugcizelela).
Kwakungcwele kangaka uJakobe akubona nakuzwa kangangokuthi wathi: “Imbala uJehova ukulendawo. … Akusikho okunye yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu”UGenesise 28:16–17). Ngakhoke, uJakobe wayiqamba leyondawo ngokuthi iBethele okusho “indlu kaNkulunkulu.”(UGenesise 28:19, umbhalo waphansi a).
Izibusiso ezethenjisiwe ezanikwa ephushweni likaJakobe zazidinga ukuthi uJakobe enze okungumfanekiso wokunyuka empilweni ngempela. NjengaBagcwele eziNsukwini Gokucina, akukho nzima ukubona ukuxhumana phakathi kwephupho likaJakobe, izivumelwano zeNkosi, kanye nendlu yeNkosi. Amathempeli ayafana kakhulu nomkhwelo owabonwa nguJakobe. Izimfundiso, izimiso, kanye nezivumelwano zendlu yeNkosi zixhumanisa iZulu nomhlaba. Izivumelwano zingafaniswa namaqophelo kumkhwelo asisondeza maduze neNkosi. Futhi, nangobungcwele benkonzo esiyenza emathempeli angcwele, sibusisa “yonke imindeni emhlabeni”—edlule, eyamanje kanye nakusasa.
“Yaze Yayinhle Into!”
IGosa uBruce C. Hafen, ilunga eselathatha umhlalaphansi lomgwamanda wabangamaShumi ayiSikhombisa, wake wathola ucingo oluvela kumhleli wezindaba zezwe. Umhleli wayefuna ukukhuluma ngencwadi yakamuva nje eyayihlola umlando wezinkolelo ngezulu ezinkolweni ezahlukene.
“Ababhali bathola ukuthi abantu babezizwa benokulambela izulu okwakugcwele yonke indawo—ngokunjalo nemindeni ezulwini,” kubhala iGosa uHafen. Kodwa nakuba iningi likholelwa empilweni emva kokufa, uthando lwaphakade, kanye nokuhlangana kabusha kwemindeni ezulwini, “amabandla amaningi amaKristu awanakho okuningi mayelana nalendlala engaphakathi”—ngaphandle nje kwelilodwa: iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.
EBandleni elibuyiselwe likaMsindisi. Sinamathempeli angcwele. Sinomshado waphakade, negunya lokubopha elibusisa ngale kokufa. Sinesethembiso sekusasa laphakade nabathandiwe bethu siphambi kukaBaba neNdodana. Ngenxa yakho konke lokhu, ababhali baphetha ngokuthi izimfundiso zabaNgcwele beziNsuku zokuGcina ngezulu zinokuphelela konke—futhi ngingaphinde ngenanele, zinenjabulo kakhulu.
“Yaze Yayinhle Into!” Kusho iGosa uHafen. “Abantu abaningi namhlanje balangazelela imindeni yaphakade, futhi [ivangeli elibuyiselwe likaJesu Kristu] likufeza kangcono lokho kulangazelela kunezinye izimfundiso [noma izinkolo ezahlukene]. Ngifisa sengathi umhlaba wonke ungake uzwe abantwana [bethu] bezicula lezi zindaba ezimnandi: ‘Families can be together forever.’”
Imindeni akulona nje uhlelo lwabantu olufaneleyo. Yindlela yokuphila yaphakade yasezulwini. Imindeni “ibaluleke kakhulu ngokuphathelene nesu likaMdali lwalokho abantwana Bakhe bedalelwe kona ingunaphakade.” Njengoba uMongameli uRussell M. Nelson (1924-2025) esifundisile: “[iNkosi] yadala umhlaba [ukuze] sithole imizimba futhi sakhe imindeni. Yamisa iBandla Layo ukuze iphakamise imindeni. Ihlinzeke ngamathempeli ukuze imindeni ibe ndawonye ingunaphakade.”
Kodwa ukuyithanda kwethu imindeni eqinile akuphathelene nje nalokho kuphela esidalelwe kona ingunaphakade. Umndeni udlala indima ebalulekile ngokuphathelene nenjabulo yethu emhlabeni. UBaba wethu oseZulwini, owazi kangcono ukuthi yikuphi okuletha injabula manje naphakade, uthumela abantwana bakhe emindenini— inezinkinga injalo—futhi usimema ukuba sakhe sikhulise imindeni eqinile. Vele, “ukukhubazeka, ukufa, noma ezinye izimo ezithile zingapoqa ukuba umuntu avumelane nesimo.” Kodwa akukho okubaluleke njengemithwalo ebekwe nguNkulunkulu kumyeni nomkakhe, kubaba nomama.
Ucwaningo “ngemindeni yozalo nobudlelwano” luyaqhubeka nokubonisa ukuthi umndeni ubaluleke kakhulu ukulondoloza “ukujula kobudlelwano bothando nokuthandana.” “Iyisizinda esibalulekile sabantu abazinzile futhi nabakwaziyo ukuphila nabanye abantu.”
Abavikeli Bomndeni Abakhuthele
Vele, akufanele kusethuse ukuthi lento ebaluleke kangaka kwisu likaNkulunkulu ingahlangabezana nokuphikiswa. USathane akakaze nanini abe ngumngani wemindeni, futhi nemizamo yakhe iya ngokuya iqina “Ngokuba azi ukuthi unesikhathi esifusane”(Isambulo 12:12). Njengoba uMongameli M. Russell Ballard (1928–2023), ibamba likaMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili, asho wathi, “uSathane uyazi ukuthi indlela esebenza ngempela yokuphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu ukunciphisa ukuphumelela komndeni nobugcwele bekhaya.”
Ngenxa yokwazi lokho esikwaziyo ngomndeni kaNkulunkulu waphakade, isu Lakhe ngabantwana Bakhe, kanye nokubaluleka kwaphakade kobudlelwano bomndeni, kufanele ngabe siphambili emhlabeni wonke ngokuvikela imindeni.
Singakwenza kanjani lokhu na?
UMongameli uDallin H. Oaks waseluleka ngalendlela: “Isimemezelo ngomndeni … yilapho iNkosi igcizelela khona kabusha ngamaqiniso evangeli esiwadingayo ukuze sikwazi ukumelana nezinkinga esibhekana nazo njengemindeni.”
Ezimpilweni zethu, singenza “izinto ezincane neziwubala” (Alima 37:6) ukuqinisa ubudlelwano bemindeni. Kulokhu kubalwa nokulandela izimfundiso ngemindeni nangemishado enempumelelo njengoba kuchaziwe kuso isimemezelo ngomndeni: “ukholo, umkhuleko, ukuphenduka, ukuxolelana, ukuhlonipha, uthando, ukuzwelana, ukusebenza, ngokunjalo nezindlela ezinhle zokuziphumulela” Noma ngabe yisiphi isimo esibhekene naso emndenini wethu, singakhombisa ngezenzo zethu ukuthi ubudlelwano bomndeni bubaluleke ingunaphakade kithi.
Njenge “zakhamuzi ezonomthwalo wemfanelo” emiphakathini yethu, “singathuthukisa leyo mizamo okuhloswe ngayo ukuba kugcinwe futhi kuqiniswe umndeni.”
Singabantu beNkosi besivumelwano bezinsuku zokugcina. Siyizindlalifa zezethembiso ezenziwa ku-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe—izethembiso ezinakho konke okuphathelene nemindeni. Lezo zethembiso ziza nobizo olungcwele lokubusisa “yonke imindeni emhlabeni.” Indlela esikwenza ngayo lokhu ukuwaphila, ukuwavikela, kanye nokwabelana ngamaqiniso aphakade mayelana nokuthi “umndeni umiswe nguNkulunkulu” nokuthi “izimiso nezivumelwano ezingcwele ezitholakala emathempelini angcwele zenza ukuba umuntu ngamunye akwazi ukubuyela lapho kukhona khona uNkulunkulu futhi nokuthi imindeni ihlanganiswe ingunaphakade.”
“Nginawe”
Ngesikhathi umkami nami sibuka amalunga omndeni wethu enza izivumelwano ezingcwele noBaba wethu oseZulwini waphakade, onothando, izinhliziyo zethu zazigcwele ukujabula nokubonga. Asijabuleli kuphela abantwana bethu kanye nabantwana babo kodwa futhi sijabulela abazali bethu nabazali babo. Sidlinza ngothando olujulileyo ukuthi izivumelwano zevangeli zisihlanganisa kanjani izizukulwane ngezizukulwane. Kuyisenzakalo esifana nokubona “umkhwelo umiswe emhlabatihini, … isihloko sawo [sifinyelela] ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zehla zenyuka kuwo” (UGenesise 28:12).
Izibusiso iNkosi eyazethembisa uJakobe ephusheni lakhe zifinyelela kubantwana Bakhe bonke besivumelwano—okubalwa kubo wena nami. Njengoba iNkosi yenza kuJakobe, Iyakusiphendula “ngosuku lokuhlupheka [kwethu]” (UGenesise 35:3) uma sikhetha Yona.
“Bheka,” kwasho iNkosi, “Nginawe, futhi ngizakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, … ngokuba angiyikukushiya” (UGenesise 28:15).
NjengoJakobe, sonke sinehlane okufanele sidlule kulo. Kwesinye isikhathi izibusiso ezethenjiswe zibukeka zikude. Lapho izinkinga noma izigqinamba ezinkulu ziza, singaba nokulungabaza uthando lweNkosi. Singacabanga ngisho nokuthi uNkulunkulu usilahlile. Naphezu kwemizamo yethu emihle kakhulu njengabalandeli, singezwa sengathi asizitholi izibusiso ebesinethemba lokuzithola.
Bafowethu nodade, bangani abathandekyo, indlela yesivumelwano yindlela echichima injabulo, noma kwezinye izikhathi ingagcwala izinyembezi. Uma uzwa sengathi izingxenye zesu lenjabulo azikagcwaliseki empilweni yakho manje, ngiyakucela wethembe ukuthi iNkosi ayikukhohliwe futhi izokubusisa ngesikhathi Sayo esifanele, nangokuhlakanipha Kwayo.
Ukholo kuJesu Kristu nezethembiso Zakhe kusikhuthaza ukuba sibheke phambili, hhayi emuva. Ngenxa Yakhe, ikusasa lethu akudingeki lithunjwe yinoma yini eyenzeka ngaphambilini noma lokho okuvimba ukubuka kwethu manje. Yebo, sonke sinamanxeba, noma sizoba manxebanxeba ngandlela thize. Kodwa siyakholwa kuMelaphi oMkhulu. Siyamethemba—kakhulu kangangokuthi sayazemukela izethembiso Zakhe, ngokugcwele “siyazithakazela,” nakuba “zisekude” (KumaHeberu 11:13).
“Masikhumbule sonke ukuthi, ngendlela nangesikhathi seNkosi, azikho izibusiso eziyakugodlwa kwabaNgcwele Bakhe abathembekileyo,” kwasho uMongameli uNelson. “INkosi iyosahlulela futhi isinike imivuzo ngokwezifiso zenhliziyo zethu nangokwenzenzo zethu.”
Ngiyethembisa ukuthi uma silandela futhi sabelana ngesu likaBaba wethu oseZulwini lemindeni, uzobanathi, asisekele, futhi ahlanganyele nathi ohambweni lwethu. Akasoze asishiya sodwa, ikakhulukazi uma izivivinyo zifika kithi noma kwabathandiweyo bethu. Uzosithwala, asiphakamise, asilethe ezweni lesethembiso elinenjabulo ephelele, neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, kanye nemindeni yethu—ingunaphakade.
© 2026 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kweMonthly Liahona Message, March 2026. Zulu. 19937 783