ILiyahona
Indlela Yesivumelwano Enenjabulo
NgoFebhruwari 2026 iLiyahona


”Indlela Yesivumelwano Enenjabulo,” iLiyahona, ngoFebhruwari. 2026.

UMyalezo Wanyanga zonke we Liyahona ngoFebhruwari 2026

Indlela Yesivumelwano Enenjabulo

Isimanga nobukhulu bamalungu omndeni aboshwe ndawonye phambi kukaBaba neNdodana kuletha ukumangala nenjabulo edlula ukuqonda konke emphefumulweni wami futhi kungigcwalisa ngomoya wokubonga.

Igosa uPatrick Kearon nomkakhe, uJennifer

Igosa uPatrick Kearon nomkakhe, uJennifer

Ngesikhathi u-Israel no-Elizabeth Haven Barlow besuka eNauvoo, e-Illinois, beya eSalt Lake Valley ngo-1848, bashiya ingane yomfana ingcwatshwe ethuneni elincane laseNauvoo. UJames Nathaniel Barlow, ingane yabo yokuqala, wayeshone masinyane nje emva kokuzalwa ngoMeyi 1841.

Njengoba behamba beya eSalt Lake Valley, cishe u-Israel no-Elizabeth babengalindele ukuthi babezophinde balibuke ithuna lendodana yabo. Kodwa lapho u-Israyeli ethunywa emsebenzini wokuyoshumayela ivangeli eNgilandi eminyakeni embalwa kamuva, wadlula eNauvoo ngesikhathi eya ngasempumalanga. Ngokucelwa ngu-Elizabeth, wema ukuze athole ithuna lendodana yabo bese ethutha amathambo ayo awayise emathuneni amakhulu, empumalanga yedolobha.

Ngemva kosuku lokufuna okungenampumelelo, u-Israyeli wafuna usizo kulowo owayebheke leyo ndawo. Ngosuku olulandelayo, balithola ithuna, elaliseduze nomzala kaJames uMary. Ngeshwa, amabhokisi omngcwabo ayesebolile futhi ephukile. Encwadini ayibhalela umkakhe, u-Israel wabhala wathi, “Ngakho-ke ngaphenduka ngaphetha ngokuthi ngizobashiya lapho kuze kube sesikhathini esizayo.”

Wayengakahambi ibanga elide ukusuka ethuneni ngesikhathi ezwa izwi. Ekhumbula okwenzeka, wabhala wathi, “Lalingezwakali, kodwa lalicacile engqondweni yami kangangokuthi ngangingenakukuphikisa lokho: ‘Baba, ungangishiyi lapha.’” U-Israel wabuyela ethuneni, waphetha ngokumsusa lapho umfana wakhe omncane. “Ngazizwa nginokuthula kwengqondo okungajwayelekile engangingakuzwanga ngaphambilini. … Lokhu ngizokusho: ukuthi angikaze ngibe nokuqonda ngomsebenzi owenziwayo empilweni yami.”

NgoSepthemba 2, 1853, u-Israel Barlow kanye nowayebheke leyo ndawo bazithutha izidumbu zikaJames noMary bazisa emathuneni amakhulu aseNauvoo, bebeka “amatshe ekhanda nasezinyaweni zamathuna” njengesiboniso.

U-Israel watshela u-Elizabeth ukuthi ngesikhathi esahleli eceleni kwethuna, “Ngazizwa ngifisa ukuzinikela kanye nakho konke engingakubiza ngokwami ​​ezandleni zeNkosi, ukuze ngibalwe njengokufanelekile ukuphuma no[James] ngokusa koVuko Lokuqala.”

Ukuzinikela kuka-Israyeli evangelini likaJesu Kristu, kanye nokuhlonipha izivumelwano ezingcwele, kuvumela uKristu ukuba afeze ukuphila okuphakade—leso sibusiso esinkulu kunazo zonke—ukuze kuzuze yena, okhokho bakhe, kanye nenzalo yakhe.

Lokhu kuyiqiniso nakithi sonke.

izingqoko zesidlo esingcwele

Isithombe esithathwe nguJerry Garns, singakopishwa ukuze sisetshenziswe eSontweni kuphela

Izethembiso Ezingcwele

UBaba wethu oseZulwini kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, basithanda sonke ngaphezu kwakho konke esingakucabanga. Uthando Lwabo lubonakaliswa kakhulu ngezibusiso ezethenjisiwe ezihambisana nezivumelwano esiphiwa zona mhla sibhabhadiswa nasendlini yeNkosi.

“Esinye sezibonakaliso esikhulu ngenkolo eyambulwe yisivumelwano esingcwele,” kwasho uMongameli uRussell M. Nelson (1924–2025). “Ngolimi lwezomthetho, isivumelwano ngokuvamile sisho ukuvumelana phakathi kwabantu ababili noma ngaphezulu. Kodwa enkolweni, isivumelwano sibaluleke kakhulu. Siyisethembiso esingcwele noNkulunkulu.”

Zonke izethembiso ezingcwele esizenzayo nesizigcinayo ziyasibusisa. UBaba oseZulwini noMsindisi wethu uJesu Kristu bafuna ukusisondeza Kubo. Bafuna ukusisiza sifunde futhi sikhule okholweni nasekuqondeni. Bafuna ukusipha amandla asezulwini. Bafuna sithole ukwelapheka nokuthula ezweni lapho izibusiso ezinjalo zingatholakali kalula. Bafuna sibe nenjabulo kulempilo ngokunjalo nakwezayo. Ngokuhambisana naloluthando oluphelele, Basipha ithuba lokungena kuso isibopho sesivumelwano Nabo. Sinesibusiso sokuzibophezela kabusha kulezo zivumelwano masonto onke ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele.

Sidla isidlo esingcwele ngomoya wokubonga ngoba sinesibusiso esijabulisayo sokubizwa ngegama likaJesu Kristu, simkhumbula kanye nothando Lwakhe ngathi oluboniswa ngesipho seNhlawulo Yakhe—ukuthi wezwa ubuhlungu, wopha igazi, futhi wafela thina. Isidlo esingcwele sisibusisa futhi ngethuba lamasonto onke lokubonisa ukuzimisela kwethu ukuyigcina imiyalo Yakhe, ukuvuselela izivumelwano zethu, nokwenza isivumelwano esisha (bheka IMfundiso Nezivumelwano 20:77, 79).

“Ngivamile ukuzwa inkulumo ethi sibamba iqhaza kuso isidlo esingcwele ukuze sivuselele izivumelwano ezenziwa mhla sibhabhadiswa. Nakuba lokho kuyiqiniso, kungaphezulu kwalokho,” kusho uMongameli uNelson. “Sengenze isivumelwano esisha. Wenze izivumelwano ezintsha. … Manje ngenxa yalokho [iNkosi] yenza isethembiso sokuthi uMoya Wayo uzohlezi unathi. Saze sasikhulu isibusiso!”

Lapho siphenduka futhi sidla isidlo esingcwele ngenhliziyo emsulwa, samukeliswa uMoya oNgcwele futhi “siyahlanzwa esonweni kube sengathi sibhabhadisiwe futhi. Yileli ithemba nomusa uJesu Kristu asipha kona umuntu ngamunye.”

Yaze yankulu injabulo yokuphenduka nokuthethelelwa ngothando lukaKristu olukhululayo!

iThempeli laseNauvoo e-Illinois

Isithombe seThempeli lase-Nauvoo e-Illinois esithathwe nguJennifer Rose Maddy

Indlu Yakhe Yenjabulo

Ngemva kokuba nguMongameli weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, uMongameli uNelson wayevame ukukhuluma ngendlela yesivumelwano, ukukhuluma ngalokho mhla eqala njengoMongameli weBandla. Singena kuleyo ndlela “ngokuphenduka nangokubhabhadiswa ngamanzi” (2 Nefi 31:17), kusho yena kamuva, “bese singena kuyo ngokuphelele ethempelini.”

Njengoba ukudla isidlo esingcwele kusikhumbuza izivumelwano zethu nezibusiso ezihambisana nazo, nokwenza umsebenzi wokumela abanye ethempelini nakho kusikhumbuza lezo zibusiso. Njengoba senza izimiso ngokumela labo abangasekho, sikhumbula izethembiso ezingcwele esizenzileyo kanye nezibusiso ezethenjisiwe esizozithola.

Ngendlela yesivumelwano, siba yizindlalifa zazo zonke izibusiso ezethenjiswa u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe, kanye nenzalo yabo. Naphezu kwethenjiswa lezo zibusiso, u-Abrahama, u-Isaka noJakobe abazange baphile impilo elula, futhi kunjalo nakithi. Njengabo, sibhekana nobunzima, ukujeziswa, nokulahlekelwa lapho “sivivinywa ezintweni zonke” (IMfundiso neziVumelwano 136:31; bheka futhi 101:4–5). Kodwa njengabaprofethi nabaNgcwele abalungileyo basendulo, siyazi ukuthi ngubani esingamethemba (bheka ku 2 Nefi 4:19).

Impilo yethu yasemhlabeni iyisikhashana nje sokuba khona kwethu, kodwa leso sikhathi—ngezinye izikhathi esinzima kakhulu—sibaluleke kakhulu ngokwaphakade. Yebo, uBaba wethu oseZulwini ufuna sifunde futhi sikhule. Futhi, yebo, lokho kukhula ngezinye izikhathi kusho indumalo nokuzwa ubuhlungu. Kodwa ufuna izimpilo zethu zibe zinhle futhi zigcwale ithemba. Ukufeza lokho, futhi nokwenza uhambo lwethu olubuyela Kuye lube lula, usinike uMsindisi, “oqinisekisa” izivumelwano zethu noYise. NgeNhlawulo kaJesu Kristu, uBaba ufeza izethembiso ezenziwe kubantwana Bakhe ethempelini.

Ngothando Lwakhe nangomhlatshelo Wakhe ohlawulayo, uMsindisi wethu ubhekane waphinde wapholisa konke esihlangabezana nakho empilweni. Futhi ngenxa yendlu Yakhe engcwele—indlu Yakhe yenjabulo—konke kuzoba kuhle nakuba kukhona ubunzima. Amafutha okugcina isivumelwano asusa usizi, ubuhlungu, ukudabuka, nendumalo. Masingakhathazeki futhi singesabi. Kunalokho, singajabula ngokuthi okufuneka kwenziwe ukuze sikhululwe sekufeziwe (bheka 1 KwabaseKhorinte 6:20) nokuthi indlela yesivumelwano eya ekuphileni okuphakade isikhonjiwe.

Indlela yesivumelwano ngempela iyindlela yothando olukhululayo. Njengoba sihlonipha izivumelwano esizenzayo ethempelini, sithola izibusiso zamandla amakhulu, uthando olukhulu, isihawu esikhulu, ukuqonda okukhulu, kanye nethemba elikhulu. Isimanga nobukhulu bamalungu omndeni aboshwe ndawonye phambi kukaBaba neNdodana kuletha ukumangala nenjabulo edlula ukuqonda konke emphefumulweni wami futhi kungigcwalisa ngomoya wokubonga.

“Noma nini lapho kuvela noma isiyaluyalu empilweni yakho, indawo ephephile kakhulu ongaba kuyo ngokomoya ukuphila ngaphakathi kwezivumelwano zakho zasethempelini!” Kweluleka uMongameli uNelson. Ngiyalazi iqiniso lalawo mazwi ngenxa yokumtoti futhi ngezinye izikhathi nokubi esengike ngakubona ngakuzwa empilweni yami.

umfanekiso wezithandani ziphethe umntwana

UJames Nathaniel Barlow, ingane yokuqala ka-Israyeli no-Elizabeth Barlow, eyashona masinyane nje emva kokuzalwa ngoMeyi 1841. Eminyakeni eminingi kamuva, waboshwa ngokumelwa kubazali bakhe eThempelini laseLogan Utah.

Umfanekiso owenziwe ngu-Allen Garns

Baqoqele Ekhaya

Ngemva kokuba u-Israel Barlow esevalelise okokugcina kumfana wakhe omncane, wabhalela umkakhe wathi, “Imicabango yokuhambela kude, ngingaphinde ngibuyele ethuneni [likaJames] empilweni, yangithinta intambo yokugcina yothando enganginalo kwaze kwaba yilapho iphuka khona ngezinyembezi ethuneni lakhe.”

Ngiyacabanga ukuthi kwaba khona ezinye izinyembezi—izinyembezi zenjabulo kulokhu—ngoDisemba 4, 1889. Ngalolo suku, uJames Nathaniel Barlow omncane waboshwa kubazali bakhe eThempelini laseLogan Utah. Ngaleso sikhathi, u-Israyeli wayengasekho, ngakho-ke abanye bamela yena noJames.

Mina nomkami siyathinteka futhi sinozwelo olukhulu ngo-Israyeli no-Elizabeth. Ingane yethu yokuqala, umfana ogama lakhe linguSean, yashona ngesikhathi sokuhlinzwa kwenhliziyo inamasonto amathathu nje kuphela izelwe. Lokhu kwaba ukulahlekelwa okukhulu kithi. Ngaleso sikhathi, sasizibuza ukuthi sasizokwazi yini ukubhekana nalokhu. Samngcwaba kabuhlungu ethuneni elincane eNgilandi. Ngemva kweminyaka eyishumi nanhlanu, umndeni wethu wacelwa ukuba uthuthe ekhaya lethu e-United Kingdom ukuze sizosebenza ngokugcwele eBandleni, futhi salishiya lelo thuna elincane ngemuva.

Akasilahlekelanga umntwana wethu ohambweni oluya entshonalanga, futhi asibhekananga nobunzima obukhulu abakwaBarlow ababhekana nabo, kodwa sisiyakuqonda lokho abadlula kukho. Ithuna lomntwana wethu womfana likude kakhulu, kodwa njengabakwaBarlow, sinokholo oluhlezi lukhona ngoVuko lukaJesu Kristu nokuthi umndeni wethu ungowaphakade ngesivumelwano esingcwele sokuboshwa.

Sonke sinokhokho nabanye abathandekayo ngale kwethuna abathi kithi, “Ningangishiyi lapha.” Ngenxa yezivumelwano zasethempelini, akekho okudingeka ashiywe ngemuva. Sibizelwe ukubathanda, ukubasiza, nokulekelela ukubaqoqela ekhaya.

UBaba wethu osezulwini uyasithanda, mina nawe. Usinike amathempeli ukuze “[esiyakukubopha] emhlabeni koba kuboshwe nasezulwini” (IMfundiso neziVumelwano 128:8; bheka futhi NgokukaMathewu 18:18). Wathumela iNdodana Yakhe ukuzoqaqa izibopho zokufa, evula indlela yezibopho zaphakade kanye nokuhlangana kabusha kwaphakade kwemindeni.

Yingakho sinezimiso. Yingakho senza izivumelwano. Yingakho sakha amathempeli. Yingakho sizinikela emsebenzini nasenkazimulweni kaNkulunkulu (bheka Mose 1:39). Futhi yingakho sikhala izinyembezi zenjabulo, sazi ukuthi ukuhlangana kabusha kwaphakade kusilindele nabathandekayo bethu phambi kukaBaba neNdodana.

Kwangathi singathola injabulo nokuthula njengoba sigcina izivumelwano zethu futhi sihlanganyela neNkosi emsebenzini wayo wokusindisa okhazimulayo.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka u-Ora H. Barlow kwethi, The Israel Barlow Story and Mormon Mores (1968), 306–8; kuvuselelwe okubhaliweyo; bheka futhi kwekaBrent A. Barlow, “Daddy, Do Not Leave Me Here,” Ensign, ngoJulayi 2009, 34–36.

  2. uRussell M. Nelson, “Covenants,” kwi Liyahona, yangoNovemba 2011, 86.

  3. ­Bheka ihubo “I Stand All Amazed,” Hymns, no. 193.

  4. ­URussell M. Nelson, kuDale G. Renlund, “Unwavering Commitment to Jesus Christ,” iLiyahona, ngoNovemba 2019, 25, note 18.

  5. Jesus Christ Asked Us to Take the Sacrament,” iLiyahona, ngoMashi 2021, 7.

  6. Bheka uRussell M. Nelson, “As We Go Forward Together,” iLiyahona, ngoEphreli 2018, 7.

  7. URussell M. Nelson, “The Everlasting Covenant,” iLiyahona, ngo-Okthoba. 2022, 6.

  8. Ukuze uthole uhlu lwazo zonke lezo zibusiso ezethenjisiwe, bheka uRussell M. Nelson, “Covenants,” iLiyahona, ngoNovemba. 2011, 87.

  9. Bheka uRussell M. Nelson, “The Everlasting Covenant,” 10.

  10. Bheka uRussell M. Nelson, “The Everlasting Covenant,” 7.

  11. ­URussell M. Nelson, “The Temple and Your Spiritual Foundation,” iLiyahona, ngoNovemba. 2021, 96.

  12. Israel Barlow, ku-Ora H. Barlow, The Israel Barlow Story, 308; kuvuselelwe okubhaliweyo.

  13. Usuku lokuboshwa lunikezwe uMlando weBandla.