ILiyahona
Abahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu
ILiyahona yangoJanuwari 2026


“Abahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu,” iLiyahona, ngoJan. 2026.

Umyalezo waNyanga zonke we Liyahona, ngoJanuwari 2026

Abahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu

(2 kaPetru 1:4)

Ulwazi lwesu lensindiso lusinika umbono oyigugu, lwandisa injabulo yethu, futhi luyasiqinisa ukuze sinqobe izingqinamba nobunzima bethu.

umfanekiso kaKristu ebiza abafundi ababili

Christ Calls Two Disciples [UKristu Ubiza Abafundi Ababili], nguGary E. Smith

UMpostoli uPetru uyasikhumbuza ukuthi kubafundi baJesu Kristu, “amandla akhe asinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe:

“Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi: ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu” (2 kaPetru 1:3–4; kwengezwe ukugcizelelwa).

Isu likaBaba oseZulwini lichaza amaqiniso nezithembiso eziyigugu nezinkulukazi ezichaza ukuthi singobani ingunaphakade ngokunjalo nenhloso yethu.

Njengoba kuchaziwe esihlokweni “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke”:

“Bonke abantu—owesilisa nowesifazane—badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Umuntu ngamunye uyindodana noma yindodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali basezulwini, futhi lawo madodana namadodakazi anobunjalo bukaNkulunkulu futhi kunokwenzeka babe njeNgaye. …

“Empilweni eyandulela eyase mhlabeni, amadodana namadodakazi omoya ayemazi futhi emkhonza uNkulunkulu njengoYise waPhakade futhi emukela uhlelo Lwakhe ngalo, abantwana Bakhe ababengathola umzimba wenyama namathambo futhi bazuze ukuzibonela nokuzizwela ngokwabo emhlabeni ukuze baqhubekele phambili baze bapheleliswe futhi ekugcineni bakwazi ukufeza lokho abadalelwe khona ngokukaNkulunkulu njengezindlalifa zokuphila okuphakade.”

UBaba oseZulwini uthembisa abantwana Bakhe ukuthi uma belandela izimfundiso zesu Lakhe nesibonelo seNdondana Yakhe Ethandekayo, begcina imyalelo, bebekezela ngokholo kuze kube sekugcineni, bayo “zuza ukuphila okuphakade, okuyisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 14:7).

Umsebenzi kaNkulunkulu ugxile kuyo inqubekela phambili nokuphakanyiswa kwabantwana Bakhe. Zonke izingxenye zesu Lakhe zenzelwe ukubusisa amadodana namadodakazi Akhe ngoba “ukubaluleka kwabantu kukhulu emehlweni [Akhe]” (IMfundiso neziVumelwano 18:10).

Isu likaBaba

Emkhandlwini wempilo eyandulela eyasemhlabeni, uBaba oseZulwini wavezela abantwana Bakhe bomoya isu Lakhe lenqubekela phambili nenjabulo yabo yangunaphakade.

“Sizokwenza umhlaba okuzohlala kuwo laba;

“Futhi sizobavivinya ngalendlela, ukuze sibone ukuthi ngabe bazozenza zonke izinto noma yini iNkosi uNkulunkulu wabo eyobayala ngazo;

“Futhi labo abagcina isimo sabo sokuqala sokuphila bayokwengezelwa; futhi labo abangasigcini isimo sabo sokuqala sokuphila ngeke bafumane inkazimulo embusweni ofanayo nalabo abagcina isimo sabo sokuqala sokuphila; futhi labo abagcina isimo sabo sesibili sokuphila bayokwengezelwa inkazimulo emakhanda abo phakade naphakade.

“Futhi iNkosi yathi: Ngiyothuma bani na? Futhi omunye owayefana ne Ndodana yoMuntu waphendula wathi: Ngilapha, thuma mina. Futhi nomunye waphendula futhi wathi: Ngilapha, thuma mina. Futhi iNkosi yathi: Ngizothuma owokuqala.

“Futhi owesibili wathukuthela, futhi wangasigcina isimo sakhe sokuqala sokuphila; futhi, ngalelo langa, baningi abamlandela” (Abrahama 3:24–28).

Qaphela ukuthi linye kuphela isu elavezwa emkhandlwini wempilo eyandulela eyasemhlabeni—isu likaBaba. UBaba wethu oseZulwini akazange abuze umbuzo othi, “Sizokwenzenjani?” Akazange afune imibono, acele izincomo, noma iziphakamiso. Kunalokho, Waveza izingxenye eziyisisekelo zesu Lakhe wabe esebuza, “Ngizothuma bani na?” Ingqikithi yombuzo Wakhe yayigxile ekutheni ngubani okufanele athunyelwe ukuyofeza imigomo nemibandela yesu Lakhe.

Imiphumela yokuvukela kwesitha nayo ichazwe emibhalweni engcwele.

“Ngalokho-ke, ngokuba lowo Sathane wangivukela, futhi wafuna ukuqeda ilungelo lokuzikhethela lomuntu, mina … engangimnike lona, kanye nokuthi, kufanele ngimnike amandla ami uqobo … , ngenza ukuthi aphoswe phansi;

“Futhi waba nguSathane, … udeveli, uyise wawo wonke amanga, ukuze akhohlise futhi aphuphuthekise abantu, futhi abaholele ekuthunjweni ngokwentando yakhe, ngisho abaningi abangeke balilalele izwi lami” (Mose 4:3–4; kwengezwe ukugcizelelwa).

ULusifa akazange aveze isu elanqatshwa ngevoti yiningi lababekhona emkhandlwini wempilo eyandulela eyasemhlabeni. Akayena umuntu wokudatshukelwa owehlulwa okhethweni. Wahlubuka! Ukuzazisa, ukuzikhukhumeza, kanye nobugovu kwaba yimbangela yokuvukela kwakhe isu likaBaba.

Isu likaBaba neVangeli likaMsindisi

Isu lichaza imisebenzi kaBaba neNdodana eyenza bonke abantu bathole izibusiso zokuphila okuphakade.

Ivangeli likaJesu Kristu liyindlela esingathola ngayo izibusiso ezithenjisiwe kulo isu likaNkulunkulu, ngisho imfundiso, imigomo, izimiso, kanye nezivumelwano amadoda nabesifazane okufanele bakholelwe kuzo futhi bazilandele. “Alikho elinye igama elinikiwe ngaphansi kwezulu ngaphandle kwalo leli likaJesu Kristu … umuntu angasindiswa ngalo” (2 Nefi 25:20). Ngempela, iNkosi uJesu Kristu “uyindlela, neqiniso, nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle [Kwakhe]” (NgokukaJohane 14:6; kwengenzwe ukugcizelelwa).

UMongameli uRussell M. Nelson wachaza wathi:

“Isu lalidinga iNdalo, futhi lokho ngokulandelana kwakudinga kokubili Ukuwa kanye neNhlawulo. Lezi yizingxenye ezintathu eziyisisekelo zesu. Ukudalwa komhlaba oyiparadesi kwavela kuNkulunkulu. Impilo yasemhlabeni nokufa kwafika emhlabeni ngenxa yoKuwa kuka-Adamu [bheka 2 Nefi 2:25; Mose 6:48]. Ukungafi kanye nethuba lokuphila okuphakade kwahlinzekwa ngeNhlawulo kaJesu Khristu [bheka 2 Nefi 2:21–28]. …

“… Siza emhlabeni isikhathi esifushane, sibekezelele izivivinyo nezilingo zethu, futhi silungiselele ukuqhubekela phambili naphezulu nokubuyela ekhaya okuhle kakhulu [bheka Amahubo 116:15; Alima 42:8]. Imicabango nezenzo zethu ngesikhathi siphila [impilo yasemhlabeni] ngokuqinisekile kuzoba nenjongo kakhulu uma siliqonda isu likaNkulunkulu futhi sibonga futhi siyihlonipha imiyalo Yakhe [bheka IMfundiso neziVumelwano 59:20–21].”

Izihloko zEsu eNcwadini kaMormoni

Sifunda amaqiniso abalulekile ngokukhomba nokufunda izihloko ezahlukene zesu likaBaba eNcwadini kaMormoni: Elinye ITestamente likaJesu Kristu. Isibonelo, ake ucabange ngalezi zibonelo ezilandelayo zezihloko ezikhethiwe:

“Isu lomusa loMdali omkhulu” (2 Nefi 9:6).

“Isu likaNkulunkulu wethu” (2 Nefi 9:13).

“Isu lensindiso” (Jaromu 1:2; Alima 24:14).

“Isu lokukhululwa” (Alima 12:25, 26, 30, 32, 33; 42:11, 13).

“Isu lokubuyiselwa” (Alima 41:2).

“Isu lenjabulo” (Alima 42:16).

“Isu elikhulu lesihawu” (Alima 42:31).

Ngasinye kulezi zihloko siyasizakala ukuba siziqonde ngokucacile izithembiso eziyigugu zesu likaBaba futhi kwandisa nombono wethu ngezinjongo nangezizathu zempilo yethu yasemhlabeni.

Okuphawulekayo, isihloko sesu likaNkulunkulu esivame ukusetshenziswa kakhulu eNcwadini kaMormoni sigxile kukho ukukhululwa okwenzeka ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

U-Alima washo nokusho ukuthi, “Ukuba kwakungekhona ukuthi kwakungesu lokukhululwa, elalenziwe kusukela esisekelweni somhlaba, kwakungeke kube khona ukuvuka kwabafileyo; kodwa kwaba khona isu lokukhululwa elenziwa, eliyoletha ukuvuka kwabafileyo, lokho osekukhulunywe ngakho” (Alima 12:25).

Wabuye wayala wathi, “Niqale ukukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, ukuthi izofika izokhulula abantu bayo, futhi nokuthi iyohlupheka futhi ife ukuze ihlawulele izono zabo; futhi nokuthi iyophinda ivuke kwabafileyo, okuyofeza uvuko, ukuze bonke abantu bame phambi kwayo, ukuze behlulelwe ngosuku lokugcina kanye nolokwahlulelwa, ngokwemisebenzi yabo” (Alima 33:22).

Indlela Ilungisiwe

Imiphefumulo yethu kufanele igcwale ukubonga lapho sicabanga ngesu elikhulu likaNkulunkulu lensindiso, lokukhululwa, lokubuyiselwa, lomusa, kanye nenjabulo. Ulwazi lwesu Lakhe lusinika umbono oyigugu, lwandisa injabulo yethu, futhi luyasiqinisa ukuze sinqobe izingqinamba nobunzima bethu.

UBaba oseZulwini uyakulangazelela ukuthi sibuyele ekhaya Kuye. Uyasimema futhi wethembisa izibusiso, kodwa Akasoze asiphoqe, asicindezele, noma asivimbele lapho sisebenzisa ilungelo lethu lokukhetha eliphathelene nokulunga Yena asipha lona. Kufanele senze futhi sikhethe ukubuyela Kuye ngokulandela isibonelo seNdodana Yakhe eThandekayo.

umfanekiso wesandla somntwana sifinyelela esandleni sikaJesu Kristu

His Hand Is Stretched Out Still [Isandla Sakhe Sisaluliwe], ngu-Elizabeth Thayer

Indlela ilungisiwe, futhi uma singabheka singaphila ingunaphakade” (Alima 37:46; kwengezwe ukugcizelela).

Ngiyafakaza ngentokozo ukuthi uBaba oseZulwini ungumqambi wesu likaNkulunkulu labantwana Bakhe. UJesu Kristu unguMkhululi noMsindisi wethu. Futhi njengomunye wabaPhostoli beNkosi bezinsuku zokugcina, ngiyafakaza ukuthi ngempela “uyindlela, neqiniso nokuphila” (NgokukaJohane 14:6; kwengezwe ukugcizelela).

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” kuMthombo woLwazi weVangeli.

  2. URussell M. Nelson, “The Creation,” Ensign, yangoMeyi 2000, 84, 86.

  3. Ukuze uthole ukuhlaziywa okubanzi kwezihloko eziningi zesu likaNkulunkulu ezitholakala eNcwadini kaMormoni, bheka uNoel B. Reynolds, “The Plan of Salvation and the Book of Mormon,” Religious Educator, vol. 21, no. 1 (2020), 31–53.