"IziVumelwano, Amandla, kanye neziThembiso," ILiyahona, Okt. 2025.
Umlayezo Wanyanga Zonke weLiyahona, yango-Okthoba 2025
IziVumelwano, Amandla, kanye neziThembiso
IThempeli liyingqikithi emandleni nasekuvikelekeni okuthenjiswe kulabo abathembekileyo ngaphambi kokuBuya kweSibili kweNkosi uJesu Kristu.
Umfanekiso kaJoseph Smith nguDan Burr
NgoMeyi ka-1833, umkhulu wami wesizukulwane sesine u-Asahel Perry kanye nabanye abangani bahamba besuka eNew York esenyakatho ukuya eKirtland, e-Ohio. Babengasiwo amalungu eBandla elisha elibuyiselwe, kepha babefuna ukuhlangana noMphrofethi uJoseph Smith. Bafika ngesikhathi esifanele ukuthamela umkhandlu wokuqala owawubanjwe ukuzodingida ukwakha iThempeli laseKirtland.
Emva kokuqala komkhandlu, uMphrofethi wethula umsebenzi wokwakha ithempeli. Wabe esebiza labo abakhona ukuba bazwakalise imizwa yabo ephathelene nalomsebenzi omkhulu kangaka. Abaningi baphawula bethi iBandla lalimpofu kakhulu ukwenza umsebenzi onje. Baphakamisa ukwakhiwa kwesakhiwo esincane, nesingabizi kakhulu.
Ngesikhathi sengxoxo eyayenzeka, Umkhulu uPerry kanye nabangani bakhe bahlangana, bakhipha izimali zabo, bazihlanganisa. Ngabe babenayo yini imali eyanele yohambo lwabo lokubuya kanye neyokunikela ekwakhiweni kwethempeli? Emva kwemizuzu embalwa, umkhulu wami wasondela kuJoseph Smith, wakhipha uhlamvu lwegolide lwamadola amahlanu, futhi wawethula kuMphrofethi. (Loluhlamvu namuhla lungaba amadola angamakhulu!)
UJoseph Smith wama ngaphambi komkhandlu futhi wabamba loluhlamvu. Wabe, ekhuluma ngomdlandla, wathi "umsebenzi usuqalile futhi Indlu [yeNkosi] iyokwakhiwa ngomfanekiso owethuliwe" yiNkosi uJesu Khristu.
Umndeni wakwaPerry ngokushesha wabandakanya neBandla eKirtland, wathola izibusiso zasethempelini eminyakeni embalwa elandelayo eThempelini laseNauvoo, kwathi ngemuva wawela amathafa ase-Utah.
Kwathi ngesikhathi iThempeli laseKirtland selinikelwe eNkosini ngo-1836, lalilincane kakhulu ukubamba bonke abaNgcwele beziNsuku zokuGcina ababefuna ukubakhona ekunikelweni. Ngesikhathi iBandla likhula, inani labaNgcwele elalimele lihambele imihlangano ngaphandle nalo lakhula. UMongameli uJames E. Faust (1920–2007), owasiza njengomongameli wami wesikhonkwane ngesikhathi ngisayinsizwa futhi njengomeluleki ngesikhathi ngibizwa njengoneGunya eliKhulu eBandleni Lonke ngo-2007, waqaphela lokhu mayelana nethempeli lesibili leBandla:
”Ngaphambi kokuba iThempeli laseNauvoo seliqediwe ngo-1846 abaNgcwele babehlanganyela ngaphandle, imvamisa eduzane nethempeli, ukuzwa uJoseph kanye nabanye abaholi yeBandla bekhuluma. Ngezinye izikhathi izinkulungwane ezazihambela leyomihlangano”—ngezinye izikhathi ngisho isimo sezulu singesihle.
“Ngesikhathi [iGosa] uGeorge A. Smith ebheka ngendlela yakhe ehlekisayo, ‘Ngezikhathi zoMphrofethi uJoseph … [iBandla] ladlondlobala kakhulu bekhonzela ngaphandle.’”
Siyabonga ukuthi ngosuku lwethu, iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina liyadlondlobala ngaphandle, ngaphakathi, kanye nasemhlabeni wonke. Lokho kudlondlobala kuhlanganisa ukwakhiwa kwamathempeli ngejubane elingakaze labonakala ngaphambilini “ngokomfanekiso owethulwe”—umfanekiso obuhlezi unezibusiso, ukunikela, kanye nomhlatshelo.
A Glorious Light—Kirtland Temple [UkuKhanya Okukhazimulayo—IThempeli laseKirtland], nguGlen S. Hopkinson, akumele ikopishwe
Kungani KunamaThempeli Amangingi Kangaka?
”Abasandulelayo baphrofethile ukuthi amathempeli azogcwala indawo yeMelika eseNyakatho neseNingizimu, yeziqhingi zePacific, e-Europe, nakwenye indawo,” uMongameli u-Ezra Taft Benson (1899—1994) washo emashumini eminyaka adlule. “Uma lomsebenzi wokuhlenga uzokwenziwa ngezinga okufanele wenziwe ngalo, amathempeli angamakhulu azodingeka.”
UMongameli uRussell M. Nelson wathi sakha amathempeli ngejubane elingakaze libonakale ngaphambilini “ngoba iNkosi isiyale ukuba senze njalo. Izibusiso zethempeli zisiza ekuqoqeni u-Israyeli ezinhlangothini zombili zesisitho. Lezi zibusiso zisiza futhi zilungiselele abantu abazosiza ekulungiseleleni umhlaba Ukuza Kwesibili kweNkosi!”
Emkhulekweni wakhe wokunikela eNkosini iThempeli laseKirtland, uJoseph Smith wakhulekela “ukuthi bonke abantu abazongena ezindongeni zendlu yeNkosi bangezwa amandla akho. …
“Futhi siyakucela, Baba oNgcwele, ukuba izinceku zakho zingahamba kusuka kulendlu zihlome ngamandla akho, futhi nokuthi igama lakho libe phezu kwabo, futhi nenkazimulo yakho ibe kubo nxazonke, futhi izingelosi zakho zibabheke” ( IMfundiso neziVumelwano 109:13, 22; ukugcizelela kwengeziwe; bheka futhi ivesi 23).
Ngesikhathi ngifunda lawo mavesi, ngicabanga ngombono kaNefi wezinsuku zokugcina. Naka okufanayo embhalweni: ”Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona amandla eMvana kaNkulunkulu, ukuthi ehlela phezu kwabangcwele bebandla leMvana, kanye naphezu kwabantu besivumelwano beNkosi, labo ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye nangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu” (1 Nefi 14:14; ukugcizelela kwengeziwe).
Ngikholwa ukuthi amathempeli ezinsuku zokugcina adlala indima ebalulekile ekufezeni isiphrofetho sikaNefi futhi abalulekile ekuvikelweni kanye nasemandleni athenjiswa abathembekileyo ngaphambi koKuza kwesiBili.
Eminyakeni embalwa edlule, ngenkathi ngisiza njengobhishobhi wewadi yasenyuvesi, ngahlabeka umxhwele kakhulu ngowesifazane osemusha oyedwa ewadini yami. Namanje usangihlaba umxhwele. Nimazi njengoMongameli u-Emily Belle Freeman, uMongameli Jikelele weNhlangano yamaNtombazane. Enkulumweni yakamuva yengqungquthela yebandla lonke, ufundise ukuthi ngethempeli, uJesu Khristu usiphakamisela ezingeni ephakeme likamoya.
“Ngaso sonke isikhathi uma ngingena ezindongeni zendlu Yakhe, ngiba nobudlelwane obujulile besivumelwano Naye,” kusho uMongameli uFreeman. “Ngingcweliswe ngoMoya Wakhe, ngambathiswa ngamandla Akhe, futhi ngahlukaniselwa ukwakha umbuso Wakhe.”
Amandla Athenjisiwe
UMongameli uNelson ukhulume kaningi ngamandla kaJesu Khristu atholakala ngezivumelwano zasethempelini. “Ukuzibophezela kuMsindisi kusho ukuthi uzofinyelela emandleni nasekuhlengweni okunamandla Kwakhe,” washo. UMongameli uNelson wafundisa futhi:
“Uma sigcina izivumelwano zethu zasethempelini, sithola ukufinyelela okukhulu emandleni eNkosi aqinisayo. Ethempelini, sithola ukuvikeleka ezinhluphekweni zomhlaba.”
“Izimiso [zoMsindisi] ezibalulekile zisibophezela Kuye ngezivumelwano zobuphristi ezingcwele. Bese ke, ngesikhathi sigcina izivumelwano zethu, Usinikeza amandla Akhe okuphilisa, aqinisayo. Futhi o, indlela esiwadinga ngayo amandla Akhe ezinsukwini ezizayo.”
“Amandla okuziphatha nawomoya abantu bakithi abawadingayo njengamanje nalezi zinsuku ezizayo ngamandla kaNkulunkulu uBaba neNdodana Yakhe, uJesu Khristu. Sithola ukufinyelela emandleni Abo ngokwenza kanye nokugcina izivumelwano Nabo.”
Amandla asezulwini abalulekile, bafowethu nodadewethu, ngoba siphila ezweni elibi kakhulu. Ngaphandle kwalawo mandla, ngeke sikwazi “ukumelana nosuku lokuza kwakhe” noma “ukuma lapho ebonakala” (UMalakhi 3:2). Asazi ukuthi lolo suku luyoba nini, kepha isithunywa Sakhe sesivele sithunyiwe ukuba “silungise indlela” yokuza Kwakhe (UMalakhi 3:1). Phakathi naleso sikhathi, izwe alisondeli ngesizotha kulolo suku.
Sidinga amandla athenjiswe abathembekile ukuze asisize:
-
Ukuvumela uNkulunkulu anqobe ezimpilweni zethu.
-
Siphenduke futhi sisondele eNkosini.
-
Sibusise, siduduze, sihole, futhi sisize.
-
“Simelane kangcono nezinkinga, izilingo, nobuhlungu benhliziyo” (bheka Mosiya 3:19).
-
Thola ukuthula nenjabulo kuKhristu njengoba sihamba endleleni yesivumelwano.
-
Lungiselela “ngosuku lokushiswa” kanye “nenhlekelele yababi” (IMfundiso neziVumelwano 109:46).
-
Feza umsebenzi weNkosi ngaphambi koKuza Kwayo Kwesibili.
Isithombe se-dome leThempeli laseTucson e-Arizona nguJames Whitney Young
Abalindi BeNsindiso
Umsebenzi nenkazimulo kaBaba oseZulwini “ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu” (Mose 1:39). Ithempeli ngalinye limi njengomlindi wasemhlabeni wesu likaNkulunkulu lensindiso, likhomba indima ebalulekile yoMsindisi kulowomsebenzi nenkazimulo.
Ehlome ngamandla Akhe, wonke owesilisa nowesifazane ogcina isivumelwano—oshadile noma ongashadile—ogcina izivumelwano zethempeli ngokwethembeka uzobusiswa kulempilo kanye nasempilweni ezayo.
UMongameli Nelson uthembisile: “Isiphetho ngamunye wethu alwela kuso ukuthi ambeswe ngamandla endlini yeNkosi, abophe njengemindeni, athembeke ezivumelwaneni ezenziwe ethempelini ezisenza sifanelekele isipho esikhulu kunazo zonke sikaNkulunkulu—sempilo yaphakade. Izimiso zethempeli kanye nezivumelwano ozenzayo lapho zibalulekile ekuqiniseni impilo yakho, umshado wakho kanye nomndeni, kanye namandla akho okumelana nokuhlasela kwesitha. Ukukhonza kwenu ethempelini ngokunjalo nosizo enilwenzela okhokho benu lapho kuzonibusisa ngokukhula kwesambulo somuntu siqu nokuthula futhi kuzokuqinisa ukuzinikela kwenu ukuba nihlale endleleni yesivumelwano.”
NjengoMphostoli weNkosi uJesu Khristu, ngiyafakaza ukuthi lezi zinto ziyiqiniso.
© 2025 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Liahona Message, October 2025. isiZulu. 19611 783