“Ukubusiswa ngeGunya kanye NangaMandla ObuPristi,” iLiyahona, ngoSept. 2025.
Umyalezo waNyanga zonke weLiyahona, ngoSepthemba 2025
Ukubusiswa ngeGunya kanye Nangamandla Obuphristi
Amalungu eBandla asebenzisa amandla kaNkulunkulu ukusiza futhi nokubusisa abanye abaseBandleni, ekhaya, futhi emhlabeni wonke.
Ubufakazi bethu kumhlaba wonke wukuthi ubupristi obungcwele bukaNkulunkulu bubalulekile ukufeza umsebenzi Wakhe wensindiso kanye nokuphakanyiswa, ukuthi Yena ubuyise ubupristi emhlabeni ngokwaleyonhloso, nanonokuthi buphethwe yiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.
Isidingo seGunya kanye naMandla ObuPristi
UJesu Kristu uyinhloko yeBandla. IBandla liyinto yokwenza utho Yena aludalile ukuze afeze umsebenzi obalulekile wokuhlenga abantu kulenkathi yevangeli yokugcina njengasenkathini Yena ephila phezu kwalomhlaba. NgeBandla:
-
Angashumayela ivangeli Lakhe emhlabeni wonke.
-
Anganikela ngombhabhadiso kanye nazo zonke ezinye izivumelwano—ngisho nendlela yesivumelwano eya embusweni Wakhe wesilestiyali.
-
Angakwazi ukuhlanganisa imindeni ingunaphakade.
-
Aganikela ngezipho zensindiso, ngisho nalabo asebashona ngaphandle kwazo.
-
Angasiza ezidingweni zenyama zabantwana bakaNkulunkulu namuhla.
Ukufeza lezi zinhloso ezinkulu, kanye nokulungiselela ukubuya koMsindisi, iBandla lidinga ukuqondiswa kwaNkulunkulu okuqhubekayo, igunya, kanye namandla. IBandla yilo “eliyiqiniso futhi neliphilayo ibandla” (IMfundiso neziVumelwano 1:30) ngoba uKristu uyalikhunga ngokuholwa Kwakhe futhi namandla ngenxa yobupristi Bakhe, “uPristi obuNgcwele, ngokoHlelo lweNdodana kaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 107:3).
Kepha ukuba lobu bupristi obungcwele bebungekho, iBandla belizoba yinhlangano yezwe, elenza okuhle emhlabeni kodwa lingenamandla okufeza inhloso yokugcina yokulungiselela amadodana namadodakazi kaNkulunkulu injabulo yokuphila okuphakade ebukhoneni Bakhe. Ngalobubuhristi, nezikhiye zokuqondisa umsebenzi walobubupristi, kukhona kokubili igunya kanye nokuhleleka phakathi eBandleni.
“In the Church, all priesthood authority is exercised under the direction of those who hold priesthood keys.
“Worthy male Church members receive priesthood authority through priesthood conferral and ordination to priesthood offices. All Church members can exercise delegated authority as they are set apart or assigned to help accomplish God’s work.”
Ngenxa yezikhiye zobupristi, lokho okubalulekile eNkosini kuyohlezi kunqoba. Akekho ongasekela uhlelo lomuntu siqu olungahambisani nokuqondisa Kwakhe. Akekho onganqoba ngobupristi-mbumbulu, okuhlose inzuzo yomuntu siqu kanye nokulandelwa komuntu siqu.
Ubupristi budlala indima ebalulekile kakhulu emakhaya amalungu eBandla. UMongameli uDallin H. Oaks, uMeluleki Wokuqala kuBungameli bokuQala, wafundisa ukuthi, “Umgomo wokuthi igunya lobupristi lingasetshenziswa kuphela ngaphansi kokuqondiswa kwalowo ophethe izikhiye zalowomsebenzi kuyisisekelo eBandleni, kodwa lokhu akusebenzi emndenini.” Obaba bengamela futhi basebenzise ubupristi emindenini yabo—ukweluleka, ukubamba imihlangano yomndeni, ukunikeza izibusiso zobupristi noma ezokuphilisa amalungu omndeni noma abanye, njalonjalo—ngaphandle kokuqondiswa noma ukugunyazwa ngumuntu ophethe izikhiye zobupristi.
“Kusebenza isimiso esifanayo lapho ubaba engekho futhi umama engumholi wekhaya. Wengamela ekhaya lakhe futhi uwusizo ekuletheni amandla kanye nezibusiso zobupristi emndenini wakhe ngokwembathiswa kwakhe kanye nokubopha ethempelini.”
Ukubuyiselwa kobuPristi Osukwini Lwethu
Meyi 15, 1829
Ukubuyiselwa kwegunya lobupristi kulenkathi yokugcina kwaqhubeka ngendlela ehlelekile, isinyathelo nesinyathelo. Njengoba umbhalo oyisisekelo wenkathi yethu, iNcwadi kaMormoni, yayihunyushwa ngo-1829, iNkosi yaqala ukubeka isakhiwo Sayo sobupristi endaweni. Ephendula umbuzo kaJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery ophathelene nombhabhadiso, uJohane uMbhabhadisi ovusiwe wavela futhi wabanika ubuPristi buka-Aroni, ubupristi “obuphethe izikhiye zokusetshenzelwa yizingelosi, futhi nezevangeli lokuphenduka, nezokubhabhadisa ngokucwiliswa ukuze kuthethelelwe izono“ (IMfundiso neziVumelwano 13:1). Ngalelogunya, uJoseph kanye no-Oliver babhabhadisana futhi kamuva nabanye njengoba iBandla lalihlelwe ngokusemthethweni.
Maduze emva kwaMeyi 15, 1829
Ngokushesha ngemva kokuvela kukaJohane uMbhabhadisi, abaPhostoli basendulo uPhethro, uJakobe, kanye noJohane bavela futhi banikeza ubupristi obuphakeme, noma obukaMelkisedeki, obuhlanganise “izikhiye zombuso wami, nohlelo lokwengamela lwevangeli lezinsuku … nelokuphelela kwezikhathi” (IMfundiso neziVumelwano 27:13; bheka futhi 128:20).
Ephreli 3, 1836
Igunya lobupristi elengeziwe elidingekayo lafika ngokulandelayo lapho, eThempelini laseKirtland, abaphrofethi abathathu basendulo, uMose, u-Eliya, kanye no-Eliya, bebonakala kuJoseph kanye no-Oliver futhi banikela kubo izikhiye zokuqoqwa kuka-Israyeli kanye nomsebenzi ophathelene namathempeli eNkosi (bheka IMfundiso neziVumelwano 110:11–16).
Ihlobo lango-1829–Ephreli 1835
Izambulo manje ezenziwe zabangcwele kwiMfundiso neziVumelwano zayala uMprofethi uJoseph Smith mayelana nokugcotshwa kwamadoda ezikhundleni zobupristi obuphakeme (bukaMelkisedeki) kanye nokulungiselela (buka-Aroni); ukubekwa kwamagosa obupristi, njengababhishobhi; kanye nokuhlelwa kwemigwamanda yobupristi nemikhandlu.
1835–1973
Ukuqondisa okungokwesiprofetho kuyaqhubeka nokuqondisa inhlangano kanye nokusebenza kobupristi eBandleni. Isibonelo, imigwamanda yabangamaShumi ayisiKhombisa ahlelwa ngesikhathi saseKirtland ukusiza umGwamanda wabayiShumi naMbili. Emva kofuduko olukhulu oluya eNtshonalanga kanye nokuhlakazeka kwamalungu eBandla ezindaweni ezibanzi zendawo, lemigwamanda yabelwa ukusebenza ezikhonkweni zeBandla.
1973–Yimanje
Ngaphansi kokuphatha kukaMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985), u-Ezra Taft Benson (1899–1994), kanye noGordon B. Hinckley (1910–2008), abamaShumi ayisiKhombisa nemigwamanda yabo yaqala ukusebenza ngqo ngaphansi koMgwamanda WabayiShumi naMbili ezingeni leBandla elijwayelekile nasezindaweni zeBandla. Imgwamanda ezingeni yesikhonkwane yabe isiyekwa. Namuhla, imigwamanda eyishumi nambili yabaneGunya eliKhulu eBandleni lonke kanye NabayiShumi ayisiKhombisa esiFunda esiKhulu asiza abaPhostoli “ekwakheni ibandla nokulawula zonke izindaba zebandla ezizweni zonke“ (IMfundiso neziVumelwano 107:34). Eminye imigwamanda yabaliShumi ayisiKhombisa eyengeziwe ingakhiwa njengoba iBandla landa.
IGosa uChristofferson ubingelela abazalwane uSampson noDaniel Amako eGambia, eNtshonalanga Afrika, ngoFebhruwari 2022.
UbuPristi: Amandla Okubusisa
Ngamafuphi, inhloso yegunya lobupristi namandla uJesu Kristu awabuyisile ukubusisa. Buvumela amalungu eBandla ukuba asebenzise amandla kaNkulunkulu ukusiza futhi nokubusisa abanye abaseBandleni, ekhaya, futhi emhlabeni wonke. Amalungu ahlanganyela noMsindisi ekufezeni umsebenzi Wakhe wensindiso nokuphakanyiswa, esebenzisa izipho ezingcwele namandla angaphezu kwawawo ukuze asize umbuso kaNkulunkulu ukhule ugcwalise umhlaba (bheka IMfundiso neziVumelwano 65:2, 5–6).
INkosi isiyake yachaza ukuthi “lobu bupristi obukhulu [bukaMelkisedeki] buphethe ivangeli futhi buphethe nesikhiye sezimfihlakalo zombuso, ngisho isikhiye sokwazi ngoNkulunkulu.
“Ngakho-ke, ezimisweni zabo, amandla obunkulunkulu ayembulwa.
“Futhi ngaphandle kwezimiso zabo, negunya lobupristi, amandla obunkulunkulu awembulwa kubantu enyameni” (IMfundiso neziVumelwano 84:19–21).
Izimiso, kunjalo, ziyimikhosi noma amasiko aphethwe wubupristi esenza ngawo izivumelwano noNkulunkulu, siqale ngombhabhadiso futhi siqhubeke ngezivumelwano esizithola endlini yeNkosi. Kusekugcineni lezi zivumelwano lapho siguqulwa khona sisuka ekubeni ngamadoda nabesifazane “bemvelo” sibe abangcwele (bheka Mosiya 3:19) ngomusa ohlawulelayo kaKristu futhi sibe kokubili abalungisiswe futhi nabangcweliswe—singabi nacala futhi singabi nasici—phambi kukaNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:29–31; 3 Nefi 27:16–20).
Lesi sisho esiqhamukela “UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele: IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe eMhlabeni,” ngobuMongameli bokuQala noMkhandlu wabaPhostoli abaliShumi naMbili, siveza ukufinyezwa okufanelekile:
“Siyasho ukuthi IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, elahlelwa ngo-Ephreli 6, 1830, yiBandla likaKristu leThestamente Elisha elibuyiselwe. LeliBandla lizinze empilweni kaJesu Kristu enokulunga okuphelele, oyitshe legumbi leBandla, nakwiNhlawulo Yakhe enganakuphela nasoVukweni Lwakhe lwangempela. UJesu Kristu usephinde wabiza abaPhostoli futhi wabanikeza igunya lobupristi. Usimema sonke ukuba size Kuye naseBandleni Lakhe, ukuba siphiwe uMoya oNgcwele, izimiso zensindiso, nokuba sithole intokozo engapheli.”
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly Liahona Message, September 2025. Zulu. 19604 783