“Iqiniso leziMpilo Zethu,” iLiyahona, ngo-Agasti 2025
UMyalezo waNyanga Zonke weLiyahona yango-Agasti 2025
Iqiniso leziMpilo Zethu
UBaba wethu oseZulwini onothando wembule amaqiniso esikhathi esidlule, esamanje, kanye nekusasa, kuhlanganise nendlela yokwamukela isipho esikhulu kunazo zonke.
Phezulu ngezitebhisi endlini encane, egcwele phama ngenhla kwesitolo sika-Newel K. Whitney eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka-22 Januwari, 1833, amagosa eBandla abuthana kanye noMphrofethi uJoseph Smith. NgoDisemba wonyaka odlule, uJoseph wayethole isambulo esasimyala ukuthi asungule isikole ukuze alungiselele abazalwane ukuthunywa.
“Ngininika umyalelo,“ kwasho iNkosi, ”wokuthi nifundisane imfundiso yombuso.
”Fundisani ngokukhuthala futhi umusa wami uzoba nani, ukuze nifundiseke ngokuphelele kokubonwa ngokucabanga kwengqondo, ngemigomo, ngemfundiso, ngomthetho wevangeli, kuzo zonke izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu, nezifanele nina ukuthi niziqonde; …
”Ukuze nilunge ezintweni zonke uma sengiyonithumela futhi nokuthi niyokhulisa ubizo enginibizele kulo, futhi nomsebenzi wokufundisa ivangeli enginigunyaze ngawo” (IMfundiso neziVumelwano 88:77–78, 80).
Lesi “Sikole Sabaprofethi,” njengoba sasibizwa kanjalo, sanikeza ukuthululwa okungokomoya okumangalisayo. Abaholi abaningi bokuqala beBandla bafundiswa lapho. Namuhla umhlaba uyindawo ehluke ngokuphelele, kodwa isiqondiso iNkosi eyasinikeza ngaleso sikhathi sisasebenza ngendlela emangalisayo. Nathi, futhi, kufanele sifune ulwazi kanye neqiniso ”lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizoza” (IMfundiso neziVumelwano 93:24).
Ukufuna Kwethu Iqiniso
Kulesi sikhathi esiphila kuso, ulwazi oluningi luyatholakala kithi kunangaphambili. Esikhathini esedlule, uma ubufuna ukwazi okuthile, kwakufanele uye kumtapo wolwazi uyokubheka. Namuhla i-inthanethi nemishini ephathwa ngesandla inikeza ukufinyelela cishe olwazini olungapheli esingaluthola cishe ngokushesha.
INkosi iyajabula lapho sisebenzisa ngokuhlakanipha izinsiza esinazo, kodwa uye wasinikeza lesi seluleko esingaphelelwa yisikhathi: ”Funani ngokukhuthala futhi nifundisane amazwi okuhlakanipha; yebo, funani ezincwadini ezinhle kakhulu amazwi okuhlakanipha; funani ukuthola ulwazi, ngisho ngokufunda futhi nangokukholwa” (IMfundiso neziVumelwano 88:118). Uyasikhuthaza ukuthi sifunde ngezwe elisizungezile (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:79; 93:53), kodwa ekufuneni kwethu iqiniso, kufanele sibheke kuNkulunkulu, ”Oziqonda zonke izinto, futhi zonke izinto ziphambi kwakhe, … futhi uphezu kwezinto zonke, … futhi zonke izinto zenziwe nguye, futhi zisuka kuye” (IMfundiso neziVumelwano 88:41).
Phakathi kwamaqiniso uNkulunkulu asinike wona, esinye sezisekelo ezimpilweni zethu emhlabeni ukuthi unguBaba wethu oseZulwini. Singamadodana namadodakazi Akhe omoya. Uyasazi futhi usithanda ngokuphelele. Njengabantwana baNkulunkulu bomoya, sinemvelo nesiphetho sobunkulunkulu. Ukuqonda kanye nokwamukela lamaqiniso aphakade kusinika ubunikazi, ukubaluleka, kanye nenjongo eyasibusisa futhi yasiqondisa empilweni yethu yangaphambi komhlaba futhi ezoqhubeka nokwenza njalo manje naphakade.
SasinoBaba ekuqaleni
Njengoba sifuna iqiniso lezinto “njengoba zazinjalo,” sithola lamazwi kuMsindisi wethu, uJesu Kristu: “Manje, ngiqinisile ngithi kini, ngangikhona ekuqaleni noBaba, futhi ngiyi Nkosana,” futhi “Nani nanikhona ekuqaleni noBaba” (IMfundiso neziVumelwano 93:21, 23).
Ngaphambi kokuphila kwethu emhlabeni, saya emkhandlwini osezulwini lapho uBaba wethu oseZulwini ethula isu Lakhe elikhulu lenjabulo. UMphrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi ugqozi lukaNkulunkulu lwesu Lakhe ukusinika “ilungelo lokuqhubekela phambili njengaye [futhi] … siphakanyiswe kanye naye” Umsebenzi woMsindisi “ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu” (Mose 1:39).
Sasebenzisa ukuzikhethela kwethu futhi sakhetha ukulandela isu likaBaba oseZulwini. Sibusisiwe ngokuzalelwa kulempilo, lapho siqhubeka nokuba namandla okuzikhethela futhi singathola ulwazi lokuphila emhlabeni, sifunde, futhi sithuthukele empilweni yaphakade.
Phakathi nohambo lwethu lwasemhlabeni, sizobhekana nezinselele kanye nezingqinamba. Kodwa akudingekile ukuba sibhekane nobunzima bempilo sisodwa. UJoseph Smith wafundisa ukuthi uBaba oseZulwini, “uMzali Omkhulu womhlaba wonke nezulu nokukukho[,] ubheka wonke umndeni wabantu ngokunakekela kukababa kanye nokunakekela komzali.”
UBaba wethu oseZulwini, ”uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,” uzosibusisa, asiphakamise, futhi asiduduze ”osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu” (2 kwabaseKorinte 1:3–4). Njengengxenye ebalulekile yesu Lakhe, uBaba oseZulwini usinikeze indlela yokuthi sibuyele Kuye.
Indlela eya kuBaba Wethu
Iqiniso “lezinto njengoba zinjalo ngempela” (Jakobe 4:13) licacile: asikwazi ukufinyelela amandla ethu aphelele njengabantwana bakaBaba wethu oseZulwini sodwa. UJesu Kristu, iNdodana eyiZibulo likaBaba emoyeni, wenza isivumelwano sokuba nguMsindisi kanye noMhlengi wethu.
UJesu Kristu, “oZelwe Yedwa kaBaba, ogcwele umusa neqiniso, ngisho uMoya weqiniso, oweza wazohlala enyameni, futhi wahlala phakathi kwethu.”(IMfundiso neziVumelwano 93:11). Weza ukuzosibonisa indlela yokuthola ukujabula, incazelo, kanye nenjabulo kulokhu kuphila naphakade.
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuthi loyo okholelwa Kuyena angafi kepha abenempilo engunaphakade.
”Ngokuba uNkulunkulu akayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo” (NgokukaJohane 3:16-17).
Lokho Adlula kukho emhlabeni uMsindisi kubalulekile. ”Akakufumananga ukuphelela ekuqaleni, kodwa wafumana umusa ngenxa yomusa“ (IMfundiso neziVumelwano 93:12). Wakhula waze “wafumana ukuphelela kwenkazimulo kaBaba” futhi “wonke amandla, ezulwini nasemhlabeni, futhi inkazimulo kaBaba yayinaye, ngokuba wayehlala kuye”(IMfundiso neziVumelwano 93:16–17). UMsindisi wasifundisa wathi:
“Ngini nika lokhu engikushoyo ukuze niqonde futhi nazi ukuthi kukhonzwa kanjani, futhi nazi ukuthi nikhonzani, ukuze nize kuBaba egameni lami, futhi ngesikhathi esifanele nifumane ukuphelela kwakhe.
“Ngokuba uma nigcina imiyalelo yami niyokufumana ukuphelela kwakhe, futhi nikhazimuliswe kimi njengami kuBaba; ngakho-ke, ngithi kini, niyofumana umusa ngenxa yomusa“ (IMfundiso neziVumelwano 93:19–20).
Ensimini yaseGetsemane nasesiphambanweni, uJesu Kristu wathatha phezu Kwakhe izono zomhlaba futhi wezwa lonke usizi kanye “[no]buhlungu nezinkathazo kanye nezilingo zalo lonke uhlobo” (Alima 7:11). Lokhu “kwenza [Yena], … omkhulu kunabo bonke, ukuba aqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ophe kuzo zonke iziqu zoboya” (IMfundiso neziVumelwano 19:18). KungoJesu Kristu neNhlawulo kanye noVuko Lwakhe kuphela lapho insindiso kanye nokuphakanyiswa kungenzeka.
Ngomusa woMsindisi kanye nomhlatshelo wokubuyisana, singakhula size sithole ukuphelela futhi ngelinye ilanga singalethwa ekupheleleni. Uma sizolandela isibonelo soMsindisi futhi silalele imiyalelo Yakhe, Uzosihola futhi asiqondise endleleni yethu ebuyela ebukhoneni obukhazimulayo bukaBaba wethu oseZulwini.
Christ on the Road to Jerusalem [UKristu eNdleleni eya eJerusalem], nguJ. Kirk Richards, angeke ikopishwe
Uzosamukela iSipho Sakhe?
Phakathi kwamaqiniso “ezinto ezizokuba njalo” (Jakobe 4:13), sifunda ukuthi ukuphila kwethu phakade kuyonqunywa ukukhetha kwethu ukulandela uJesu Kristu nokwamukela izipho azinikezayo. Izincwadi ezingcwele zisifundisa ukuthi “siyokuthokozela lokho [esi]thanda ukuku fumana,” Ngokudabukisayo, abanye ngeke “bathande ukuthokozela lokho ababengaku fumana.” (IMfundiso neziVumelwano 88:32).
Umongameli wami wemishini, iGosa uMarion D. Hanks (1921–2011), owasiza njengoneGunya eliKhulu eBandleni lonke owamaShumi AyisiKhombisa, wafundisa abafundisi bevangeli bakhe ukuthi ukucela lokho esizimisele ukukuthola futhi sikujabulele kuyindlela esingahlulela ngayo ukuthi sikuphi ohambweni lwethu lomoya. ”Ngokuba kuyomsiza ngani umuntu uma isipho sinikwa yena, futhi esenqaba leso sipho na?” Njengoba sithola izipho zoMsindisi ngokumfuna ngobuqotho futhi simlandele, sizojabula ethembeni lokuphila okuphakade futhi “ngalowo ongumphi [waleso] sipho” (IMfundiso neziVumelwano 88:33). Lesi sipho esinikezwe ngothando “sikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 14:7).
UNkulunkulu unguBaba wethu oseZulwini. Uyasazi futhi uyasithanda. Njengoba siphendukela Kuye ekufuneni kwethu iqiniso, singabambelela ekuhlakanipheni, samukele ubuhlakani, samukele iqiniso, sithande ukulunga, futhi sibambelele ekukhanyeni okuvela Kuye (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:40). Bese siqhubeka izimpilo zethu zonke kuze kube “usuku luyofika lapho [si]yoqonda ngisho uNkulunkulu, seniphilisiwe kuye futhi nawuye.” (IMfundiso neziVumelwano 88:49).
Lolo kuyoba usuku olukhazimulayo nolujabulisa kakhulu.
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Liahona Message, August 2025. Zulu. 19613 783