2025
Silandela uJesu Kristu ngokuHlanganyela Naye eMsebenzini Wakhe
NgoJuni 2025


“Silandela uJesu Kristu ngokuHlanganyela Naye eMsebenzini Wakhe,” iLiyahona, ngoJuni 2025.

Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona, ngoJuni 2025

Silandela uJesu Kristu NgokuHlanganyela Naye eMsebenzini Wakhe

Sibamba iqhaza emsebenzini woMsindisi njengoba sigxila ezinjongweni Zakhe, sigcine imithetho Yakhe, futhi sithandana omunye nomunye.

UKristu neNsizwa eNothile eBusayo

Umdwebo osuselwe kwi Christ and the Rich Young Ruler [UKristu neNsizwa eNothile eBusayo], nguHeinrich Hofmann

Uma sibhabhadiswa, siqala inqubo yokuzithathela kithina igama likaJesu Kristu. Ingxenye yalenqubo ibonisa ukuthi sihlanganyela noMsindisi emsebenzini Wakhe. UMongameli uDallin H. Oaks, uMeluleki Wokuqala kuBungamelii bokuQala, wabhala wathi, “Enye yezincazelo ezisemqoka kakhulu zokuzithathela kithina igama likaKristu [kunguku] zimisela nokuzibophezela ukuzithathela kithina umsebenzi woMsindisi nombuso Wakhe.”

Umsebenzi woMsindisi “ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu” (Mose 1:39). Ukungafi siyisipho esingenamibandela uJesu Kristu avele esesiqinisekisile ngokuVuka Kwakhe kwabafileyo. Kodwa-ke, ukuphila okuphakade akufani nokungafi. Ukuphila okuphakade yisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu angasinika umuntu (bheka iMfundiso neziVumelwano 14:7). Kungukuphila ingunaphakade njengemindeni ebukhoneni Bakhe. Ukuze thina sithole ukuphila okuphakade, kufanele sibe abafundi bakaJesu Kristu abathembekile. Lokhu kusho ukuthi samukela ivangeli elibuyiselwe ngokuba nokholo kuMsindisi nakuyo iNhlawulo Yakhe, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, ukwamukela isipho sikaMoya oNgcwele, ukwenza kanye nokugcina izivumelwano zethempeli, kanye nokubekezela kuze kube sekugcineni. Ukubekezela kuze kube sekugcineni kubandakanya ukuhlanganyela noMsindisi emsebenzini Wakhe.

Ukuzibandakanya Ngokukhuthala

Sizibamba iqhaza emsebenzini woMsindisi lapho sisiza abantwana bakaNkulunkulu ukuba nabo babe abafundi abathembekile bakaJesu Kristu. Lokhu kubandakanya ukutshela abanye ngevangeli Lakhe, ngaleyondlela siqoqe u-Israyeli ohlakazekile, ngokufeza imisebenzi yethu eBandleni loMsindisi nanokuphikelela ukuba njeNgaye. Eyethu “impumelelo [emsebenzini Wakhe] ayincikile ekutheni abanye bakhetha ukusiphendula kanjani [thina], lapho sibamema, noma ezenzweni [zethu] zomusa ongazenzisi.” UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa ukuthi, “Noma yinini uma wenza noma yini esiza noma ngubani—ohlangothini ngalunye lwesisitho—ukuba athathe isinyathelo sokwenza izivumelwano noNkulunkulu futhi athole izimiso ezibalulekile zokubhabhadiswa nezethempeli, usiza ukuqoqa u-Israyeli.”

Ukwenza umsebenzi woMsindisi ube umsebenzi wethu, sigxila ezinjongweni Zakhe, sigcine imithetho Yakhe, futhi sithandane. Ngenkathi senza umsebenzi Wakhe ngendlela Yakhe (bhekka iMfundiso neziVumelwano 51:2), ezinye izinto zisala ezandleni zethu ukuba sizibonele zona ngokwethu. UMsindisi watshela abaNgcwele ababebuthene e-Jackson County, eMissouri ukuthi:

“Ngokuba bhekani, akukuhle ukuthi ngiyale kukho konke; ngokuba lowo ophoqwayo kukho konke, nguye lowo oyivila futhi akayona inceku ehlakaniphileyo; ngalokho-ke akatholi mvuzo.

“Ngiqinisile ngithi, abantu mabazibandakanye ngokukhuthala emsebenzini omuhle, futhi benze izinto eziningi ngokuzithandela kwabo, futhi benze okuningi ukulunga;

“Ngokuba amandla akubo, ngawo abakwazi ukuzikhethela. Futhi kangangoba abantu benza okuhle abasoze balahlekelwa umvuzo wabo” (iMfundiso neziVumelwano 58:26–28).

Lapho silandela uMsindisi, sihlanganyela kanye Naye emsebenzini Wakhe, futhi sisiza abanye babe abafundi Bakhe abathembekile, sifundisa lokho abengakufundisa Yena. Ngoba asigunyaziwe ukufundisa nakuphi okunye (bheka iMfundiso neziVumelwano 52:9, 36), sigxila ngokungachezuki eziMfundisweni Zakhe (bheka iMfundiso neziVumelwano 68:25). Naphezu kwalokho, sigxila kakhudlwana kulabo abampofu, abadingayo, nabasengcupheni (bheka iMfundiso neziVumelwano 52:40). Loku kugcizelelwa kwenziwa kwacaca ngenkathi uMsindisi ecaphuna ku-Isaya esinagogweni eNazaretha:

“UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa, nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,

“Ngimemezele umnyaka womusa kaJehova” (NgokukaLuka 4:18–19; bheka futhi ku-Isaya 61:1–2).

Unyaka womusa kaJehova ubhekisa esikhathini lapho zonke izibusiso zesivumelwano sikaNkulunkulu ziyonqwatshelaniswa phezu kwabantu Bakhe. Silandela uJesu Kristu ngokumema abanye ukuba bamukele izibusiso zokwenza nokugcina izivumelwano noNkulunkulu kanye nokunakekela labo abampofu noma abadingayo.

Ukuhlanganyela noJesu Kristu emsebenzini Wakhe kuthokozisa kakhulu ngoba imisebenzi Yakhe, amacebo, nezinjongo “ngeke zavinjelwa, noma zibe yize” (iMfundiso neziVumelwano 3:1). Labo abazizwa bedangele, iNkosi yabeluleka yathi: “Ngakho-ke, ningakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba nibeka isisekelo somsebenzi omkhulu. Futhi ezintweni ezincane kuyovela lokho okukhulu” (iMfundiso neziVumelwano 64:33). Siyeka iNkosi kube Yiyo ekhathazeka ngesivuno, bese thina senze nje okufanele kwenziwe yithina.

INhliziyo neNgqondo Efisayo

Ukwenza lokho okufanele kwenziwe yithina kulula kakhulu kunalokho esingase sikucabange ngoba asidingi ukufika namathalethe noma namakhono ayisimangaliso emsebenzini weNkosi. Ekudingayo nje ukuzibophezela nezinhlizyo efisayo. INkosi yathi kubaNgcwele e-Kirtland, e-Ohio, “Bhekani, iNkosi idinga inhliziyo nengqondo efisayo” (iMfundiso neziVumelwano 64:34). INkosi iyakwazi ukwenza abanezinhliziyo ezifisayo bakwazi ukwenza, kodwa ayikwazi noma ngeke ibenze abakwaziyo babe nezinhliziyo ezifisayo. Ngamanye amazwi, uma sizibophezele futhi sifisa, Ingasisebenzisa. Kodwa noma ngabe sinamathalente amaningi kangakanani, ngeke Isisebenzise ngaphandle kokuba sizibophezele emsebenzini Wayo futhi sizimisele ukuyisiza Yona.

USamuweli no-Anna-Maria Koivisto bakhombisa kokubili ukuzinikela nezinhliziyo ezifisayo. Masinyane emva komshado wabo, abakwa-Koivisto basuka e-Jyväskylä, e-Finland, balibangisa e-Göteborg, e-Sweden, ukuze bayofuna amathuba omsebenzi. Lapho befika, uMzalwane uKoivisto wamenywa ukuba avakashelee uMongameli Leif G. Mattson, umeluleki kubumongameli besiKhonkwane sase-Göteborg Sweden. Ngenxa yokuthi uSamuweli wayengakwazi ukukhuluma isiSwidi, inkulumongxoxiswano yaqhutshwa ngesiNgisi.

Kulandela lokho kuvakashelana okufishane, uMongameli Mattson wacela uSamuweli ukuba asebenze njengomholi wabefundisi eWadini lase-Utby. USamuweli waphawula ngodaba olusobala wathi: “Kodwa angikwazi nje ukukhuluma isiSwidi.”

UMongameli Mattsson wancika edeskini lakhe wase ebuza ngokuqondile, “Ngabe ngikubuzile ukuthi uyakwazi na ukukhuluma isiSwidi, noma ngibuze ukuthi uzimisele na ukusebenzela iNkosi?”

USamuweli waphendula wathi, “Ubuze ukuthi ngizimisele na ukusebenzela iNkosi. Futhi ngizimisele.”

USamuweli walwamukela ubizo. U-Anna-Maria naye ngokunjalo walwamukela ubizo. Bobabili basebenza ngokuthembeka futhi bafunda nokukhuluma ulimi lwesiSwidi ngokuhamba kwesikhathi

Ukuzibophezela nokufisa ukusebenzela iNkosi kube yizinto ezichaza impilo kaSamuweli no-Anna-Maria. Bangamaqhawe ajwayelekile eBandleni. Basebenze ngokwethembeka njalo lapho becelwa ukuba basebenze. Bangifundise ukuthi uma sisebenzela iNkosi, sisebenzisa amathalente esinawo (bheka iMfundiso neziVumelwano 60:13), bese iNkosi iyasisiza ukufeza izinjongo Zayo.

Uma sinezinhliziyo ezifisayo ukusebenzela iNKosi, sizama ngamandla ethu onke ukungakhalazi noma ukungavungami, ngoba asifuni ukungcolisa umsebenzi wethu nganoma iyiphi indlela. Ukukhononda kungaba uphawu lokuzibophezela okuntengantengayo, noma okokuthi uthando lwethu loMsindisi aluyikhona lokho okufanele lube yikho. Uma kuyekwa kuziqhubekele, ukuvungama kungaqhubeka kube ukuvukela ngokusobala ngokumelene neNkosi. Lokhu kuqhubekela phambili kubonakala empilweni ka-Ezra Booth, owaguqukela eBandleni lase-Ohio ekuqaleni nowayebizelwe ukuba umfundisi eMissouri.

Ngesikhathi esuka e-Ohio ngo-Juni 1831, u-Ezra kwakumcasula ukuthi abanye abefundisi babekwazi ukuhamba ngezinqola ngenkathi yena wayehamba ngezinyawo eshiswa yilanga lasehlobo, eshumayela endleleni. Wavungama. Ngesikhathi efika eMissouri, wayesedumele kakhulu. IMissouri yayingeyona neze lento ayeyilindele. Kunalokho, waqalaza futhi waqaphela ukuthi “kwakungekho nokukodwa okwakubukeka kwethembisa.”

U-Ezra waya ngokuya ebhinqa, waba nokubhuqa, futhi egxeka. Ngesikhathi ehamba eMissouri, esikhundleni sokuhamba eshumayela endleleni, njengalokho ayeceliwe ukuba akwenze, wabuyela e-Ohio ngokushesha okukhulu. . Ukuvungama kwakhe kwasekuqaleni kwashintsha kwaba ukuntengantenga kwathi ekugcineni walahlekelwa ukwethemba lokho ayekufundile ngokomoya ngaphambilini. Ngokushesha u-Ezra walishiya iBandla futhi “ekugcineni ‘wabulahla ubuKristu futhi waba umuntu omphikayo uNkulunkulu.’”

Nakithi kungenzeka okufanayo uma singaqaphile. Uma singawugcini umbono waphakade, sizikhumbuza ukuthi umsebenzi kabani ngempela lona, singase sikhononde, sintengantenge, bese ekugcineni silahlekelwe ukholo esinalo.

Ngikhulekela ukuthi sikhethe ukulandela uJesu Kristu ngokuhlanganyela Naye emsebenzini Wakhe. Njengoba senza, sinikwa “izethembiso eziyigugu nezikhulukazi” (2 ekaPetru 1:4). Lezi zibusiso kubalwa kuzo intethelelo ezonweni (bheka iMfundiso neziVumelwano 60:7; 61:2, 34; 62:3; 64:3), insindiso (bheka iMfundiso neziVumelwano 6:13; 56:2), nokuphakanyiswa (bheka iMfundiso neziVumelwano 58:3–11; 59:23). Ngempela, sethenjiswa isipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu angazipha umuntu—ukuphila okuphakade.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Dallin H. Oaks, His Holy Name (1998), 37.

  2. Ukuqoqa u-Israyeli kubonisa ukumema bonke ukuba babe amakholwa eqiniso kuJesu Kristu.

  3. Preach My Gospel: A Guide to Sharing the Gospel of Jesus Christ (2023), 13, UMthombo WoLwazi lweVangeli.

  4. NguRussell M. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018), Gospel Library.

  5. Bheka uMatthew McBride, “Ezra Booth and Isaac Morley,” kwethi Revelations in Context: The Stories behind the Sections of the Doctrine and Covenants (2016), 130–36.