2025
UBaba oseZulwini Ufuna ukuKhuluma Nawe.
NgoMashi 2025


“UBaba oseZulwini Ufuna ukuKhuluma Nawe,” iLiyahona, ngoMashi 2025.

UMyalezo waNyanga-zonke weLiyahona, ngoMashi 2025

UBaba oseZulwini Ufuna ukuKhuluma Nawe

Vumela ukukholwa kwakho kuBaba oseZulwini naseNdodaneni Yakhe eThandekayo kukusize uhlukanise isisitho futhi wamukele izwi likaBaba.

intombazane ikhuleka

Singamadodana kanye namadodakazi kaNkulunkulu, ahlalisene ndawonye emhlabeni sikude nekhaya lethu lasezulwini. Lena yimpilo yasemhlabeni, yesikhathi sokwamukela imizimba yethu, sikhethe okuhle ngaphezu kokubi, ”sinambithe okubabayo, ukuze bakwazi ukwazisa okuhle” (Mose 6:55), sikhulise ukholo lwethu kuMsindisi wethu uJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe engcwele, futhi samukele isu likaBaba wethu lenjabulo. Silapha ukuze sifane kakhulu noBaba wethu oseZulwini.

Ngaphandle kokukhumbula impilo yethu yangaphambi kweyasemhlabeni, thina, ngezinye izikhathi, sizizwa sinesizungu ngomhlaba esiwushiye ngemuva. UBaba wethu usinike isipho sikamoya ukuze sihlale sixhumene Naye futhi sithole ukuholwa, isiqondiso, kanye nenduduzo evela Kuye. Sisazi kahle kamhlophe lesisipho; sibizwa ngokuthi wumkhuleko.

Khuleka kuBaba Wakho oseZulwini

Ku-Adamu kanye no-Eva kanye nakubo bonke ababeyobalandela, ingelosi yayalela, “wophenduka ubize uNkulunkulu egameni leNdodana ingunaphakade” (Mose 5:8).

UJesu wafundisa wathi: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa” (NgokukaMathewu 7:7). “Nxa ukhuleka, … ukhuleke kuYihlo … osekusithekeni” (NgokukaMathewu 6:6). “ Emva kwaloluhlobo anokhuleka nithi: Baba wethu osezulwini, maliNgcweliswe igama lakho” (NgokukaMathewu 6:9).

UJesu wakhuleka njalo-njalo kuYise. “Waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu” (NgokukaLuka 6:12). “Futhi … wahamba waya entabeni ukuyokhuleka” (NgokukaMarku 6:46). “Base befika endaweni ekuthiwa iGethsemane: wayesethi kubafundi Bakhe, Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.” (NgokukaMarku 14:32). Ngesikhathi esesiphambanweni, uJesu wakhulekela amasosha ambethela esiphambanweni: ”Baba bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo” (NgokukaLuka 23:34).

Imibhalo engcwele iyasiyala ”ukuba sikhuleke njalo” (NgokukaLuka 21:36; 2 Nefi 32:9; 3 Nefi 18:15; IMfundiso neziVumelwano 10:5; 19:38; 20:33; 31:12). “Bonisana neNkosi kukho konke ukwenza kwakho, futhi iyokuqondisa ukuze uzuze” (Alima 37:37). Ngaphezu kwalokhu, ”[si]nika konke ukubonga kanye nodumo imiphefumulo yenu yonke enamandla okubanakho” (Mosiya 2:20), siqaphela konke uBaba wethu asenzela kona.

UMongameli uRussell M. Nelson wachaza wathi: “Ukuzethemba ngokoMoya kuqala ngokuqaphela ukuthi usuku ngalunye olusha luyisipho esivela kuNkulunkulu. … Uyasilondoloza usuku nosuku futhi asisekele kusukela kwesinye isikhathi kuya kwesinye (bheka Mosiya 2:21).”

UNefi wathi, “Ngokuba uma ningalalela uMoya ofundisa umuntu ukuthandaza, niyokwazi ukuthi kufanele nithandaze; ngokuba umoya omubi awumfundisi umuntu ukuthi athandaze, kepha umfundisa ukuthi kufanele angathandazi” (2 Nefi 32:8).

uhlaka oluveza uMsindisi

Umniningwane ovela kwisithombe Christ Raising the Daughter of Jairus [UKristu Evusa iNdodakazi kaJayiru], nguGreg K. Olsen

Ngesibonelo soMsindisi wethu kanye nezeluleko zezingelosi kanye nabaprofethi emakhulwini eminyaka, siyazi ngokucacile ukuthandaza nsuku zonke ukuze sibonise ukubonga ngezibusiso zethu, kanye nokugcina umkhuleko ezinhliziyweni zethu njalo. Sinesibopho sokuxhumana noBaba wethu.

Kodwa okukhazimulisa kakhulu, uBaba wethu oseZulwini uyayiphendula imithandazo yethu. Umbuzo onokucabangela kulomhlaba wenyama uthi, singazithola futhi siziqonde kanjani kangcono izimpendulo, isiqondiso kanye nenduduzo evela kuBaba wethu?

Eminyakeni engaphezu kwamashumi ayisikhombisa yokuphila kwami, ngiyazi ukuthi uBaba wethu ukhuluma nathi. Asisodwa. Izidalwa zaseZulwini ziyasiqapha futhi zisisize njengoba sifuna ukulandela uMsindisi.

Ukuthola izimpendulo zemikhuleko yethu kuqala ngokholo lwethu kuBaba wethu oseZulwini kanye naseNdodaneni Yakhe, uJesu Kristu. UJesu wathi, “Ungesabi, kholwa kuphela” (NgokukaMarku 5:36). Sithembele Kuye, senza konke okusemandleni ethu ukugcina imiyalo, futhi sibheka isandla Sakhe ezintweni zonke. “Futhi akukho umuntu amona ngakho uNkulunkulu … ngaphandle kwalabo abangasivumi isandla sakhe kukho konke, futhi nabangayithobeli imithetho yakhe” (IMfundiso neziVumelwano 59:21).

Isandla sikaNkulunkulu ezimpilweni zethu asichazi ukuthi ubangela ububi noma izinhlekelele ezimbi ezisemhlabeni wethu. Kepha, kusho ukuthi ngezikhathi zakho zobunzima kanye nokungabi nobulungiswa, Uyokuma nawe, aqinise amakhono akho, akududuze, futhi ”uyozingcwelisa izinkathazo zakho ukuze uzuze” (2 Nefi 2:2).

Izwa Izwi Lakhe

Njengoba sinokholo Kuye futhi sigcina imiyalelo Yakhe, ngokwemvelo sifunda ukulizwa kangcono izwi Lakhe.

NgoSepthemba 1993, unyaka wami wokuqala njengeSiphathimandla Jikelele, uMongameli uJames E. Faust (1920–2007), owabe eyilungu loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi aMbili, wamema umkami, uKathy, kanye nami ukuba sihlanganyele naye enkonzweni yokuzinikela yaseNyuvesi iBrigham Young. Khumbula, u-1993 wawungaphambi kokutholakala ngokusabalele kwezingcingo ezithuthukile, inkundla yezokuxhumana kanye ne-inthanethi.

Enkulunyweni yakhe, ebizwa ngokuthi ”The Voice of the Spirit,” uMongameli uFaust waxwayisa: “Esizukulwaneni senu niyohlaselwa amazwi amaningi enitshela ukuthi niphile kanjani, nendlela yokwanelisa izinkanuko zenu, nendlela yokuba nakho konke. Niyoba neziteshi zikamabonakude ezifika emakhulwini amahlanu ezandleni zenu. Kuzoba nazo zonke izinhlobo zohlelo-kusebenza, amamodemu ekhompyutha oxhumana nawo, izizinda-lwazi, namabhodi ezaziso; kuzoba khona ukushicilelwa kwedeskitophu, izamukeli zesethelayithi, kanye noxhaxha lokuxhumana oluyakunicindezela ngolwazi. … Izwi okufanele ufunde ukulilalela yizwi likaMoya.”

UMongameli uBoyd K. Packer (1924–2015), uMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, wafundisa ngezwi elithule, elincane likaMoya lapho elandisa khona ngesigameko sikaJohn Burroughs, isazi semvelo, ngesikhathi ehamba nabangane epaki elaligcwele abantu. Nanka amazwi kaMongameli uPacker:

“Ngaphezu kwemisindo yempilo yaseDolobheni [uMnu. Burroughs] wezwa iculo lenyoni.

“Wama walalela! Labo ababehamba naye babengalizwanga. Waqalaza. Akekho omunye owayelinakile.

“Kwamkhathaza ukuthi wonke umuntu kufanele aphuthwe yinto enhle kangaka.

“Wakhipha uhlamvu lwemali ephaketheni lakhe walishwiba emoyeni. Lwashaya eceleni komgwaqo endleni yokuhamba abantu, lwakhenceza, ngomsindo owawungekho ngaphezu kweculo lenyoni. Wonke umuntu waphenduka; babekuzwa lokho!

“Kunzima ukuhlukanisa phakathi kwayoyonke imisindo yezinqola zomgwaqo zedolobha neculo lenyoni. Kodwa ungayizwa. Ungayizwa kahle uma uziqeqeshela ukuyilalela.”

Imfundiso kaMongameli uPacker ngoMoya oNgcwele yenzeka ngo-1979, ngesikhathi lapho impilo ithule khona kakhulu futhi umsindo wezwe udambe kakhulu kunamanje.

UMongameli uNelson wafundisa wathi, “Uma unaka kakhulu okufunzwa yizinkundla zokuxhumana kunokuba unake ukuhlebeza kukaMoya oNgcwele, kusho ukuthi uzibeka engcupheni ngokomoya.”

UMongameli uFaust wathi, “If we are to hearken to the voice of the Spirit, we too must open our ears, turn the eye of faith to the source of the voice, and look steadfastly towards heaven [uma singalalela izwi likaMoya oNgcwele, nathi kufanele sivule izindlebe zethu, siphendulele iso lokholo emthonjeni wezwi, futhi sibheke ngokuzimisela ngasezulwini].”

Lelizwi loMoya oNgcwele lifika kukho kokubili ubuhlakani bethu nemizwa yethu. “Ngizokutshela engqondweni nasenhliziyweni yakho, ngoMoya oNgcwele, oyoza kuwe futhi noyohlala enhliziyweni yakho” (IMfundiso neziVumelwano 8:2). Lalela unembeza wakho—ukwambulelwa ngokuvamile kuqala lapho.

IGosa u-Andersen ekhuluma neqembu

Ngesikhathi evakashele eGirls’ Home Boys’ Town Complex eMarkina City, ePhilippines, ngoFebhruwari 2024, iGosa u-Andersen wafundisa abantu abasha ukuthi bangabantwana bakaNkulunkulu: “Uyanithanda. Futhi ungakhalela Kuye. Uzoyizwa imithandazo yenu.”

Khuleka ngeNhliziyo eKholwayo

Izimpendulo kanye nenikuzwayo akukwazi ukuphoqwa. Siyakhuleka futhi siyalinda ngenhliziyo ekholwayo. Ezinye izimpendulo ngeke zifike kulempilo, kodwa kwabalungileyo, iNkosi izothumela ukuthula Kwayo njalo (bheka NgokukaJohane 14:27). Izimpendulo zivame ukufika lapho sikhulekela ukusiza labo abasizungezile. Ngezinye izikhathi, zifika “ imfundiso phezu kwemfundiso, umthetho phezu komthetho” (IMfundiso neziVumelwano 98:12).

Izwi lasezulwini lingeza kithi ezikhathini esingazilindele nasezindaweni esingazilindele kodwa sithola amathuba ethu agqame kakhulu ezindaweni ezithule kanye nasezindaweni ezingcwele. Ekuthuleni kwemikhuleko yami yasekuseni kanye nasekudlinzeni, ngithola izibusiso ezingajwayelekile. Ngezinye izikhathi ukufundwa okungaphazanyiswa kwemibhalo engcwele mihla yonke, siqu somuntu, kuletha izwi lomoya ezinhliziyweni zethu njengomlilo.

Ngezinye izikhathi, umuzwa usuka ngqo kulokho esikufundayo, futhi ngezinye izikhathi,lokho esidlinza ngakho kuletha impendulo kwinkathazo ehluke kakhulu. Khumbula amazwi eGosa uRobert D. Hales: “Uma sifuna ukukhuluma noNkulunkulu, siyakhuleka. Futhi uma sifuna ukuthi akhulume nathi, simufuna emibhalweni engcwele.”

Njengoba umsindo kanye neziphazamiso zomhlaba zisizungeza, iNkosi iyalele umprofethi wayo ukuba akhe amathempeli amaningi ngokwengeziwe. Kulezi zindlu ezingcwele zeNkosi, njengoba sishiya izinselele zethu ngaphandle kodwa singena nemikhuleko nokukhathazeka kwethu, sifundiswa amaqiniso aphakade.

Ngonyaka odlule, uMongameli uNelson wasinika lesisethembiso esimangalisayo: “Bafowethu nodadewthu bami abathandekayo, nasi isethembiso sami. Akukho okuyokusiza ngokwedlulele ukuba ubambelele endukwini yensimbi njengokukhonza ethempelini njalo njengokuvunyelwa yizimo zakho. Akukho okuyokuvikela ngaphezu kwalokho uma uhlangabezana nezinkungu zezwe zobumnyama. Akukho okuyoqinisa ubufakazi bakho beNkosi uJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe noma kukusize uqonde isu likaNkulunkulu elihle kakhulu. Akukho okuyothulisa umoya wakho ngokwedlulele ngesikhathi sobuhlungu. Akukho okuyovula amazulu ngokwedlulele. Akukho!”

Yonke ingqungquthela jikelele iletha izibusiso eziningi ezengeziwe. Enyangeni ezayo ka-Ephreli, sizophinde futhi, sihlangane kwingqungquthela jikelele ukuzwa izwi leNkosi. Siza kwingqungquthela jikelele sikhulekile futhi sizilungiselele. Komunye nomunye wethu, kukhona izinkathazo ezicindezelayo kanye nemibuzo eqotho. Siza ukuzovuselela ukholo lwethu kuMsindisi wethu, uJesu Kristu,futhi siqinise ukwenza kwethu sikwazi ukumelana nezilingo. Siza ukuzofundiswa ngokwaphezulu. Ngiyathembisa ukuthi uma uzilungiselela futhi uza ngomkhuleko emihlanganweni yengqungquthela jikelele,uzozizwa izimpendulo zezinto ezikukhathazayo, futhi uzokwazi ukuthi ‘isandla sezulu’ singaphezu kwakho.

Yiba nokholo lokuthi uBaba wakho oseZulwini uyakhuluma nawe. Uyakhuluma! Vumela ukholo lwakho Kuye naseNdodaneni Yakhe eThandekayo lukusize wembule isisitho futhi wamukele izwi likaBaba. Ngiyafakaza Ukhona futhi uyakuthanda ngaphezu kokungashiwo amazwi.

Izichasiselo

  1. URussell M. Nelson, “Joy Cometh in the Morning,” kwi-Ensign, ngoNovemba 1986, 68.

  2. UJames E. Faust, “The Voice of the Spirit” (Brigham Young University devotional, ngoSep 5, 1993), 2, 3, speeches.byu.edu.

  3. UBoyd K. Packer, “Prayers and Answers,” kwi-Ensign, ngoNov 1979,19.

  4. URussell M. Nelson noWendy W. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018), uMtapo woLwazi weVangeli.

  5. UJames E. Faust, “The Voice of the Spirit,” 4.

  6. URobert D. Hales,“Holy Scriptures: The Power of God unto Our Salvation,” iLiyahona, ngoNov. 2006, 26–27.

  7. URussell M. Nelson, “Rejoice in the Gift of Priesthood Keys,” iLiyahona, ngoMeyi 2024, 122.

  8. Bheka uNeil L. Andersen, “The Voice of the Lord,” iLiyahona,, ngoNov. 2017, 126.