2025
“Ngizobelapha”
NgoFebhruwari 2025


“Ngizobelapha,” iLiyahona, ngoFebruwari. 2025.

UMyalezo Wanyanga zonke we Liyahona yangoFebhruwari 2025

Ngizobelapha

Ubufundisi bukaMsindisi obelaphayo buyisandulela sikaNkulunkulu kanye nesethembiso sokwelashwa okungapheliyo ngokomzimba nangokomphefumulo okuzoza kithi ngamunye ngomhla woVuko.

Umfanekiso waseBhaybhelini kaJesu elapha owesifazane

Ngisakhumbula kahle olunye uhambo olude lokundiza engake ngaba nalo ngesikhathi ngisasebenza njengokaputeni webhanoyi.

Kuloluhambo, ngangizosuka eJalimane ngehora leshumi-nanye ekuseni ngifike eCalifornia ngehora lokuqala ntambama ngalo lolo suku. Uma ngiqhathanisa izikhathi zalezo ndawo zokusuka nezokufika, kwakubonakala sengathi ukundiza unqamula uLwandle oluKhulu lwase-Atlantiki kanye nezwekazi laseMelika eseNyakatho kwakuthatha amahora amabili kuphela. IBoeing 747 yayishesha, kodwa hhayi ngaleyo ndlela! Empeleni, kwakusithatha cishe amahora ayishumi-nanye, kuya ngokuthi ungakanani umoya, ukuhamba ibanga elingamakhilomitha ayizinkulungwane eziyisishiyagalolunye.

Ngenxa yokuthi sasindizela entshonalanga, ilanga lalingashoni ngesikhathi sohambo lwethu. Sasithokozela imini uhambo lonke sisuka eJalimane siya eCalifornia.

ukushona kwelanga phezu kwamafu

Kodwa-ke ukubuyela eJalimane kwakungolunye udaba. Ngisho noma sasisheshe sasuka ntambama, lapho sesindizela empumalanga, ukushona kwelanga kwakushesha kakhulu kunokwejwayelekile, futhi ngokuphazima kweso ukuhlwa kwase kufikile.

Kuloluhambo olude, umphefumulo wami wawuvame ukugcwala ukumangala lapho ngangizindla ngobuhle balomhlaba kanye nokuhleleka kwendalo kaNkulunkulu. Ngisho noma sasindiza ebusuku, ebumnyameni bodwa, ngangazi ngokungangabazeki ukuthi ilanga lalizophuma futhi, ukuthi ukukhanya okukhazimulayo kwakuzobuya futhi kulethe ukufudumala nempilo osukwini olusha ngaphambi kokuphela kohambo lwethu. Isimo sokundiza kwami sasenza kubonakale sengathi ilanga laliphuza ukushona noma lalisheshe lishone, kodwa ngangazi ukuthi ilanga lalihlezi limile, linganyakazi, futhi lithembekile emazulwini.

inyanga ngaphezu kwamafu

Nginemizwa efanayo ngoNkulunkulu. Ngenxa yokuthi nginolwazi olugxile ngokujulileyo ngokuhlakanipha nangenhloso kaNkulunkulu ngendalo Yakhe yonke, ngingaba nomuzwa wethemba elinenjabulo nokuthula okungapheliyo lapho ngicabanga ngokuba khona kwethu kulempilo. Singabantwana BakaNkulunkulu. Uyasithanda. Uyazazi izimo zethu. Ukulungele ukusisiza. Lamaqiniso awashintshi, ngisho noma ezinye izinto ezisizungezile kuba sengathi ziyaguquka futhi aziqondakali.

Sonke siyabhekana nezikhathi zobumnyama, usizi, kanye nokungaqondi okufuna ukuqeda ukuthula kwethu. Ngigcwele ukubonga kakhulu ngomthombo othembekileyo weqiniso nokukhanya (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:6–11). UJesu Kristu ungukukhanya nokuphila komhlaba. Ngenxa Yakhe futhi nomnikelo Wakhe ohlawulayo, sinethemba ngekusasa, sinokufinyelela ekukhanyeni kukaNkulunkulu okuzokhanyisa izinsuku zethu zobumnyama zohambo lwethu, kanye nesethembiso sokunqoba isono nokufa ekugcineni.

“Iyawuthanda uMhlaba”

UJesu Kristu kwakunguye yedwa indoda eyake yahamba emhlabeni eyayingenaphutha. Ngenxa yempilo Yakhe eyayingenaphutha, wayengenalo icala lokwanelisa izimfuno zokulunga. Ngenxa yothando ayenalo ngathi, wanikela ngempilo Yakhe ukuze sizuze ngabanye nokuthi kuzuze bonke abantwana bakaNkulunkulu ndawonye ukuze avule umnyango wokungafi nokuphila okuphakade.

Nakuba kukhona lokho uSathane afuna sikukholwe, akekho kithi ongeke asindiswa nguMsindisi. Akekho kithi ovinjelwayo emseni wokuxolelwa. Akekho kithi ongale koku “zungezwa naphakade yizingalo zothando lwayo” (2 Nefi 1:15).

Lesi sipho esikhulu kunazo zonke sivela emandleni aphumelelisayo nakhululayo eNhlawulo kaJesu Kristu. Ngenxa yokuzwa ubuhlungu kukaMsindisi eGetsemane nase Golgotha, Uyazi ukuthi angasisindisa kanjani futhi asisize kunoma yibuphi futhi nakubo bonke ubuthakathaka bethu (bheka ku Alima 7:12).

“Ayenzi lutho olunye ngaphandle kokuthi kuyinzuzo emhlabeni; ngokuba iyawuthanda umhlaba, ngisho kangangoba ibeka phansi impilo yayo uqobo ukuze idonsele wonke umuntu kuyo” (2 Nefi 26:24).

UJesu Kristu ungamandla ethu!

Uyalekelela.

Uyabuyisela.

Uyahlenga.

“Ngenkathi uMsindisi ehlawulela sonke isintu, wavula indlela yokuthi labo abamlandelayo bakwazi ukufinyelela emandleni Akhe okuphilisa, okuqinisa, nawokuhlenga,” kwasho uMongameli uRussell M. Nelson.

Lawo mandla, njengelanga, ahlezi ekhona. Awantengezeli. Ukukhetha ukulandela ezinyathelweni zikaMsindisi kunjengokuphuma ethunzini uye ekukhanyeni kwelanga, lapho singathola khona izibusiso zikaNkulunkulu zokukhanya, ukufudumala, kanye nothando. Ngiyazi ukuthi ngelinye ilanga, siyobuka emuva sigcwale ukubonga ukuthi sathatha isinqumo esibaluleke kakhulu ingunaphakade sokumethemba uJesu Kristu kanye nothando Lwakhe ukuba lusiphakamise futhi lusiqinise.

“Buyelani Kimi”

INcwadi kaMormoni ikhuluma ngabantu abachitha izinsuku ezintathu ebumnyameni obukhulu kakhulu emva kokuBethelwa kukaMsindisi. Ubumnyama bemvelo okwakubazungezile kungaba yisifanekiso sobumnyama ngokomoya esibuzwayo sonke ngenxa yesono. Emva kwalokho abantu bezwa izwi likaKristu libamema ukuba baphume ebumnyameni beze ekukhanyeni Kwakhe:

“Ningebuyele yini manje kimi, futhi niphenduke ezonweni zenu, futhi niguquke, ukuze nginiphilise na?” (3 Nefi 9:13).

“Niyonikela umnikelo kimi wenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo” (3 Nefi 9:20).

“[Phendukani] futhi nibuyele kimi ngenhloso ephelele yenhliziyo” (3 Nefi 10:6).

UMsindisi uyasimema ngokufanayo nanamhlanje lapho sizithola silahlekile ebumnyameni. Njengoba ukuphuma kwelanga ngakunye kusho ukuqala kosuku olusha, njalo uma siphenduka, sithola isiqalo esisha, isiqalo esisha esikhanyayo.

Lokho akusho ukuthi kulula. Ukuphenduka kusho ushintsho, futhi ushintsho alwenzeki masinyane. Kanti ukuphenduka okunenjabulo kubalwa kukho “ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu” (II KwabaseKorinte 7:10). Kudinga ukuthi sizivume izono zethu, sicele ukuxolelwa kuNkulunkulu nakulabo okungenzeka ukuthi sibakhubazile. Okukhulu kunakho konke, kudinga ukuthi siwufune “uMoya weNkosi uMninimandla Onke,” ukuze sizwe “ushintsho olukhulu ezinhliziyweni zethu, kangangokuthi asisakuthandi ukwenza okubi, kodwa ukwenza okuhle njalo” (Mosiya 5:2).

Lolo hlobo loshintsho luwuhambo olude, kodwa masinyane nje uma usuthathe isinyathelo sokuqala, “khona manjalo isu elikhulu lokukhululwa lizokwenzeka kini” (Alima 34:31).

Ngokuphenduka kwethu ngeqiniso, uNkulunkulu wethembisa ukuzixolela futhi angabe esazikhumbula nakanye izono zethu. Lapho sinobunzima bokuzikhohlwa izono zethu, masizame ukusethemba isethembiso seNkosi sokuxolelwa futhi sifunde ukubaxolela nabanye kanye nathi.

UMongameli uBoyd K. Packer (1924–2015) wasifundisa wathi: “Imimoya yethu iyakhubazeka lapho senza amaphutha nezono.” “Kodwa ngokungafani nemizimba yethu efayo, lapho inkambiso yokuphenduka isiyenziwe ngokuphelele, azibi bikho izibazi ezisalayo ngenxa yeNhlawulo kaJesu Kristu.”

umfanekiso kaJesu elapha indoda eyimpumputhe

Healing the Blind Man [Ukwelapha Indoda Eyimpumputhe], nguCarl Heinrich Bloch

“Baletheni lapha”

UMsindisi uyiNkosi yokweLapha. Esinye sezibonkaliso ezinhle zamandla okwelapha Kwakhe sitholakala eNcwadini kaMormoni, endabeni yobufundisi Bakhe uqobo ezweni laseMelika yasemandulo:

“Ninabo yini abagulayo phakathi kwenu na?” Kwabuza Yena. “Baletheni lapha. Ninabo yini abayizinyonga, noma abayizimpumputhe, noma abaxhugayo, noma abayizigoga, noma abano choko, noma labo abafe izinhlangothi, noma abayizimungulu, noma labo abezwa ubuhlungu noma ngayiphi indlela na? Baletheni lapha futhi ngizobelapha, ngokuba nginesihawu ngani; izibilini zami zigcwele umusa. …

“Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi esekhulume kanjalo, sonke isixuku, kanye kanye, nempela saya phambili nabagulayo babo kanye nabezwa ubuhlungu, kanye nezinyonga zabo, kanye nezimpumputhe zabo, nezimungulu zabo, kanye nabo bonke ababezwa ubuhlungu noma ngayiphi indlela; futhi nempela wabelapha bonke ngamunye ngesikhathi belethwa phambili kuye” (3 Nefi 17:7, 9).

Njalo lapho uMsindisi ayebelapha bonke abantu “ababezwa ubuhlungu noma ngayiphi indlela,” kwakuwubufakazi bamandla Akhe okugcina okwelapha imiphefumulo yethu. Ukwelashwa ngakunye okuyisimangaliso kwakuyisandulela kanye nesethembiso sokwelashwa okungapheliyo ngokomzimba nangokomphefumulo okuzoza kithi ngamunye ngomhla woVuko, okuyi “senzo seNkosi esipheleleyo sokwelapha.”

Kuliqiniso ukuthi imikhuleko yethu yokwelashwa kulempilo ayiphendulwa njalo ngendlela esifisa ngayo, kodwa ayizitshwa neze. Isikhathi sokwelashwa sizokuza, njengoba nobumnyama basebusuku buhlezi buvula indlela—ngesikhathi esifanele—yokuphuma kwelanga okukhazimulayo.

Njengoba uMongameli uNelson afakaza: “Ukholo lwethu alukaze lungaziswa. Ngiyazi ukuthi ukubuka kukaBaba oseZulwini onokuhlakanipha konke kubanzi kakhulu kunokwethu. Lapho sazi izinkinga nobuhlungu bempilo yethu yasemhlabeni, Yena wazi inqubekela-phambili yethu engapheliyo nalokho esingahle sibe yikho. Uma sikhulekela ukwazi intando Yakhe futhi siziyisa kuyo ngokubekezela nangesibindi, ukwelapheka kwasezulwini kungenzeka ngendlela nangesikhathi Sakhe.

Kusanda kwenzeka ukuthi umkami, uHarriet, kanye nami emikhulekweni yethu saba nethemba elikhethekile nokunxusela othile esimthandayo. Sakhulekela ukuthi ithimba lalabo abanakekela impilo yakhe banikwe ikhono elikhethekile lokwelapha ukugula kwakhe. Saba nentshisekelo yokusho emkhulekweni ukuthi ngisho noma iselapho noma ukwelulama okusheshayo kungenzeke, amandla okwelapha kaMsindisi sengathi ayengamlethela induduzo nokuthula. Ukwelashwa ngamandla kaMsindisi akhululayo kungaba nomthelela omkhulu kakhulu ekuphileni ngokomphefumulo, ngokomoya, futhi ngisho nangokomzimba kunanoma yisiphi iselapho sasemhlabeni esingasithola. UJesu Kristu unguMelaphi kulempilo naphakade.

Bafowethu nodadewethu, bangani abathandekayo, ngiyafakaza ukuthi umusa kaMsindisi wethu wanele ukwelapha izilonda zenu, ukunihlanza esonweni, ukuniqinisela izivivinyo ezizayo, nokunibusisa ngethemba, ukuhlakanipha, kanye nangokuthula Kwakhe. Amandla Akhe ahlezi ekhona—enganyakazi futhi ethembekile—ngisho noma thina, okwesikhashana, sizizwa sikude nothando, ukukhanya, kanye nemfudumalo Yakhe.

Ngiyakhuleka ukuthi size singalahlekelwa wukuba nomuzwa wokumangala nokubonga okujulileyo ngakho konke uJesu Kristu asenzele kona. Ngiyanicela ukuba nazi ukuthi nithandwa ngokuphelele, futhi nikhumbule lokho enethenjiswe kona ingunaphakade.

“Sengathi uNkulunkulu anganinika ukuthi imithwalo yenu ibe lula, ngenjabulo yeNdodana Yakhe,” uJesu Kristu (Alima 33:23).

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka kuRussell M. Nelson, “The Power of Spiritual Momentum,” iLiyahona, yangoMeyi 2022, 100.

  2. Bheka inkulumo ka Dieter F. Uchtdorf ethi, “You Can Do It Now,”kwi Liyahona, yangoMeyi 2013, 57.

  3. Bheka inkulumo ka Boyd K. Packer ethi ”The Plan of Happiness,” kwi Liyahona, yangoMeyi 2015, 28.

  4. Bheka inkulumo kaRussell M. Nelson ethi, “Jesus Christ—the Master Healer,” kwi Liyahona, yangoNov. 2005, 87.

  5. Bheka inkulumo kaRussell M. Nelson, ethi ”Jesus Christ—the Master Healer” 86.