UMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, ngo-EpHreli 2016
Amadodakazi kaBaba waPhakade
Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda “uMndeni: IsiMemezelo soMhlaba” kungalunyusa kanjani ukholo kuNkulunkulu futhi kubabusise kanjani labo obabhekile ngokubavakashela na? Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org.
Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Imibhalo isifundisa ukuthi “singabantwana bakaNkulunkulu” (Izenzo 17:29). UNkulunkulu wakhuluma ngo-Emma Smith, unkosikazi womphrofethi uJoseph Smith, njenge “ndodakazi yami” (D&C 25:1). Isimemezelo somndeni sisifundisa ukuthi thina “singamadodakazi anabazali basezulwini.”
“ [Kwimpilo yomoya yangaphambili] leyondawo, safunda ngesiqu saphakade sesifazane,” kwasho uCarole M. Stephens, isekela lokuqala kubumongameli beNhlangano Yenkululeko Yomama yajikelele.
“Indlela yethu yasemhlabeni ayilishintshanga leloqiniso.”
“UBaba wakho oseZulwini wazi igama lakho kanye nesimo sakho,” kwasho iGosa uJeffrey R. Holland womgwamanda wabapostoli abayiShumi naMbili. “Uyayizwa imithandazo yakho. Uyawazi amathemba akho kanye namaphupho, futhi kanye nokwesaba nokuxakeka onako.”
“Sonke ngabanye singabomndeni kaNkulunkulu futhi siyadingeka kuwo,” kusho uDadewethu uStephens. “Yonke imindeni yasemhlabeni ayifani. Noma ngabe senza konke ukuba nemindeni yendabuko enamandla, amalungu kumndeni kaNkulunkulu awadingi ukuthi abe sesimweni esithize ngabe- isimo sokushada, isimo sokuba ngumzali, isimo semali, isimo sodumo, noma isimo esisibeka endaweni yokusatshalaliswa kolwazi.”
Eminye imiBhalo eNgcwele
uJeremiya 1:5; AbeseRoma 8:16; Imfundiso neziVumelwano 76:23-24
Okuvela Emlandweni Wethu
Kwindaba yakhe ngoMbono Wokuqala, uMprofethi uJoseph Smith ecacisa amaqiniso amaningi - ikakhulukazi ukuthi uBaba waseZulwini uyalazi igama lakho.
uJoseph esemncane wayexakekile efuna ukwazi ukuthi yiliphi isonto ekufanele abe yilunga lalo futhi wathola inkokhelo uma efunda kuJames 1:5. UJoseph wagcina ebona ukuthi kufanele abuze uNkulunkulu.
Ngelinye ilanga ekuseni ngentwasahlobo ngo1820, wahamba waya ehlathini eyothandaza kodwa wabanjwa amandla obumnyama. Ngalesi sigameko wabhala wathi:
“Nje kulowo mzuzu wokuthuka okukhulu, Ngabona ukukhanya ngaphezu kwekhanda lami, ngaphezulu kokukhanya kwelanga, okwehlela kancane kwaze kwawela phezu kwami.
“Kwavela masishane ngaphambi kokuba ngizithole ngisesitheni sami esangibamba ngangakwazi ukunyakaza. Kwathi ukukhanya sekwehlile phezu kwami ngabona aBantu ababili ababenesithunzi, ukukhanya nenkazimulo yabo okwakungachazeki, bemi ngaphezu kwami emoyeni. Oyedwa wabo wakhuluma nami, engibiza ngegama wase ethi, ekhomba komunye—Lena yiNdodana Yami Ethandekayo. Lalela Yona!” (Joseph Smith-UMlando 1:16-17).
© 2016 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Isingisi esivunyiwe:: 6/15. Ukuhumushwa okuvunyiwe:: 6/15. Ukuhumusha ko Visiting Teaching Message, April 2016. Zulu. 12864 783
Cabanga Ngalokhu
Kuba nomthelela onjani ezinqumeni zakho ukwazi ukuthi uyindodakazi kaNkulunkulu?