Umlayezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, u-Okthoba 2015
IsiMilo sika Jesu Kristu: Ogcwele Isihe noThando
Funda lesi sifundo unomkhuleko enhliziyweni ngenhloso yokuthola ukuthi yini ongakhuluma ngayo kulabo obafundisayo. Lungakhula kanjani ukholo lwakho kuMsindisi ngenxa yokusazi kahle isimilo Sakhe bese kuthi ngenxa yalokho kubusiseke labo obabhekile ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku reliefsociety.lds.org.
IziHloko zemiBhalo eNgcwele zichaza isihe “njengothando olukhulu kakhulu, olunobuntu, olunamandla” (“Isihe”). Uthando olumsulwa lukaJesu Kristu. Njengoba sifunda ngoJesu Kristu futhi sizama ukuthi sifane Naye, sizoqala ukuluzwa uthando Lwakhe olumsulwa ezimpilweni zethu futhi sifise ukuthi sithande siphinde sisize nabanye njengoba ebeyokwenza Naye. “Isihe wukubekezelela umuntu osesenzele phansi,” kusho uMongameli uThomas S. Monson. “Wukungavumi ukuba ucasuke kalula. Ukwamukela ubuthakathaka kanye namaphutha. Ukwamukela abantu njengoba benjalo. Kuwukubheka ngale kokubukeka komzimba kodwa ubheke isimilo esingeke saphela ngokuhamba kwesikhathi. Wukungavumi ukuhlukanisa abanye.”
Encwadini kaMomoni, sifunda iqiniso elikhulu ukuthi “[sikhuleka] kuBaba ngamandla onke enhliziyo, ukuze [sigcwaliswe] ngalolu thando, alunika bonke labo abangabalandeli beqiniso beNdodana yakhe, uJesu Kristu; ukuze [sibe] ngamadodana [namadodakazi] kaNkulunkulu; ukuze kuthi nxa esebonakala sibenjengaye, ngokuba siyombona njengoba enjalo; ukuze sibe nalelithemba; ukuze senziwe msulwa njengoba naye emsulwa” (Moroni 7:48).
Eminye imiBhalo eNgcwele
NgokukaJohane 13:34-35; 1 kwabaseKhorinte 13:1-13; 1 Nefi 11:21-23; Etere 12:33-34
Okuvela Emlandweni Wethu
“Udade owayesanda kushonelwa ngumyeni wakhe wayebonga ngothisha abavakashayo abazila naye futhi bamduduza. Wabhala wathi: ‘Nganginesidingo esikhulu somuntu owayengakwazi ukufinyelela kimi, umuntu owayezongilalela. … futhi balalela. Bangiduduza. Bakhala nami. Bangisingatha… futhi bangisiza kulokho kulahlekelwa yithemba okukhulu nomthwalo omkhulu engangiwuthwele kulezo zinyanga ezimbalwa zokuqala zomzwangendwa.
Omunye wesimane wayichaza kanje imizwa yakhe ngesikhathi ethola isihe seqiniso kuthisha ovakashayo: ‘Ngangazi ukuthi ngangingesiso nje isibalo kuphela emabhukwini akhe abantu ayezobavakashela. Ngangazi ukuthi wayenendaba nami.’”
Njengalabo dade, abaNgcwele beziNsuku zokuGcina emhlabeni wonke jikelele bangafakaza ngobuqiniso bamazwi kaMongameli uBoyd K. Packer (1924–2015), uMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi Nambili: “Kududuza kakhulu ukwazi ukuthi noma ngabe [umndeni] uya kuphi, umndeni weBandla ubalindele. Kusukela osukwini abafika ngalo, owesilisa uba yilunga lomgwamanda wobuphristi bese owesifazane eba yilunga leNhlangano yabesiMame yeNsizakalo.”
© 2015 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lezi zifundo zikhishwe: 6/15. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lezi zifundo zihunyushwe olimini lwesiNgisi: 6/15. Ukuhunyushwa Visiting Teaching Message, October 2015. Zulu. 12590 783
Ake Ucabange Ngalokhu
Ngabe uKristu uyisibonelo esihle kanjani sothando nesihe?