Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uOkthoba 2013
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Umdali
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxisana ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza uqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org.
uJesu Kristu “wadala izulu kanye nomhlaba” (3 uNifayi 9:15). Wakwenza lokho ngamandla wobupristi, waholwa nguBaba wethu waseZulwini (bona uMose 1:33).
“Singabonga kangakanani ukuthi uMdali ohlakaniphileyo owasungula umhlaba futhi owasiletha lapha,” wakhuluma uMongameli uThomas S. Monson, “… ukuze sithole isikhathi sesifundo ngokuvivinywa, ithuba lokuzibonakalisa ukuze sifaneleke kukho konke uNkulunkulu asilungiselele kona ukuba sikuthole. Uma sisebenzisa ilungelo lethu lokukhetha ukuba silalele imiyalelo kaNkulunkulu futhi siguquke sibengabalungileyo ukuba sibuyele siyophila kanye Naye.
Ngendalo, uMongameli uDieter F. Uchtdorf, iKhansela Lesibili KubuMongameli Bokuqala, wathi:
“Siyisizathu sokuba Yena adale umhlaba! …
Lokhu akuqondakali kumuntu: uma uqhathanisa noNkulunkulu, umuntu akayilutho; kepha siyonke into kuNkulunkulu. Ukwazi ukuba uJesu Kristu wasidalela umhlaba ngoba sibaluleke kakhulu kuBaba waseZulwini kungasisiza ukuba sikhulise uthando lwethu Kubo.
Kuvela Embhalweni Ongcwele
uJohane 1:3; AmaHeberu 1:1–2; uMozaya 3:8; uMose 1:30–33, 35–39; uAbrahamu 3:24–25
Kuvela Emlandweni Wethu
Sidalwe ngomfanekiso Wakhe (bona uMose 2:26–27), futhi sinamakhono angcwele. uMprofethi uJoseph Smith wayala odade beNhlangano Yabesimame Yenkululeko ukuba “baphile ngamalungelo [abo].” Ngalokokugqugquzelwa njengesiqalo, odade eBandleni likaJesu Kristu Labangcwele Bezinsuku-zokugcina bafundisiwe ukuba baphile ngokufanelekile kumakhono abo angcwele ngokugcwalisa injongo kaNkulunkulu ngabo. “Njengoba bathola ukwazi ukuba bona bangobani ngempela—amadodakazi kaNkulunkulu, ngekhono eliphakathi lokuthanda kanye nokunakekela,—bafinyelela kumakhono abo njengabesifazane abangcwele.”
“Manje ubekwe esimweni lapho wena ozenza ngendlela enozwelo leyo uNkulunkulu ayitshalile ezifubeni zenu,” wakhulama uMprofethi uJoseph Smith. “Uma ungaphila ngaphansi kwalemithetho kungaba kuhle kakhulu futhi kubengcwele!… Uma uphila ngamalungelo akho, izingelosi azingeke zahlukana ukuba abangane bakho.”
© 2013 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ubhalwe eUSA. Isingisi esivunyelwe: 6/13. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/13. Ukuhumusha Visiting Teaching Message, October 2013. isiZulu. 10670 783
Ngingenzenjani?
-
Ukwazi kabanzi ngendalo yobungcwele yethu kungakhulisa kanjani uthando lwethu kuMsindisi?
-
Singakhombisa kanjani ukuba siyabonga ngendalo kaNkulunkulu?