uMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uSeptemba 2013
Ukuzimela Ngokwakho
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxisana ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku reliefsociety.lds.org
Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Ukuzimela ngokwakho yikhono, nokuzibandakanya, futhi nokuzama ukuzenzela izinto imiphefumulo yethu kanye nemizimba yethu futhi nemindeni yethu.
Njengoba sifunda futhi sisebenzisa lemithetho yokuzimela ngokwethu emakhaya ethu kanye nasemphakathini, siba nethuba lokunakekela abampofu kanye nabasweleyo futhi sikwazi ukusiza abanye bakwazi ukuzimela ngokwabo ukuze bakwazi ukumelana nezikhathi zobunzima.
Sinelungelo kanye nomsebenzi wokuba sisebenzise intando yokhetho ukuba sikwazi ukuzimela ngokwethu ngokomoya ongcwele kanye nokomzimba. Uma sikhuluma ngokuzimela ngokomoya ongcwele kanye nokuthembela kuBaba waseZulwini, iGosa u D. Hales weKhoramu Yabapostoli Beshumi Nambili wafundisa: “Siyaguquka futhi sibe ngabazimele ngokomoya ongcwele njengoba sikhulekela ukuphila izivumelwano zethu—ngokuthabatha isidlo seNkosi ngokuvumelekile, ngokuvumeleka ukungena ethempeleni, kanye nokuzinikezela ekusebenzeni ngokusiza abanye.”
Igosa uHales wasiyala ukuba sibengabazimele ngokomzimba, “okusho ukuthi sithole imfundo ephakeme noma silolongelwe umsebenzi, sifunde ukusebenza, futhi siphile ngendlela efanele amandla ethu. Ngokugwema izikoledi futhi sibeke imali manje, siyazilungiselela umsebenzi weBandla ophelele eminyakeni ezayo. Injongo yokuzimela ngokwethu ngokomzimba kanye nokomoya ongcwele ukuba sizikhweze endaweni ephezulu ukuze sikwazi ukuphakamisa abanye abaswele.
Kuvela embhalweni Ongcwele
uMatewu 25:1–13; 1 uThimothewu 5:8; uAlma 34:27–28; Imfundiso kanye Nezivumelwano 44:6; 58:26–29; 88:118
Kuvela Emlandweni Wethu
Emva kokuba Abangcwele behlangene eSalt Lake Valley, leyo okwakuwugwadule olwaluqhelile, uMongameli uBrigham Young wayefuna ukuba bandlondlobale futhi basungule amakhaya angezukuya ndawo. Lokho kwakusho ukuthi Abangcwele kwakumele bafunde amakhono lawo azakubenza ukuba bakwazi ukuzimela ngokwabo. Kulomzamo, uMongameli Young wayenokholo olukhulu kubona, amathalente, ukholo, kanye nentando yabesifazane, futhi wabagqugquzela emisebenzini yabo eqondile. Ngenkathi imisebenzi eqondile yodade Benhlangano Yabesimame Yenkululeko isivame ukwehluka namuhla, imithetho isahlezi injalo.
-
Funda ukuthanda umsebenzi futhi ugweme ukuhlala ungenzi lutho.
-
Thola umoya ongcwele wokuzimela ngokwakho.
-
Vuma imisebenzi ebhekene nawe ukuze uthole amandla womoya ongcwele, impilo, imfundo, umsebenzi, imali, ukudla, kanye nezinye zezinto ezidingekayo ekuxhaseni impilo.
-
Khulekela ukholo kanye nesibindi ukuba ukwazi ukubhekana kanye nezivivinyo.
© 2013 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Printed in USA. Isingisi esivunyelwe: 6/12. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/12. Translation of Visiting Teaching Message, September 2013. Zulu. 10666 783
Ngingenzenjani?
-
Ngibasiza kanjani odade engibaqaphile ukuba bathole izimpendulo kwizidingo zabo zamanje kanye nezangomoya ongcwele.
-
Ngiyaphakamisa ukuzimela ngokwami ngokomoya ngokuzilungiselela isidlo seNkosi kanye nokuzinikezela ekusebenzeni ngokusiza abanye na?