Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJanuari 2013
Umsebenzi Wobufundisi Bezenkolo
Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngawo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko
Abangcwele bezinsuku-zokugcina bayathunyelwa “ukuyosebenza ensimini [yeNkosi] ukuze kusindiswe imiphefumulo yabantu” (D&C 138:56), kuphathelene nomsebenzi wobufundisi bezenkolo. Asidingi ukuba sibizwe ngokusemthethweni ukuze sabelane ngevangeli. Abanye izimpilo zabo ezizawubusiswa ngevangeli baseduzane nathi, njengoba sizilungiselela, iNkosi izakusisebenzisa. Othisha bokuvakasha bangakhombisa uthando lwabo kumsebenzi wabo wokomoya futhi basize “ukudlulisa ukungafi ngokwenyama kanye nempilo yangunaphakade kumuntu” (uMose 1:39).
Ngenkathi uMprofethi uJoseph Smith ehlanganisa Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ngo1842, wathi abesimame abamele baqaphe abampofu kuphela kepha baphinde basindise imiphefumulo.1 Lokhu futhi kungumsebenzi wethu.
“iNkosi … inikeza ubufakazi beqiniso kulabo abazakwabelana kanye nabanye,” wakhuluma uMongameli uDieter F. Uchtdorf, iKhansela Lesibili kubuMongameli Bokuqala. “Kakhulukazi, iNkosi ilindele amalungu eBandla Lakhe ukuba ‘bavule [imilomo yabo] ngasosonke isikhathi, bakhulume ngevangeli [Lakhe] ngokujabula okuzwakalayo (D&C 28:16). … Ngesinye isikhathi ibinzana elinye lobufakazi lingenza izehlakalo zinyakaze lezo ezithinta impilo yomunye ingunaphakade.”2
Kuvela Embhalweni Ongcwele
Kuvela Emlandweni Wethu
Indaba ka Olga Kovářová wase Czechoslovakia yakuqala uyisibonelo selungu lomsebenzi wabafundisi bezenkolo kumlando wethu weNhlangano Yabesimame Yenkululeko. Ngeminyaka yo 1970, uOlga wayefundela ubudokotela futhi ezimisele ngempilo ejulile yomoya ongcwele. Wayebuka owayeneminyaka engu 75 ubudala uOtakar Vojkůvka, owayengoNgcwele Bezinsuku-zokugcina. “Wayebukeka kimi aneminyaka eyishombisa nanhlanu ubudala kepha enhlizweni yakhe wayecishe asondele kwishumi nesishagalombili futhi egcwele injabulo,” wakhuluma. “Lokhu kwakungajwayelekile eCzechoslovakia ngalesosikhathi sokungakholwa.”
uOlga wabuza uOtakar kanye nomndeni wakhe ukuba bayithole kanjani injabulo. Bamazisa kwamanye amalungu eBandla futhi bamnikeza incwadi kaMomoni. Wayifunda ngokuzimisela futhi masisha wabhabhadiswa futhi waqiniswa. Kusukela ngalesosikhathi uOlga waba ngumuntu onentshisekelo esikhathini eside emhlabeni wencidezelo kwezombusazwe kanye nokuhlukunyezwa kwezenkolo. Wasebenza njengoMongameli Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko kwigatsha lakhe futhi esiza ukusindisa imiphefumulo yabanye ngokubaletha kuKrestu.3
Ngingenzenjani?
-
Ngiyalandela ukugqugquzelwa uMoya oNgcwele njengoba ngabelana ngobufakazi bami kwabanye odade engibavakashelayo na?
-
Ngibasiza kanjani odade engibaqaphile ukuba bafunde ivangeli?
© 2013 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Printed in USA. Isingisi esivunyelwe: 6/12. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/12. Ukuhumusha kwe Visiting Teaching Message, January 2013. isiZulu. 10661 783