UMyalezo waNyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Agasti 2025
Loyo uNkulunkulu angaSiye
Amaqiniso ama-5 ngoBaba Wethu oseZulwini
Singafunda okuningi ngokuthi ungubani uNkulunkulu lapho siqonda ukuthi ubani angaSiye.
Umfanekiso nguCamila gray
Esinye sezibusiso ezinkulu zokuBuyiselwa kwevangeli ukuthi uNkulunkulu usephinde wazembula Yena kanye nesimo Sakhe njengoBaba oseZulwini onothando. Kodwa ngezinye izikhathi siba nemicabango noma imibono ngoNkulunkulu engelona iqiniso. Singafunda okuningi ngokuthi ungubani uNkulunkulu lapho siqonda ukuthi ubani angaSiye.
UNkulunkulu akasiye umuntu ongajwayelekile osesihlalweni sobukhosi esikude, kude.
UnguBaba wethu, umangalisa ukudlula ngisho ubaba wasemhlabeni ongcono kakhulu ongamcabanga. Nakuba singakwazi ukukhumbula impilo yethu yangaphambi kwasemhlabeni kanye Naye, Usazi ngabanye futhi ngokuphelele. Unomzimba ophelelisiwe wenyama namathambo, futhi thina singokomfanekiso Wakhe.
Uma kunzima ukubona ngeso lengqondo ukuthi uNkulunkulu unjani, kunesibonelo esiphelele: iNdodana Yakhe, uJesu Kristu. uKristu wathi, “Ngiyindlela, iqiniso, futhi nempilo: akekho umuntu ozaya kuBaba, ngaphandle kokuba adlule kimi. ”Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba” (NgokukaJohane 14:6–7) Ngamanye amazwi, uma sifuna ukwazi ukuthi unjani uBaba oseZulwini, singakwazi ukufunda ukuthi uJesu Kristu unjani! Bahlangene ngokuphelele enjongweni.
UNkulunkulu akasiye umuntu omatasa kakhulu ngawe.
Eqinisweni, ukukusiza ukuba ube nokuphila okuphakade kuwumsebenzi Wakhe kanye nenkazimulo Yakhe. Ungowoku-#1 agxile kukho! Akaboshiwe yisikhathi ngendlela esiboshwe ngaso thina. Finyelela Kuye ngomthandazo noma nini. Bese ulalela izindlela eziningi Aphendula ngazo.
UNkulunkulu akasiye umuntu okuphoqayo ukuba umlandele.
IGosa uDale G. Renlund womGwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili wake wafundisa, “Umphokophelo kaBaba wethu oseZulwini ngokuba umzali akukona ukuba enze abantwana bakhe benze okulungileyo; kepha ukwenza abantwana bakhe bakhethe ukwenza okulungileyo ukuze ekugcineni bafane Naye”. Uzokumema, akululeke nawe, futhi akufundise iqiniso, kodwa ngeke akususe ukuzikhethela kwakho ngokukuphoqa ukuba umlandele.
UNkulunkulu akasiye umuntu ozama ukukubamba wenza into embi ukuze akujezise.
Esikhundleni salokho, njengoba iGosa uPatrick Kearon womGwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili akubeka, “UNkulunkulu ukulandelisa ngokungapheli,” okusho ukuthi akasoze ayeka ukuzama ukukusiza ubuyele Kuye. Uyazi ukuthi ngokwemvelo sonke siyobhekana nezinto ezinzima lapho senza amaphutha. Ngakho Usihlinzeka ngendlela yokuthi sihlanzwe esonweni futhi sithole amandla ngeNhlawulo yeNdodana Yakhe.
UNkulunkulu akasiye umuntu olinde wena ukuthi “wanele” noma “uphelele” ngaphambi kokuthi akuthande.
Uthando Lwakhe ngawe alunamkhawulo. Uyakuthanda njengamanje, njengoba ungaphelele unjalo! UMongameli Jeffrey R. Holland, Ibamba likaMongameli womGwamanda wabaPhostoli abaliShumi naMbili, unikeza incazelo enamandla ngaleliqiniso: “‘Woza njengoba unjalo,’ uBaba onothando usho komunye nomunye wethu, kodwa Uyanezela, ‘Ungahleli ukuhlala unjengoba unjalo. Siyamamatheka futhi sikhumbula ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukusenza sibe ngaphezu kwalokho ebesikucabanga.” Ngothando oluphelele kanye nokukhuthazwa, uBaba oseZulwini uzama ukukusiza ukuba ufane Naye futhi wamukele konke anakho, isinyathelo esisodwa ngesikhathi.
Loyo uNkulunkulu anguYe
Indlela engcono kakhulu yokwazi uBaba wakho oseZulwini ukuqhubeka nokuthintana Naye. Kanjani na? Funda Ngaye kanye neNdodana Yakhe emibhalweni engcwele kanye nasemazwini abaphrofethi abaphilayo. Thandaza Kuye. Gcina imiyalelo Yakhe. Chitha isikhathi sakho esithulile ukhonza Yena esontweni, ethempelini, nakwezinye izindawo ezingcwele. Yenza futhi ugcine izivumelwano Naye Uzokusiza wazi ukuthi Ungubani nokuthi Uzizwa kanjani ngawe.
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, Augast 2025. Zulu. 19616 783