2025
Ngingazi kanjani ukuthi ngiphenduke ngokweqiniso futhi ngixolelwe?
For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoJuni 2025


UMyalezo wanyanga zonke webhukwana elithiFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha), yangoJuni 2025

Ngingazi kanjani ukuthi ngiphenduke ngokweqiniso futhi ngixolelwe?

intombazane ikhuleka

Coming Full Circle [Ukubuyela Esimweni Sangaphambilini], nguJenedy Page

INkosi yathi: “Lowo ophendukile ezonweni zakhe, nguye lowo othethelelwe, futhi Mina, iNkosi, angibe ngisazikhumbula.

“Ngalokhu niyokwazi uma umuntu ephenduka ezonweni zakhe—bhekani, uyozivuma futhi azishiye.” (IMfundiso neziVumelwano 58:42–43).

Ngokuphenduka kweqiniso, singathola ukuxolelwa. “Lapho uzwa induduzo evela kuMoya, ungazi ukuthi amandla oMsindisi ahlawulayo ayasebenza empilweni yakho.” Futhi uma siphinda sikhubeka siwa, singaphinda siphenduke, sithethelelwe, futhi siqhubeke nokuzama.

Ngaphezu kwalokho, iGosa uDieter F. Uchtdorf woMgwamanda WabaPhostoli Abayishumi Nambili ufundise wathi: “USathane uzozama ukusenza sikholwe ukuthi izono zethu azixolelwa ngoba thina siyakwazi ukuzikhumbula. USathane ungumqambimanga. … UNkulunkulu akethembisanga ukuthi thina ngeke sisazikhumbula izono zethu. Ukuzikhumbula kuzosisiza sigweme ukwenza amaphutha afanayo futhi. Kodwa uma sihlala sineqiniso futhi sethembekile, inkumbulo yezono zethu izoshabalala ngokuhamba kwesikhathi.”

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices (2022), 8.

  2. Bheka uMosiya 26:30.

  3. uDieter F. Uchtdorf, Apr. 2007 general conference (i-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2007, 101).