UMyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoFebhruwari 2025
Usizo oluvela eMthonjeni oMuhle kaKhulu
Noma ngabe ubhekene namiphi imizabalazo, uJesu Kristu uzokusiza lapho uguqukela Kuye.
The Pattern [Isifanekiso], ngu Jeanette Bourup
Izikhathi ngezikhathi sonke siyaludinga usizwana. Kwesinye isikhathi sidinga olukhulu usizo. Iqiniso wukuthi, empilweni kuba ngcono kakhulu uma ungazami ukuphila wedwa.
UJesu Kristu ugumthombo omuhle kakhulu wosizo, ithemba, kanye namandla. Angasiza ukukushintsha ube ngumuntu ongcono—mhlawumbe ngisho nangezindlela obungacabangi ukuthi zingenzeka.
UkuGuquka kweNhliziyo
Wake wakhulekela ukuthi uNkulunkulu athambise izinhliziyo zezitha zakho na? Uma kunjalo, awuwedwa (bheka ku 3 Nefi 12:44; Moroni 7:48). Ngisho noma ungenazo izitha ngalowo mqondo ofanayo eNcwadini kaMormoni (phela lezo zitha ezihlome ngezikhali ezilindele ukuhlasela), kungenzeka ukuthi usuke wakhulekela ukuba uNkulunkulu athambise inhliziyo yomuntu othile owayengakupethe kahle.
Kodwa-ke ngabe sewake wacabanga ngokukhulekela ukuba uNkulunkulu athambise eyakho inhliziyo na? Mhlawumbe unobunzima ukuba uxolele othile. Noma ulokhu ulahlekelwa yinhliziyo enhle, ngisho nalapho ungakufuni lokho. Noma ufuna ukuba nomusa kulabo ozalwa nabo nakuba bekucasula kwesinye isikhathi.
“[UJesu Kristu] uzoyi guqula inhliziyo yakho nempilo yakho. Kancane kancane, uzokhula ufane kakhudlwana Naye. Ukuxhumana Naye kwesivumelwano kuzokunika ukufinyelela kakhudlwana emandleni Akhe” (For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices [2022], 8, kwengenzwe ukugcizelela.)
Ngabe asisikhulu leso sethembiso na? Noma ngabe yikuphi ozabalaza ngakho, ngisho nakweyakho inhliziyo, uJesu Kristu angasiza. Ungaguqukela kanjani Kuye namhlanje na?
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, February 2025. Zulu. 19621 783