Izimiso neziMemezelo
Isimemezelo Somndeni


Umndeni

Isimemezelo Emhlabeni Wonke

Thina, njengobuMongameli bokuQala noMkhandlu wabaPhostoli abayiShumi naMbili beBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sikwazisa ngesizotha ukuthi umshado phakathi kwendoda nomfazi umiswe nguNkulunkulu nokuthi umndeni ubaluleke kakhulu ngokuphathelene nohlelo loMdali lwalokho abantwana Bakhe abadalelwe kona ingunaphakade.

Bonke abantu—owesilisa nowesifazane—badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Umuntu ngamunye uyindodana noma yindodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali basezulwini, futhi njengamadodana namadodakazi anobunjalo bukaNkulunkulu futhi kunokwenzeka babe njeNgaye. Ubulili buyisimilo esifunekayo somuntu ngamunye empilweni eyandulela eyasemhlabeni, eyasemhlabeni, nokuba yibo uqobo kwaphakade nenhloso.

Empilweni eyandulela eyasemhlabeni, amadodana namadodakazi omoya ayemazi futhi emkhonza uNkulunkulu njengoYise waPhakade futhi emukela uhlelo Lwakhe okuthi ngalo, abantwana Bakhe babengathola umzimba wenyama namathambo futhi bazuze ukuzibonela nokuzizwela ngokwabo emhlabeni ukuze baqhubekele phambili baze bapheleliswe futhi ekugcineni bakwazi ukufeza lokho abadalelwe khona ngokukaNkulunkulu njengezindlalifa zokuphila okuphakade. Uhlelo lukaNkulunkulu lwenjabulo luvumela ubudlelwano bomndeni buqhubeke emva kokufa. Izimiso nezivumelwano ezingcwele ezitholakala emathempelini angcwele zenza ukuba umuntu ngamunye akwazi ukubuyela lapho kukhona khona uNkulunkulu futhi nokuthi imindeni ihlanganiswe ingunaphakade.

Umyalelo wokuqala uNkulunkulu awunika u-Adamu no-Eva wawuhlangene nalokho okwakungenzeka ukuba babe ngabazali njengendoda nomfazi. Siyasho ukuthi umyalelo kaNkulunkulu wabantwana Bakhe wokuba bande bagcwalise umhlaba usamile namanje. Siyasho futhi ukuthi uNkulunkulu uyale ukuthi amandla angcwele okwenza abantwana kufanele asetshenziswe kuphela phakathi kwendoda nowesifazane abashade ngokusemthethweni njengendoda nomfazi.

Siyasho ukuthi indlela impilo yasemhlabeni edalwe ngayo imiswe nguNkulunkulu. Siyaqinisekisa ukuthi impilo ingcwele futhi nokuthi lobo bungcwele bubalulekile ngokuphathelene nohlelo lwaphakade lukaNkulunkulu.

Indoda nomfazi banomthwalo ongcwele wokuba bathandane futhi banakekelane ngokunjalo nabantwana babo. “Abantwana bayifa elivela kuJehova” (AmaHubo 127:3). Abazali banesibopho esingcwele sokukhulisa abantwana babo ngothando nangokulunga, sokubanika izidingo zabo zenyama nezomoya, futhi nesokubafundisa ukuthandana nokusizana, bagcine imiyalelo kaNkulunkulu, futhi nokuba bahloniphe imithetho yezwe labo noma yikuphi lapho behlala khona. Abayeni nabafazi—omama nobaba—kuyodingeka baziphendulele kuNkulunkulu mayelana nokufeza lezi zibopho.

Umndeni umiswe nguNkulunkulu. Umshado phakathi kwendoda nowesifazane ubaluleke kakhulu ngokuphathelene nohlelo Lwakhe lwaphakade. Abantwana banelungelo lokuzalelwa emshadweni, nokuba bakhuliswe ngabazali abahlonipha izifungo zomshado ngokwethembeka okuphelele. Injabulo empilweni yomndeni kunokwenzeka ibe khona uma inesisekelo sezimfundiso zeNkosi uJesu Kristu. Imishado nemindeni enempumelelo imiswa futhi igcinwe ngezimfundiso zokukholwa, umkhuleko, ukuphenduka, ukuxolelana, ukuhloniphana, uthando, ukuzwelana, ukusebenza ngokunjalo nezindlela ezinhle zokuziphumulela. NgokukaNkulunkulu, obaba kufanele bengamele imindeni yabo ngothando nangokulunga futhi banomthwalo wokondla imindeni yabo ngezidingo zempilo nokuyivikela. Omama banomthwalo omkhulu wokukhulisa abantwana. Kulemithwalo engcwele, obaba nomama banesibopho sokuba basizane njengabaganene abalinganayo. Ukukhubazeka, ukufa, noma ezinye izimo zingadinga kube noshintsho mayelana nalemithwalo. Ezinye izihlobo nazo kufanele zelekelele uma kunesidingo.

Siyexwayisa ukuthi labo abephula izivumelwano zobumsulwa, abaphatha kabi labo abaganene nabo noma abantwana, noma abehlulekayo ukufeza imithwalo eqondene nomndeni ngelinye ilanga kuyofanele baziphendulele phambi kukaNkulunkulu. Siyexwayisa futhi ukuthi ukuhlakazeka komndeni kuzoletha usizi olubikezelwe ngabaphrofethi basendulo nabamanje kumuntu ngamunye, emiphakathini nasezizweni.

Sinxusa zonke izakhamuzi nabaphathi zikhundla kohulumeni zonke izindawo ukuba bathuthukise leyo mizamo okuhloswe ngayo ukuba kugcinwe futhi kuqiniswe umndeni njengengxenye ebalulekile yesizwe.

Lesi simemezelo safundwa nguMongameli uGordon B. Hinckley njengengxenye yenkulumo yakhe ngoMhlangano oMkhulu weNhlangano yoSizo yabesiFazane owawubanjelwe eSalt Lake City ngomhlaka 23 kuSepthemba, 1995.