Wozani, Ngilandeleni
Ukufundisa, Ukufunda, nokuSebenzisa imiyalezo evela kwiNgqungquthela yeBandla Lonke
ImiGwamanda yamaGosa neziNhlangano zokuSiza kudlala indima ebalulekile emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa. Ngesikhathi semihlangano yabo yangeSonto, baxoxa ngokuthi bengazisebenzisa kanjani izimfundiso ezitholakala kwimiyalezo yengqungquthela yebandla lonke emizamweni yabo kulomsebenzi. Ubumongameli bomgwamanda wamaGosa nobumongameli beNhlangano yokuSiza bukhetha umyalezo wengqungquthela okuzofundwa ngawo emhlanganweni wangaleloSonto, kususelwa ezidingweni zamalungu nokuholwa okuvela kuMoya. Ngezikhathi ezithile, umbhishobhi noma umongameli wesikhonkwane nabo bengaphakamisa umyalezo. Ngokujwayelekile, abaholi kumele bakhethe imiyalezo evela kubuMongameli BokuQala nomGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili. Kepha, kungaxoxwa nganoma yimuphi umyalezo ovela kwingqungquthela yebandla lonke esanda kwenzeka.
Othishela bagxila ekusizeni amalungu asebenzise izimfundiso ezitholakala kwingqungquthela yebandla lonke. Abaholi nothishela bathola izindlela zokugqugquzela amalungu ukuba efunde imiyalezo ekhethiwe ngaphambi kwemihlangano.
Ukuthola olunye ulwazi ngemihlangano yomgwamanda wamagosa neNhlangano yokuSiza, bheka lokhu General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 8.2.1.2, 9.2.1.2, ChurchofJesusChrist.org.
Ukulungiselela Ukufundisa
Lemibuzo elandelayo ingasiza othishela ngesikhathi belungiselela ukusebenzisa umyalezo wengqungquthela yebandla lonke ngesikhathi befundisa. Uma kunesidingo, othishela babonisana nobumongameli bomgwamanda wamagosa noma ubumongameli beNhlangano yokuSiza ngesikhathi bedlinza ngalemibuzo.
-
Kungani ubumongameli bomgwamanda wamagosa nobumongameli beNhlangano yokuSiza bukhethe lomyalezo ukuba kuxoxwe ngawo na? Yini abathemba ukuthi amalungu azoyazi futhi ayenze emuva kokuxoxa ngalomyalezo na?
-
Isikhulumi sifuna amalungu aqonde ini na? Sifundisa yiphi imigomo yevangeli na? Lemigomo iphathelene kanjani nomgwamanda wamagosa wami noma iNhlangano yokuSiza yami na?
-
Isikhulumi sisebenzise yiphi imibhalo engcwele ukuseka umyalezo waso na? Ikhona yini eminye imibhalo engcwele engafundwa amalungu ijulise ukuqonda kwawo na? (Ungathola eminye kwizinezelo zalomyalezo noma kwisiHloko semiBhalo eNgcwele [scriptures.ChurchofJesusChrist.org].)
-
Yimiphi imibuzo engingayibuza engasiza amalungu adlinze futhi aphile izimfundiso ezitholakala kumyalezo na? Yimiphi imibuzo engabasiza ukuthi babone ukubaluleka kwalezi zimfundiso ezimpilweni zabo, emindenini yabo, nasemsebenzini weNkosi na?
-
Yini engingayenza ukumema uMoya emhlanganweni wethu na? Yini engingayisebenzisa ukwenza ngcono ingxoxo, kubandakanye izindaba, izifanekiso, umculo, noma ubuciko na? Yini eyenziwe yisikhulumi ukusiza amalungu aqonde umyalezo waso na?
-
Sikhona yini isimemo esenziwe yisikhulumi na? Ngingawasiza kanjani amalungu azizwe enesifiso sokuphila lezo zimemo na?
Amasu Omsebenzi
Ziningi izindlela othishela abangasiza ngazo amalungu afunde futhi aphile imiyalezo yengqungquthela yebandla lonke. Nazi izibonelo ezimbalwa; othishela bangaba namanye amasu angasebenza kangcono kumgwamanda wamagosa abo noma iNhlangano yokuSiza yabo.
-
Ukusebenzisa amaqiniso ezimpilweni zethu. Mema amalungu ukuba abuyekeze umyalezo wengqungquthela babheke amaqiniso angabasiza benze umsebenzi uNkulunkulu abanike wona ngamunye noma njengomgwamanda wamagosa noma njengeNhlangano yokuSiza. Ngokwesibonelo, yikuphi esikufundayo okungasisiza thina njengabasizi na? njengabazali na? njengamalungu afundisa ivangeli na? Ngabe lomyalezo uyithonya kanjani imicabango yethu, imizwa, kanye nezenzo na?
-
Xoxani ningamaqembu. Hlukanisa amalungu abe ngamaqembu amancane, futhi unikeze iqembu ngalinye ingxenye ehlukile yomyalezo wengqungquthela ukuba bayifunde futhi baxoxisane. Bese ucela iqembu ngalinye ukuba labelane ngeqiniso abalitholile nokuthi liphathelene kanjani nabo. Noma ungakha amaqembu akhiwe amalungu afunde izingxenye ezihlukene zomyalezo bese uyabayeka babelane bodwa ngalokho abakutholile.
-
Bheka izimpendulo zemibuzo. Mema amalungu ukuba aphendule imibuzo enjengale elandelayo mayelana nomyalezo wengqungquthela: Yimaphi amaqiniso evangeli esiwatholayo kulomyalezo na? Singawasebenzisa kanjani lamaqiniso na? Yiziphi izimemo nezibusiso ezazithenjisiwe esazinikwa na? Ngabe lomyalezo usifundisani ngomsebenzi uNkulunkulu afuna siwenze na? Noma akha imibuzo embalwa yakho egquqguzela amalungu ukuba acabange ajule ngomyalezo noma asebenzise amaqiniso afundiswayo. Vumela amalungu ukuthi akhethe umbuzo owodwa kulena futhi athole izimpendulo kumyalezo.
-
Abelanani ngezitatimende zomyalezo. Mema amalungu ukuba abelane ngezitatimende zomyalezo wengqungquthela ezibagqugquzelayo ukuba befeze izibopho zabo emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa. Bagqugquzele ukuba bacabange ngokuthi bangabelana kanjani ngalezi zitatimende ukuze babusise omunye, kuhlanganisa abathandekile kanye nabantu ababasizayo.
-
Abelana ngesifundo esisebenzisa okuthile. Ngaphambilini, mema amalungu ambalwa ukuba alethe izinto azithathe ekhaya angazisebenzisa ukufundisa ngomyalezo wengqungquthela. Ngesikhathi somhlangano, cela amalungu achazeukuthi lezi zinto zihlobene kanjani nomyalezo nokuthi usebenza kanjani ezimpilweni zabo.
-
Lungisa isifundo sokufundisa ekhaya. Cela amalungu esebenzisane ngababili ukuhlela isifundo sobusuku basekhaya esimayelana nomyalezo wengqungquthela. Bangaphendula imibuzo enjengalena: Singenza kanjani ukuthi imiyalezo ihambisane nemindeni yethu? Singabelana kanjani ngalomyalezo nabantu esibasizayo na?
-
Yabelanani ngenidlule kukho. Fundani ndawonye izitatimende eziningana ezithathelwe kumyalezo wengqungquthela. Cela amalungu abelane ngezibonelo ezisemibhalweni engcwele nasezimpilweni zabo ezikhombisa noma eziqinisa imfundiso efundiswa kulezi zitatimende.
-
Thola ibinzana. Mema amalungu acinge amabinzana kumyalezo wengqungquthela asemqoka kuwo. Bacele babelane amabinzana nokuthi bafundeni kuwo. Bacele babelane ngokuthi zibasiza kanjani lezi zimfundiso ukufeza umsebenzi weNkosi.
Ukuthola amanye amasu mayelana nokufunda nokufundisa imiyalezo yengqungquthela yebandla lonke, bheka “Amasu okuFunda nokuFundisa kwiNgqungquthela yeBandla Lonke.” (Chofoza “Amasu Okufunda” ngaphansi kwe “Ngqungquthela yeBandla Lonke” KwiNhlanganisela yoLwazi lweVangeli.)