Abantwana
Ukuphenduka Kuyisipho
Isipho sokuphenduka akusona isipho ongakwazi ukusibona noma ongasithinta. Esikhundleni salokho, yisipho ongasizwa. Lokhu kusho ukuthi uma senza iphutha, singapheduka bese sizwa ukuthula nenjabulo futhi.
UBaba wethu oseZulwini no Jesu Kristu bazohlezi besisiza njalo ukuze sikwazi ukuphenduka. Ake udwebe isithombe esizohambisana nalezi zindlela zokuphenduka.
Siyadabuka.
Sikhuleka kuBaba oseZulwini, simtshele ukuthi kwenzekeni, bese sicela usizo Lwakhe ukuze senze kangcono ngokuzayo.
Sicela uxolo bese sizama ukulungisa lokho okonakele.
Sizwa ukuthula bese sazi ukuthi sesixolelwe.