For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
IPhasika Lethu—iSidlo esiNgcwele
For the Strength of Youth March (Okwakha Intsha) ngoMashi 2026


UMyalezo waNyanga Zonke we For the Sthrength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2026

U-Eksodusi 12

IPhasika Lethu—ISidlo esiNgcwele

Kunokuxhumana phakathi kwePhasika lakudala kanye nesidlo sethu esigcwele samasonto onke.

intombazane

Umfanekiso ngu-Alyssa Gonzalez

Ngaphambi kokuba u-Israyeli wakudala ashiye ubugqila bawo eGibithe, bacelwa ukuba balandele imiyalelo ethile evela eNkosini ukuze ingelosi ebhubhisayo ibayeke, noma idlule phezu kwabo (bheka U-Eksodusi 12). Emva kokushiya eGibithe, abakwa-Israyeli babebanedili njalo ngonyaka, elalibizwa ngokuthi iPhasika, ukukhumbula ukuthi iNkosi yabakhulula abantu Bayo besivumelwano.

Ngesonto Lakhe lokugcina esesemhlabeni, uJesu Kristu wayekhona kwisidlo sePhasika. Leso sidlo manje sisibiza ngeSidlo Sakusihlwa Sokugcina. UMsindisi wasebenzisa leso sikhathi ukwethula isimiso sesidlo esingcwele, esibamba iqhaza kuso masonto onke. (Bheka NgokukaMathewu 26:26–28; NgokukaLuka 22:19–20; IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79.)

Nazi izixhumanisi ezimbili phakathi kwePhasika lokuqala, neSidlo Sakusihlwa Sokugcina seNkosi, kanye nesidlo esingcwele sanamhlanje okungasisiza sikhumbule ukukhululwa kwethu nguMsindisi.

insika yomnyango ngesikhathi sePhasika
Isidlo Sakusihlwa Sokugcina
Isinkwa kanye namanzi esidlo esingcwele

Isinkwa

IPhasika: izinsuku eziyisikhombisa, abakwa-Israyeli babedla isinkwa esingenamvubelo (esisheshayo ukwenzeka futhi nesingaboli kalula).

Isidlo Sakusihlwa Sokugcina: uJesu Kristu wabusisa futhi wahlephula isinkwa esingenamvubelo sePhasika, Wayesesinika abafundi Bakhe. Wabatshela ukuthi basidle bekhumbula umzimba Wakhe, ayewazi ukuthi maduze nje wawuzohleshulwa futhi ufe kodwa owawuzophinde uvuke futhi.

Isidlo esiNgcwele: Sidla isinkwa ukukhumbula umzimba kaJesu Kristu.

UJesu Kristu uyiSinkwa sokuPhila. Ngenxa yoVuko Lwakhe kwabafileyo, nathi sonke siyovuka nemizimba engenasici, engenakonakaliswa, nengafiyo. Uyasikhulula ekufeni.

Igazi leMvana

IPhasika: Imvu yePhasika yayingenasici, kwakwiyimvu enonyaka owodwa eyiduna. Yayibulawa, futhi igazi layo lalithelwa esitsheni. Ihiysopi (ikhambi) lalicobhozwa kuleso sitsha bese kugcotshwa ngalo igazi ensikeni yomyango ngaphandle. Lolu kwakuwuphawu lwangaphandle olwalukhombisa abantwana beNkosi besivumelwano ukuze ingelosi ebhubhisayo idlule phezu kwabo ukuze bakhululwe eGibithe.

Isidlo Sakusihlwa Sokugcina uJesu Kristu wasebenzisa iwayini ukuthi limele igazi Lakhe. Wabatshela abafundi bakhe ukuthi baliphuze bekhumbula igazi Lakhe, ayezolichithela bona ukuze bathole intethelelo yezono futhi njengengxenye yesivumelwano esisha.

Isidlo esiNgcwele: Siphuza amanzi sikhumbula igazi likaJesu Kristu.

UJesu Kristu uyiMvana kaNkulunkulu. Igazi Lakhe lachithwa lapho ezwa ubuhlungu ngenxa yezono kanye nobuthakathaka bethu. Igazi Lakhe—Umhlatshelo Wakhe—liyasihlanza. Uyasikhulula ezonweni.