UMyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoFebhruwari 2026
Ufuna Ukujabula Kakhulu? Zama Ukubonga
Uma impilo yakho igcwele izinguquko, ukubonga kungakusiza ukuthi ugxile ezintweni ezinhle futhi uhlale unethemba.
Umfanekiso owenziwe nguMaggie Stephenson
“You will never be happier than you are grateful.”
Njengawo lamazwi acashunwe kwinkulumo yeGosa uGary B. Sabin owamaShumi ayisiKhombisa esho, ukujabula kwakho kuncike kakhulu ekutheni ubonga kangakanani. Kuyawenza umqondo—uma ubonga, ugxila ezintweni ezinhle esikhundleni sezinto ezimbi.
Noma kunjalo, impilo ayihlezi ihamba njengoba silidele. Izinguquko ezingalindelekile zingakulethela ingcindezi, udabuke, noma ukhungatheke kunokuba ujabule. Kodwa uma izinto zinzima, ukubonga kungakusiza uhlale unethemba. Zama lezi zindlela ezintathu zokuletha ukubonga kakhudlwana empilweni yakho.
1. Funa Okuhle
Ngokuvamile, kunzima kakhulu ukubonga uma uzizwa sengathi untula okuthile. Kodwa yiziphi izibusiso okungenzeka uzishaye indiva ngokugxila kulokho ongenakho kunokugxila kulokho onakho na?
Njengoba ufuna okuhle empilweni yakho, ngokuhamba kwesikhathi kuzoba lula ukukuthola.
2. Bonisa Ukubonga Kumuntu Ophayo
Uma ubala izibusiso zakho, ungakhohlwa ukuthi zivelaphi.
Ukubonga uBaba oseZulwini ngezipho Zakhe—okubalwa kuzo nesipho seNdodana Yakhe—kungajulisa uthando lwakho nokholo lwakho Kuye. UMongameli D. Todd Christofferson, uMeluleki Wesibili kubuMongameli bokuQala naye uchaze wathi, “Ukuzizwa nokuzwakalisa ukubonga kuNkulunkulu … kusigcwalisa ukukhonza ngomuzwa wokuvuselelwa okujabulisayo,” okukulethela injabulo namandla futhi kusiza ubufakazi bakho buhlale buqinile.
3. Gxila kulo Isu likaBaba oseZulwini
Vele ukuba nokubonga akusho ukungazinaki izinto ezinzima empilweni noma ukuzizwa ujabule ngaso sonke isikhathi. Ngisho noJesu Kristu wabuzwa futhi wabuvuma ubuhlungu (bheka Alima 7:11; IMfundiso neziVumelwano 19:18–19). Ukudabuka kuyingxenye evamile yempilo yasemhlabeni.
Kodwa kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, yinye into engashintshi: yisu lomusa likaBaba oseZulwini. Lonke usizi nobuhlungu obhekana nabo empilweni kuzolungiswa ngenxa kaJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe (bheka IsAmbulo 21:4).
Igosa uDieter F. Uchtdorf womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili wachaza wathi: “Ukubonga ngezikhathi zengcindezi akusho ukuthi siyajabula ngezimo zethu. Kusho ukuthi ngamehlo okholo sibheka ngale kwezinkinga zethu zamanje.”
© 2026 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, February 2026. Zulu. 19935 783