For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Hamba Nami
For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoJanuwari 2026


Umyalezo waNyangazonke wephephabhuku For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJanuwari 2026

Hamba Nami

Indikimba yeNtsha ka-2026 izokusiza ukhumbule ukuthi uma uzigcina eduze noNkulunkulu, Yena uzohamba nawe—njalo.

UbuMongameli Jikelele bamaNtombazane

Kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: uTamara W. Runia, uMeluleki wokuQala; u-Emily Belle Freeman, uMongameli; kanye no-Andrea Muñoz Spannaus, uMeluleki wesiBili

Awuwedwa

Wake wacelwa ukwenza into ongakaze wacabanga ukuthi ungayenza na? Mhlawumbe wawuzizwa sengathi wawungenawo amandla enele noma wawungahlakaniphile ngokwanele, noma wawukhathazeke ngokuthi abanye babezokuhleka futhi bakugxeke. Uma wake wazizwa kanjena, awuwedwa.

Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, kwakunendoda okwakuthiwa ngu-Enoke. UNkulunkulu wacela u-Enoke ukuthi ashumayele ngokuphenduka kubantu—abanye babantu ababebabi kakhulu emlandweni womhlaba wonke.

U-Enoke wayengacabangi ukuthi wayengakwazi ukukwenza lokho. Watshela uNkulunkulu ukuthi wayesemncane kakhulu, kungekho muntu owayemthanda, futhi “[waye]namalimi” (bheka uMose 6:31).

Kodwa uNkulunkulu wanika u-Enoke isethembiso. Wayitshela lendoda eyayesaba ukuthi, “Hamba futhi wenze njengoba ngikuyalile” futhi “izintaba ziyokubalekela, nemifula iyoshintsha imizila yayo; futhi uyohlala kimi, nami kuwe; ngakho-ke hamba nami” (Mose 6:32, 34).

“Hamba nami.” Saze salula futhi sasihle lesi simemo.

UNkulunkulu wathembisa u-Enoke ukuthi uma wayezoba nesibindi ngokwanele ukuqala, uNkulunkulu wayezoba naye ngazo zonke izikhathi. UNkulunkulu wayezomenza u-Enoke abe namandla futhi amqinise ukuze enze okuningi futhi amsize abe ngaphezu kwalokho ayengakucabanga.

Elinye lamagama amaningi kaMsindisi ngu-Emanuweli, noma “uNkulunkulu unathi” (NgokukaMathewu 1:23). Kusegameni leNkosi futhi kuyimvelo Yayo ukuhamba nathi. Ukukhetha kungokwethu—ngabe nathi sizohamba Naye na?

Ezikhathini zanamuhla, sibukela ku-Enoke njengendoda yokholo futhi nomprofethi nomholi omkhulu. Kodwa ngaphambi kuka-Enoke umprofethi, kwakuno-Enoke owayesemncane owayezingabaza kodwa waqhubeka nokukhetha ukuhamba noNkulunkulu.

Lapho impilo inzima, ngesikhathi uzingabaza, khumbula isethembiso sikaNkulunkulu ku-Enoke, nakuwe. Uzohamba nawe. Akasoze akushiye, ngisho nakanye.

Emanuweli. UNkulunkulu unathi. UNkulunkulu unawe!

UbuMongameli Jikelele bamaNtombazane

UbuMongameli Jikelele baBafana

Kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: uDavid J Wunderli, uMeluleki wokuQala; uTimothy L. Farnes, uMongameli; kanye noSean R. Dixon, uMeluleki wesiBili

Ngosizo Lwakhe, Ungenza Zonke Izinto

Njengani zinsizwa, iNkosi yacela u-Enoke ukuthi afeze imithwalo yobupristi ebalulekile. Umsebenzi wakhe kwakuwuku shumayela ukuphenduka kubantu ababebabi. U-Enoke wazwakalisa ukungabaza kwakhe. Wathi, “Ngise ngumfana.” “Bonke abantu bayangizonda … nginamalimi; ngalokho-ke ngabe ngiyinceku yakho na?” (Mose 6:31.)

INkosi yaphendula ngamandla nangokumqinisekisa. “Hamba futhi wenze njengoba ngikuyalile. … Vula umlomo wakho, futhi uyogcwaliswa … . UMoya wami ukuwe … ; izintaba ziyokubalekela … ; ngakho-ke hamba nami” (Mose 6:32, 34).

U-Enoke wafunda ukuthi ngesikhathi iNkosi isinikeza umsebenzi, asibhekani nawo sisodwa. Ngesikhathi senza futhi sigcina izivumelwano noKristu, sihamba Naye futhi nathi siyazuza emandleni Akhe—siba yilokho akusebenzisayo ezandleni Zakhe.

Njengo-Enoke, unendima ebalulekile: ukusiza abanye, ukusiza ethempelini, ukuphatha isidlo esingcwele, ukufunda imibhalo engcwele, ukuliphila ivangeli, ukuphenduka, ukulungiselela ukuyokwenza umsebenzi wokuthunywa, nokunye. Kungazwakala kuqeda amandla. Ungazizwa uzingabaza. Kulungile. Akusikho okokuzenzela uwedwa. Kumayelana nokukhetha namhlanje—ngalolusuku nakuzo zonke izinsuku—ukuhamba noNkulunkulu.

Ngosizo Lwakhe, ungenza zonke izinto. Uzokuqinisa, akuthethelele, futhi akunike amandla angaphezu kwamandla akho emvelo. Uyakuthanda! NjengobuMongameli Jikelele baBafana, siyanithanda futhi silangazelela ukuhlanganyela nani ukuhlola indikimba eletha ugqozi yango-2026: “Hamba Nami.”

UbuMongameli Jikelele baBafana