UMyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoSepthemba 2025
UJesu Kristu UngoweziNsuku Ezinhle Futhi
Lapho izinto zihamba kahle, singahlala kanjani sigxile kuMsindisi? Nakhu ongakucabanga.
Cabanga nje uma umngani echitha isikhathi nawe uma edonsa kanzima kuphela futhi ekugwema uma bejabulile. Ubudlelwano obunempilo? Akunjalo empeleni.
Ngabe siyakwenza lokho kuMsindisi wethu—Simfune ezikhathini ezinzima futhi simkhohlwe ezikhathini ezimnandi na?
Sikhuluma kakhulu ngokuthi uJesu Kristu usisiza kanjani ezikhathini ezinzima, mhlawumbe ngenxa yokuthi wonke umuntu, ngesinye isikhathi, ubhekana nezinto ezinzima.
Kodwa zikhona ezinye izinsuku—amasonto noma neminyaka, uma sinenhlanhla—lapho izinto zihamba kahle kakhulu. Kwesinye isikhathi siyamkhohlwa uMsindisi ngalezo zikhathi. Abantu abakwiNcwadi kaMormoni benza njalo. Baphumelela ezibusisweni zikaNkulunkulu isikhashana kodwa ekugcineni baba izisulu zokuzazi lapho bemkhohlwa.
Izikhathi ezinhle azisho ukuthi ngokungazelelwe asisamdingi uJesu Kristu. Izikhathi zempumelelo ziyizikhathi eziphelele zokujabula noMsindisi, hhayi Ukumkhohlwa.
Ngakho-ke sihlala kanjani sixhumene noJesu Kristu kanye noBaba wethu oseZulwini lapho izilingo zingasikhumbuzi ukuthi siphendukele Kubo?
Hlala Uthobekile
Lapho izinto zihamba kahle, kuhle ukugubha izibusiso kanye nezimpumelelo zakho. Kepha ungakhohlwa ukuthi ubani okwenze ukuthi ukwazi ukuba lapho ukhona. INkosi uBenjamini yakubeka ngalendlela entshumayelweni yakhe eNcwadini kaMormoni:
“Ngokuba bhekani, asizona yini sonke iziceli na? Ngabe asincikile yini sonke kuye kanye lowo Muntu, ngisho uNkulunkulu, ngazo zonke izinto esinazo, ngokudla kanye nezingubo, kanye nangegolide, kanye nangesiliva, kanye nangayo yonke ingcebo esinayo enhlobonhlobo na?” (Mosiya 4:19).
Ukuthobeka ngempumelelo yakho ngokukhumbula lokho uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu abakwenzele kona kuyindlela enhle yokubafaka ezikhathini zakho ezinhle.
Hlala Ubonge
Ukubonga kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokuqeda ukuzazi nokukhohlwa. Ukubonga uNkulunkulu kuyokusiza ukuba umkhumbule kanye nakho konke okuhle Yena neNdodana yakhe abakwenzayo empilweni yakho. Lokhu kusebenza ezikhathini ezinhle njengoba kusebenza ezikhathini ezinzima.
Hlala Uqaphele
Okunye ukuhlasela kukaSathane akuthandayo uku-“bathulisa, futhi elokhu [eku]khohlisa ukuthi balondeke ngokwasenyameni” (2 Nefi 28:21). Ngamanye amazwi, angakuthanda uma uzizwa wanelisekile futhi ulondekile ezikhathini zakho ezimnandi uze ukhohlwe okubaluleke kakhulu. Ngakho-ke, ungamkhohlwa uNkulunkulu! Uma uhlala uwazi amaqhinga esitha futhi umelane nawo ngisho nangezikhathi zakho ezimnandi, ungahlala useduze noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.
The Good Shepherd [UMelusi Omuhle], nguMichael Malm
Hlala Ugxile KuKristu
UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa: “Lapho ukugxila kwezimpilo zethu kulele kwisu likaNkulunkulu lensindiso … nakuJesu Kristu nevangeli Lakhe, singezwa injabulo noma ngabe yini eyenzekayo—noma engenzeki—ezimpilweni zethu. Injabulo iqhamuka Kuye futhi ngenxa Yakhe. Ungumthombo wayo yonke injabulo.”
Ngabe ucabanga kangakanani ngobupristi kanye nomthelela wabo emplilweni yakho yansuku zonke? Lokhu akusona nje iseluleko esiduduzayo lapho izinto zinzima. Kuyiqiniso njalo, okuhlanganisa nezinsuku zakho ezinhle kakhulu. Ngakho-ke enza konke ongakwenza ukugxila kuKristu, woza kukubi noma kukuhle.
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly For the Strength of Youth Message, September 2025. Zulu. 19626 783