UMyalezo waNyanga-zonke weFor the Sthrength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2025
Siphila kanjani emhlabeni futhi “sibeke eceleni izinto zalomhlaba”?
The Disciples Whom He Had Chosen [Abafundi AyebaKhethile], nguCasey Childs
INkosi yathi, “Futhi ngiqinisile ngithi kuwe uyobeka eceleni zinto zalomhlaba, ufune izinto zomhlaba ongcono” (IMfundiso neziVumelwano 25:10). Lokhu akusho ukuthi singabe sisazinaka izidingo zethu zesikhashana nezibonakalayo, kodwa kusho ukuthi asizibeki izinhliziyo zethu kwingcebo, emandleni, esikhundleni noma ekuvunyelweni yizwe. Nazi izimiso esizifundiswe ngokuphila emhlabeni:
Beka izinto zikaNkulunkulu phambili. “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu, nokulunga kwakhe” (NgokukaMathewu 6:33). Ezinhliziyweni zethu nasezimpilweni zethu, imiyalelo kaNkulunkulu kanye nezivumelwano zethu Naye yizinto eziza kuqala kithi.
Funa ukufunda. “Njengoba ufunda ngomhlaba okuzungezile, funda futhi ngoMsindisi. … Lapho ufunda okwengeziwe, ungasiza ngokwengeziwe ukwakha umbuso kaNkulunkulu futhi ube nomthelela omuhle emhlabeni” (For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices [2022], 31, 32).
Umsebenzi. “Umsebenzi yisimiso esibalulekile sevangeli. Ukhuthaza ukukhula futhi uyasithuthukisa. … INkosi ayifuni nje kuphela ukuba sihlinzeke imindeni yethu kodwa ‘abantu mabazimbandakanye ngokukhuthala emsebenzini omuhle’ [IMfundiso neziVumelwano 58:27]” (“Umsebenzi,” Topics and Questions, Umtapo woLwazi weVangeli).
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe ngesiNgisi: 6/19. Ukuhunyushwa kweMonthly For the Strength of Youth Message, March 2025. Zulu. 19628 783