“UMose uMphrofethi,” Friend (Umngani) ngoMashi 2026,46–48.
Umlayezo waNyanga Zonke weFriend (Umngani) ngoMashi 2026
UMose uMphrofethi
UMose waye ngum-Israyeli, kodwa wakhuliswa indodakazi kaFaro eGibithe. UMose wadumala ukubona ukuthi abaseGibithe babenonya kubantwana bakwa-Israyeli kanye nokuthi babenza izigqila zabo.
Ngelinye ilanga uMose wabona owaseGibithe eshaya um-Israyeli. UMose wavikela um-Israyeli.
Ngesikhathi uFaro ethola, wayefuna ukubulala uMose, kodwa uMose wabaleka eGibhithe.
UMose wafika endaweni ebizwa ngokuthi iMidiyani, lapho wahlangana khona nentokazi ebizwa ngoSipora. Bashada baba nabantwana.
Ngesikhathi ehlala eMidiyani, uMose wabona isihlahla esasivutha, kodwa umlilo awusishisanga isihlahla. INkosi yavela emlilweni yakhuluma noMose.
INkosi yathi Yayazi ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babehlupheka eGibithe. Wayala uMose ukuba aphindele eGibithe atshele uFaro ukuba akhulule abantwana bakwa-Israyeli. INkosi yathi Izomsiza uMose akhulule abantwana bakwa-Israyeli futhi abaholele ezweni lesethembiso.
Ikhasi Lokufaka Imibala
Ngingaba noBubele kwaBanye.
Umfanekiso ka-Audrey Day. Ingakopishwa ukusetshenziswela eBandleni kuphela.
Ngabe yini ongayenza kulelisonto ezobonisa ububele?
© 2026 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kweMonthly Friend Message, March 2026. Zulu. 19938 783