“UNowa kanye noMkhumbi,” Friend(uMngani), NgoFebhruwari 2026, 46–48.
Umyalezo Wanyanga zonke we Friend (uMngani) ngoFebhruwari 2026
UNowa kanye noMkhumbi
UNowa nomndeni wakhe bayihlonipha iNkosi. Bonke abanye abantu babengalungile. INkosi yatshela uNowa ukuthi uzamcolo sasizomboza umhlaba uma abantu bengaphenduki.
UNowa watshela abantu ukuthi iNkosi iyabathanda futhi ifuna baphenduke babe nokholo kuJesu Kristu. Babengafuni ukulalela.
INkosi yatshela uNowa ukuba akhe umkhumbi omkhulu. Umkhumbi wawuyogcina umndeni kaNowa uphephile ngesikhathi sikazamcolo.
Umndeni kaNowa waletha ukudla emkhunjini. INkosi yaletha kuNowa okungenani izilwane ezimbili zazo zonke izinhlobo ukuba azifake emkhunjini. Kwabe sekuqala ukuna imvula.
Lana izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40. Uzamcolo wamboza umhlaba, njengoba iNkosi yayexwayisile.
Umndeni kaNowa nazo zonke izilwane emkhunjini bantanta ngokuphepha emanzini.
Kwathi kuphela uzamcolo, umkhumbi wahlala emhlabathini owomileyo. UNowa nomndeni wakhe bayibonga iNkosi ngokubavikela. INkosi yethembisa ukuthi ayisophinde ithumele uzamcolo emhlabeni futhi. Yathumela uthingo lwenkosazane njengesikhumbuzo sesethembiso Sayo.
Ikhasi Lokufaka Imibala
UkuLandela uMphrofethi kaNkulunkulu KuzongiBusisa
Umfanekiso owenziwe nguAudrey Day
Ngabe yini ongayenza ukulandela umphrofethi na?
© 2026 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, February 2026. Zulu. 19927 783