“U-Adamu no-Eva,” Friend (Umngani), ngoJanuwari 2026, 46–48.
Umyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani), ngoJanuwari 2026
U-Adamu no-Eva
U-Adamu no-Eva kwakungabantwana bokuqala bakaBaba oseZulwini ukuphila emhlabeni. Babehlala eNsimini yase-Edene.
UNkulunkulu wabavumela ukuba badle izithelo zazo zonke izihlahla ngaphandle kwesisodwa. Uma babedla esihlahleni sokwazi okuhle nokubi, kwakuyofanele beyishiye insimu futhi ekugcineni babeyokufa. Kodwa uSathane wakhuluma amanga kubo. Wathi uma babesidla isithelo, babeyokwazi okuhle nokubi kodwa babengeke bafe.
U-Eva wakhetha ukusidla isithelo.
Wabe esenikeza u-Adamu ingcosana yesithelo. Naye wakhetha ukusidla.
UNkulunkulu noJesu Kristu babavakashela, kodwa u-Adamu no-Eva babesaba futhi bacasha. UNkulunkulu wababuza ukuthi base besidlile yini isithelo sesihlahla.
U-Adamu no-Eva basho ukuthi basidla isithelo. Manje kwase kufanele bayishiye iNsimu yaseEdene. Kodwa uNkulunkulu wayenesu ngabo. Manje base bekwazi okulungile kokungalungile futhi base bengakwazi ukuba nabantwana.
U-Adamu no-Eva bathembisa ukuyihlonipha yonke imiyalelo kaNkulunkulu. Bafunda kabanzi ngeNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Bezwa injabulo ngoba Wayezosiza umndeni wabo ubuyele kuNkulunkulu.
Ikhasi Lokufaka Imibala
UJesu Wadala Umhlaba
Umfanekiso owenziwe nguAudrey Day
Yiziphi izinto ozithanda kakhulu ezadalwa nguJesu Kristu na?
© 2026 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, January 2026. Zulu. 19919 783