“AbaNgcwele Balibangisa eNtshonalanga,” Friend (Umngani) ngoDisemba 2025, 26–28.
Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi Friend (uMngani) ngoDisemba 2025
AbaNgcwele Balibangisa eNtshonalanga
Emva kokufa kuka Joseph Smith, uBrigham Young kanye nabanye abaPhostoli balihola iBandla. UBrigham Young wayazi ukuthi abaNgcwele kwakufanele bahambe eNauvoo ngoba kwakungaphephile. Kodwa iNkosi yayifuna ukuthi baqedele ukwakha ithempeli kuqala.
Kwathi lapho ithempeli selilungile, izinkulungwane zabaNgcwele zenza izivumelwano neNkosi futhi zabopha njengemindeni.
Manje-ke kwase kuyisikhathi sokuthi baqale uhambo lwabo olubheke entshonalanga. Isimo sezulu sasikubanda, futhi abantu babegula futhi belambile.
UBrigham Young wakhulekela usizo. INkosi yathi kufanele basizane, futhi Yona yayizobabusisa futhi ibasize.
Uhambo nokho lwalusenzima. Abanye abantu bafa. Kodwa ngenxa yezivumelwano zabo zasethempelini, abaNgcwele babazi ukuthi babezowabona futhi amalungu emindeni yawo.
AbaNgcwele bokuqala bafika esiGodini saseSalt Lake ngo-1847. Lapha babezokwazi ukukhonza iNkosi futhi benze nomsebenzi Wayo ngokuthula.
Ngokuhamba kweminyaka, abanye abaNgcwele bafika futhi bakha amanye amathempeli. Abafundisi bevangeli bahamba umhlaba wonke beyofundisa ivangeli likaJesu Kristu. IBandla likaMsindisi laqhubeka nokukhula, libusisa abantwana bakaBaba oseZulwini izindawo zonke.
Ikhasi Lokufaka Imibala
UngukuKhanya, ukuPhila, neThemba loMhlaba
Umfanekiso nguCorey Egbert
Ngabe yini oyenzayo ngoKhisimusi ukukhumbula uJesu Kristu na?
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, NgoDisemba 2025. Zulu. 19637 783