2025
UJane Manning uHamba Uya eNauvoo
Ngo-Okthoba 2025


“UJane Manning uHamba Uya eNauvoo,” UMngani, ngo-Okthoba 2025, 26–28.

Umyalezo Wanyanga Zonke we UMngani, ngo-Okthoba 2025

UJane Manning uHamba Uya eNauvoo

Indoda ibhabhadisa uJane Manning endaweni engaphandle

Lapho uJane Manning ayehlala khona, abanye abantu babengamphathi kahle ngenxa yombala weskhumba sakhe. Ngelinye ilanga, wezwa isithunya sevangeli sifundisa. Maduzane wabe esebhabhadiswa.

UJane nomndeni wakhe beme osebeni eduze kwesikebhe

Umndeni kaJane nawo wabhabhadiswa. Wonke wawufuna ukuba nabaNgcwele eNauvoo. Ngalokho baluqala uhambo lwabo.

UJane nomndeni wakhe bephethe izikhwama futhi bebuka isikebhe sihamba emfuleni

Umndeni kaJane wawufuna ukuhamba ngesikebhe ingxenye yohambo, kepha wawungenayo imali eyanele. Ngakho-ke kwakumele bahambe amamayela angama-800 (1,300 km).

UJane noMndeni wakhe uhamba ngezicathulo ezigugule kanye nezingubo ezinodaka

Kwakumele bawele umfudlana ojulile futhi balale ngaphandle emakhazeni. Kepha babephikelele ukufika eNauvoo. Bazijabulisa ngokucula ngesikhathi behamba.

UJane esonga unyawo lendoda ngebhandishi

Umndeni kaJane wahamba izicathulo zaze zadabuka futhi izinyawo zabo zaba buhlungu. Kepha ngesikhathi bekhulekela kuNkulunkuluukuba abasize, Welapha izinyawo zabo.

Iqembu labantu libuka uJane nowesifazane ophethe umntwana ogulayo

Babesiza abantu ababehlangana nabo ohambweni labo. Baze basiza ukwelapha umntwana ogulayo ngenxa yokholo lwabo.

UJane esingatha u-Emma Smith noJoseph Smith emamatheka

Ekugcineni, uJane kanye nomndeni wakhe bafinyelela eNauvoo! Ngesikhathi uJoseph Smith ezwa konke ababebhekane nakho, watshela uJane, “uNkulunkulu akubusise. Uphakathi kwabangani manje.”

Ikhasi Lokufaka Imibala

UJesu Ufuna Ukuba ngiThande Wonke Umuntu

IPDF yekhasi lokufaka imibala labantwana ababili behleli ndawonye esihlalweni

Umfanekiso nguCorey Egbert

Ulukhombisa kanjani uthando kwabanye?