“Ukwakha iNauvoo,” Friend (Umngani), ngoSepthemba 2025, 26-28.
UMyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi Friend (Umngani), ngoSepthemba 2025
Ukwakha iNauvoo
INkosi yatshela abanNgcwele ukuthi bahlanganyele endaweni entsha. Yayiseduze nomfula omkhulu, lapho umhlaba wawumanzi futhi unodaka. Yayingabukeki njengendawo elungile yokwakha idolobha. Kepha uMprofethi uJoseph Smith wayazi ukuthi ngosizo lweNkosi, babengayenza ibe yinhle.
AbaNgcwele basebenza kanzima ukwenza kube yindawo enhle yokuphila. UJoseph wayibiza ngokuthi iNauvoo, okusho “indawo emamathekayo.”
INkosi yafuna abanNgcwele Bayo ukuba bakhe ithempeli eNauvoo. Abantu basebenza ngokushesha.
INkosi yayinezibusiso ezinkulu zokupha abantu Bayo. Ethempelini, babezokwenza izivumelwano, noma izethembiso ezikhethekile, neNkosi. Babezofunda futhi ngesu likaBaba oseZulwini lenjabulo yabo bonke abantwana Bakhe.
AbaNgcwele basebenza kanzima ukuze balakhe ithempeli. Kwathatha isikhathi eside, kodwa babejabule ukufunda ngezithembiso ezikhethekile iNkosi eyayibabekele zona ethempelini Layo.
Ikhasi Lokufaka Imibala
IThempeli Liyindlu yeNkosi
Umfanekiso nguCorey Egbert
Uzizwa kanjani lapho ubona ithempeli na?
© 2025 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke amalungelo agodliwe. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sishicilelwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly Friend Message, September 2025. Zulu. 19640 783